Umuntu uza emhlabeni ngecebo likaNkulunkulu. Uma efika usuke ezokwenza lokho akuthunyiwe noma akuphathisiwe.
Isiqiniseko sokuthi umuntu uphathisiwe nguJehova ubona ngohlobo lwezimpi abhekana nazo.
UDavide wathi ekade eqeda ukubulala uGoliyathi wavukelwa yinkosi uDawule. UJerrmiya wathi eqeda ukuprofetha wavukelwa ngu Phashuri.
UJesu uqobo naye eqeda ukuzethula wavukelwa ngabaFarisi nabasadusi.
Zintathu izimpi ezimqoka ezibhekana nomuntu ophathisiwe noma othanda uThixo.
1. Ubhekana nabakugxekayo.
2. Ubhekana nokukhathazeka.
3. Yimpi yangapha noma evuka kosondelene nabo.
Usathane uvusa ubutha ebandleni noma emndenini. Bakuzondr sibe singekho isizathu.
Ungakhohlwa yilokhu, izinja ziyathanda ukugijimisa imoto ehambayo, emiyo ziyachamela.
Isihlahla esinezithelo sijikijelwa ngabafuna izithelo zaso.
Wena uphathisiwe nguThixo.
Ikhambi lakho, thula uJohava uzokulwela. Amen
Apostle BM Buthelezi
Zoe Christian Fellowship International
Cell. 0827546476
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
-
Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqoth...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
No comments:
Post a Comment