Thursday, July 28, 2016

Ukhala ngokunganakwa umphakathi wakwaNhliziyo kayiqhaqhwa

Umphakathi wasesigodini sakwaNhliziyokayiqhaqhwa noma waseHlathini okuyisigodi esakhelwe inkosi yakwaSimelane endaweni yakwaShoba oPongolo khala ngokunganakwa ngezinto ezithinta intuthuko.

Lomphakathi omizi ebalelwa kwengaphezu kwamashumi amabili sesiside isikhathi ukhala ngokunganakwa abaholi bomphakathi kanjalo nekhansela lendawo. Ezintweni okukhalwa ngazo ukuthi nakuba inkantolo yesizwe isendaweni kodwa aawutshelwa lutho uma kuzoqashwa bantu ngamatoho avelayo, ngo2012 owayenguNgqongqoshe wezolimo uMnu Meshack Radebe wanikela ngamathanki amanzi endaweni yakwashoba zanikwa zonke izigodi koda lesi sanganikwa.

Lomphkathi ubuye wakhal ngokuthi ikhansela lendawo aulzi nangokhalo ubulicele emhlanganweni labika indlela langenza. Kubikwa ukuthi umgwao wagcina ukulungiswa kusaphethe ikhansela uMathabela ngo 2010.

Lomphakathi uthi ufuna induna yawo ezobika kuyo izikhalazo zawo.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...