Thursday, July 14, 2016

Kuthiwa lizomela i EFF ikhansela elaxoshelwa ukweba yi ANC

Ikhansela elaba ngundaba mlonyeni eminyakeni edlule ngecala lokweba isithwalampahla phecelezi i Container kamasipala uMnu Lukha Nxumalo nowamiswa yi ANC emva kokulahlwa yilelicala, kubikwa usekuqembu le EFF nelifolose ngaye kwesokuba ikhansela kuwadi 11.

Lelikhansela elamiswa emisebenzini ethinta u ANC laqhubeka nokusebenza njengekhansela emkhandlwini wasoPhongolo nalapha umasipala wasoPhongolo wazithethelela ngokuthi akukho kumthethosisekelo kwawo ukumcosha kwazise akagwetshwanga ukuyobhadla ejele.

Sisekuzo ezithinta leliwadi lowo owayesekela lika sihlalo we ANC kulesigceme uMnu Sizwe Mavimbela kuthiwa uzomela iqembu le IFP nakuba abalandeli baleliqembu kuthiwa bashayamakhala ngokuthiwa chwa kwelenyoni uMavimbela ekubeni efika kuleliqembu nokuthiwa abazitholanga izimemo mhla ekhethwa njengozomela leliqembu okhethweni lohulumeni basekhaya nolusemavikini amabili azayo.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...