Sunday, July 17, 2016

Ukudla komphefumulo noMfuñdisi Bheki Buthelezi

Izwi leNkosi KwabaSEKOLOSE 3:1-3 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;

Okubalulekile kulelizwi yilokhu;

I Kolose yindawo noma yidolobha lapho uPawula washumayela kwazaleka abazalwane.
Amabandla amaningi wayebhalela izincwadi edlulisa ngazo imiyalezo ebalulekile.
Nakulendawo wabhalela ibandla lalkhona eleluleka.
Ngifisa sibuke kafushane izeluleko zakhe sufunde kuzo.
1. Uma navuswa kanye noKristu..
Bonke abasebekholwa uyabakhumbuza ukuthi bavusiwe kanye noKristu.
Kungani esho kanjena u Pawuli? Yingoba ufuna bazi ukuthi babekade befile ngenxa yesono. Isono siyabulala uma umuntu engaphenduki. Ku Johani 10 vesi 9 uJesu uthi isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa.
EKolose bayakhunjuzwa ukuthi noma babekade befile ngenxa yeziphambeko sebevusiwe ngenxa yokwamakela uKristu.

2. Okwesibili uPawuli uthi "Nakani okwaphezulu...."
Uxwayisa abazalwane ngokunaka. Into oyinakile yiyo ekubusayo. Kunabantu abakholwayo kodwa abanganaki. Abantu abaningi balimele ngenxa yokuthi abananki.
Lapha ke sikhunjuzwa ngokunaka okwaphezulu.
Ukunaka okwaphezulu kusho ukunaka izinto ezininka uNkulunkulu udumo. Ukunaka ukuthi uyaya enkonzweni, uyasebenza ebandleni okulo, uyabanakelela abampofu.

3. Funani okwaphezulu....lapho ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu."
Ukuphila kwakho kufihliwe noKristu. Lokhu kusho ukuthi izinto ezikuhlaselayo ngeke zibe namandla phezu kwakho ngoba wena ufihliwe kuKristu. Into efuna ukukwehlula kumelwe yehlule uKristu kuqala.

Amen!

Apostle BM Buthelezi
Zoe Christian Fellowship
Cell. 082 7546476

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...