Sunday, July 31, 2016

Ayaqala acobela kufalaza amaqembu ezepolitiki namuhla.

Amaqembu ezepolitiki aqalile ukuzitholela amavoti namuhla njengoba kuwusuku lokuqala lokhetho lohulumeni bezindawo.

Namuhla kanjalo nakusasa kuzoba kuvota labo ababhalisela ukuvota okukhethekile okungabe kudalwa ukuthi banezimo zezempilo ngabe ukugula noma ukukhubazeka kanjalo nalaba abayizakhumuzi zakuleli kepha ezikwamanye amazwe.

Sekuyothi ngolwesithathu kube ukhukhulela ngoqo wokhetho nalapha kuyothi kusa ngolwesine ebe sesaziwa amaqembu adle kusuka esigcemeni kuze kuyoshaya lumkhandlu wesifunda.
Lolukhetho luthathwa njengolukhulu kunazo zonke ezake zaba khona selokhu lelizwe lathola intando yeningi kwazise maningi amaqembu ancintisanayo kulolu.

Friday, July 29, 2016

Iphinde yahamba ekamabuyaze i NFP

Aphele nya amathemba okuthi izoba sokhethweni ngeviki elizayo ngolwesithathu emva kokuthi iphinde yayichitha unkantolo yokhetho ngesicelo sayo sokucela ukuba ingxenye yokhetho emva kokungakhokhi ngesikhathi imali ekhokhwa amaqembu uma kuzoba nokhetho.

Ngokombiko abammeli benhlangano esingethe ukhetho i IEC bathe akukho okungenziwa njengoba umthetho umile kanti futhi ukuwuchibiyela kobe kusho ukuthi akuzukuvotwa ngeviki elibuyayo kwazise sekuqedwe zonke izinsiza esizosentshenziswa okufaka ohakathi namaphepha okuvota.

Ingwijikhwebu ngokubuya ke Swallows

Emva kwegidigidi lenjabulo kubathandi beqembu le Moroka Swallows emva kokuvela kwezindaba zokuthi lithenge isitifiketi se Free State Stars izolo balale izihlathi zibuyele endaweni emva kwesitatimende esikhishwe iPSL sokuthi cha bekungamampunge ukudayiselana okukulamaqembu.

Evikini eledlule uSihlalo webhodi elingamele iPSL uDokotela Irvin Khoza wagxeka indlela loludaba oluputshuke ngayo nalapha athi bekumele uMnu Panyaza Lusufi angaqale eyikhulumele eziko lendaba nabamnika bemnik umbandela wokuthi kuthi kushaya ulqesihlanu ebe eseukhokhile u 55 Million wamaRandi nokuthiwa kwadayiselwana ngawo nokugcine kungenzekang.

Ziningi ezizothiba emgwaqeni ngenxa yesiteleka

Abashayeli bezimoto banxuswa ukuba bathelele nasezigujini uphetholo ngenxa yesiteleka senyunyana yabasebenzi i Ceppwawu esiqale izolo.

Lesitelek sabasebenzi abasebenza ezimbonini ezikhiqiza uphethilolo nokunye okungamakhemikhali kulindeleke sidonse kuze kushaye iviki elizayo ngenxa yokungaboni ngaso linye ngendaba yamaholo nokubikw ukuthi ingathi abaqashi bafuna kubuyekezwe izingxoxo.

Thursday, July 28, 2016

Ukhala ngokunganakwa umphakathi wakwaNhliziyo kayiqhaqhwa

Umphakathi wasesigodini sakwaNhliziyokayiqhaqhwa noma waseHlathini okuyisigodi esakhelwe inkosi yakwaSimelane endaweni yakwaShoba oPongolo khala ngokunganakwa ngezinto ezithinta intuthuko.

Lomphakathi omizi ebalelwa kwengaphezu kwamashumi amabili sesiside isikhathi ukhala ngokunganakwa abaholi bomphakathi kanjalo nekhansela lendawo. Ezintweni okukhalwa ngazo ukuthi nakuba inkantolo yesizwe isendaweni kodwa aawutshelwa lutho uma kuzoqashwa bantu ngamatoho avelayo, ngo2012 owayenguNgqongqoshe wezolimo uMnu Meshack Radebe wanikela ngamathanki amanzi endaweni yakwashoba zanikwa zonke izigodi koda lesi sanganikwa.

Lomphkathi ubuye wakhal ngokuthi ikhansela lendawo aulzi nangokhalo ubulicele emhlanganweni labika indlela langenza. Kubikwa ukuthi umgwao wagcina ukulungiswa kusaphethe ikhansela uMathabela ngo 2010.

Lomphakathi uthi ufuna induna yawo ezobika kuyo izikhalazo zawo.

Wednesday, July 27, 2016

Ingene kweyandulela eyamanqamu e Champions League iSundowns

Iqembu le Mamelodi Sundowns lilokhu liqhubekile njalo nouphephezelisa ifulege laseNingizimu Afrika emidlalweni ye Caf Champions league

Leliqemb lasePitoli izolo ebusuku lizibekle indawo emva kushaya iqmbu laseGibhithe i Zamalek ngo 1-0 nokube umkhonto ogazekhaya usuyophel umdlalo.

ISundowns igila lezimanga kuleidlalo emva kokubuyiselwa emva kokuthi iqembu le AS Vita club elabakhipha kweyandulela eyamaqoqo latholakala lidlalise umdlali ongagunyaziwe ukudlala nokwaholela ekutheni kufakwe iSundowns esikhundleni saleliqembu laseDRC.

Thursday, July 21, 2016

Kubukeka sekusele umndondo ku NFP ngokhetho

Umbiko wesikhulu sezokhetho uMnuzane Mawethu Mosery sokuthi alikho igama le NFP emaphepheni agayiwe okuzovotwa ngawo kuwaqede nya amathemba kubalandeli baleliqembu okuthi lizoke lingene okhethweni lomasipala oluzobanjwa ekuqaleni kwenyanga ezayo

Nakuba lingakadikibali emzameni wayo wokuthi lingene ngembobo yenalithi kulolukhetho kodwa izinkomba zibukeka sekusele umndondo ngoba sekukaningi ichithwa yinkantolo esicelweni sayo sokuncikiswa.

Wednesday, July 20, 2016

Kuzoba nolukhulu ushintsho lwezitulo zamakhansela kumasipala wasoPhongolo

Ukuhluleka ukukhokha imali yokungenela ukhetho kqeqembu le NFP kuzodala olukhulu ushintsho komasipala ikakhulukazi laba abaphethwe ngokubambisana yiNFP ne ANC okufaka nomasipala wasoPhongolo.

Ngonyaka ka 2011 kumasipala wasoPhongolo wanqotshwa yiqembu le ANC ngokudla amawadi ayisikhombisa nokwayilethela amakhansela okwengeza amane nokwathi i NFP yanqoba amawadi amane nokwayengezela amakhansela okwengeza amane nokwathi kusahambe izinsukwana washiya owayeyikhansela layo nokwathi masekuphindwa kwanqoba iqembu le IFP nokwalikhuphulela izihlalo ezaba u 8 ngenxa yokunqoba amawadi amane.

Kulonyaka kulindeleke ukuthi umjaho ube phakathi kwe ANC ne IFP oPhongolo kwazise abalandeli be NFP bazobe bewafaka labathanda khona amavoti, kulindeleke ukuba neqembu le DA lizibonakalise kwazise ngo2011 lathola isihlalo esisodwa.

Njengoba neqembu le EFF lingenisile ezweni kanjalo nasoPhongolo kulindeleke ukuba mhlawumbe kungenzeka lenze kahle. Izihlalo zizokwanda kulomasipala njengoba kunewadi elisha ceke nokubonakala amaqembu aningi eligaqele.

Tuesday, July 19, 2016

Hlakanipha ngemali yakho no Nhlanhla Dlamini

Hlakanipha ngemaliyakho kungumhla 20 July 2016.

Angiqale ngibingelele abathandi be Npg newsblog.
Ngenkathi edlule ngathembisa ukuthi sizoke sibheke kabanzana ngemikhiqizo ekhiqizwa eningizimu afrika uma iqhathaniswa nowoyela oyiskhondlakhondla somkhiqizo emhlabeni jikelele.

Kukhona lento esiyibiza ngesdingo phecelezi(need) besekubakhona lento seyibiza ngezimfuno(want),So ke mfokaluvuno ngizothi mangibheka lemkhiqizo ngibheke ukuthi yakhani bese sibuka lomkhiqizo ukuthi uphenduka ube ikhuphi phakathi kwama needs nama wants.iSouth Afrka idume ngokuba nama resources abalulekile afana negolide,Platnum amalahle kanye nokunye.into ke ekhandwa igolide kungaba ubucwebe obune value ekhulayo unyaka nonyaka.nkingake ekhona umkhiqizo okhona usesgabeni sama want.ingakho ungekho kudemand.

So ke lento okuthiwa ineed,into esingeke siphile ngaphandle kwayo okuwo woyela(oil).uwoyela wona usinika izinto ezithi aziba Ningana ezifana no Petrol,Deasel nokunye nokunye.so ke lento engikhulume ngayo okuyi demand inkulu,futhi mewungekho wona sizobona ukunyuka kwezinto.amazwe ke awu khiqizayo singabala o Kenya,Libia,Nigeria kanye ke nako Iraq.so ingcindezi ekhona kuma wants product uma mnhlaphe kuphazamiseke umkhiqizo,kungaba iziteleka mhlampe ko Anglo American companies,kuthi mekusombululeka neyonkinga bese sithola amandla egolide ku JSE ishare price yehlile okuyinto ehlukayo kunowoyela wona okuthi nje kungaphazamiseka umkhiqizo,bese isupply yawo ibe idemand lokho okuholela ekutheni lokhu okuncane okukhiqizwayo kunyuke intengo,sikubonile kwezeka ngenkathi kunezinxushunxushu eLibia,sikubonile e Iraq.

Kushukuthithi kumhlali wase Ningizimu Africa?nathi siyiningizimu Africa sinalento esiybiza phecelezi I GDP(Gross domestic Products)imikhiqizo ephumayo eningizimu Africa iye kwamanyamazwe.uma lomkhiqizo ukwi demand wandisa imali engenayo kithi njengezwe okwandisa nama nani kwi CURRENT ACCOUNT-okuynani lemkhiqizo ephumayo kususwe inani lemikhiqizo engenayo.umake inani lemikhiqizo enganayo ledlula elemikhiqizo ephumayo la Eningizimu Africa ngiye ngithi ke mina sisuke sisebugqileni akuhlukile nangeskhathi sobandlululo ngoba sisuke sesingenzi nzuzo njengezwe kodwa sisuke sikhipha IMALI ESINAYO sithenga kuphela sesingathengisi,

Ikhona ke lokho okubese uzwa futhi kuthiwe iRand liphelelwe amandla.yikho futhi okwenza kuthiwe izwe lifakwa nako Junk Status eskhulume ngaso ngesonto eledlule,yikho okwenza Imali engaphakathi ezweni  ilokhu ijika jika iphinde iphuma,utholukuthi imali yaseningizimu isengaphandle ifana nemali eboshiwe.uma kesifuna ukuyibuyisa sidayisa imikhiqizo EMAZWENI bese leyo mikhiqizo ibuyisa leyo mali yethu.

uma iRand liphelelwe ngamandla,ilona leli okuthengwa ngalo uwoyela esibuye siwethe,bese uzwa kuthiwa uPetrol ukhuphukile amatekisi enyuse imali yokugibela,uzwe izinkampani sezithi seziyadiliza,kwande abangasebenzi,abasebenzalo bebanjwe inkunzi bethathelwe abanakho,ngoba lento akekho onga affecteki.uma kuthinteka umakhelwane “you will suffer those quensequencies ”.

Siyini isisombululo?Lapho ke njalo mfundi we NPG newsblog nawe mthiyane kwiqembu elisuke libusa kubalulekile lenze amapolicies okuhweba avune izakhamuzi,ukuze phela imali ingezophuma iye ko Ethopia,Mozambikwe,Zimbabwe,Swaziland,America ozakhamuzi zakhonae sinazo la eningizimu Africa.UHulumeni onomsebenzi wokwenza ama agreement okuthi izinkampani kanye nabanamakhono bazitholele amathuba emazweni angaphandle ze kuthi uma bebuya naleyo mali beyi spenda lapha kwandise umnotho kukhululeke imali eyaphuma.

Isikhathi siyahlupha yimi uwe.ofuna ulwazi 0724770536 ino kaNHLANHLA DLAMINI.

Monday, July 18, 2016

Ukhala ngokuboshelwa amanqina enyathi uMgcinimafa we NFP

UMgcinimafa weqembu le NFP uMnu Xolani Ndlovu uthi akulona iqiniso ukuthi akayikhokhanga imali ngoba ephambanise izinsuku zokukhokha njengba kwabika uNobhala jikelele waleliqembu uSolwazi Nhlanhla Khubisa.

Ngokwesitatimende esikhishwe uNdlovu nongaziwa ukuthi ubhace kuziphi izinkalo isizathu esamenza engakhokhi uthi wasesatshiswa ngokubulawa kwazise wase ethengelwe izinkabi. UNdlovu ubika ukuthi selokhu aqokelwa kulesisikhundla akubangnandi kwabaningi yingakho ebezithola enengcindezi yokwenza umsebenzi walesisikhundla esashiywa ngu Nkosikazi Helen Vice naye ekhala ngempatho engeyinhle kubuholi.

Nakuba sekusabalele imibiko ethi ukhonjwa eNamibia lapha abhace khona odwa yena uthe usesekhona lapha eNingizimu Africa lapha ebhace khona nomndeni wakhe.


Sunday, July 17, 2016

Ukudla komphefumulo noMfuƱdisi Bheki Buthelezi

Izwi leNkosi KwabaSEKOLOSE 3:1-3 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;

Okubalulekile kulelizwi yilokhu;

I Kolose yindawo noma yidolobha lapho uPawula washumayela kwazaleka abazalwane.
Amabandla amaningi wayebhalela izincwadi edlulisa ngazo imiyalezo ebalulekile.
Nakulendawo wabhalela ibandla lalkhona eleluleka.
Ngifisa sibuke kafushane izeluleko zakhe sufunde kuzo.
1. Uma navuswa kanye noKristu..
Bonke abasebekholwa uyabakhumbuza ukuthi bavusiwe kanye noKristu.
Kungani esho kanjena u Pawuli? Yingoba ufuna bazi ukuthi babekade befile ngenxa yesono. Isono siyabulala uma umuntu engaphenduki. Ku Johani 10 vesi 9 uJesu uthi isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa.
EKolose bayakhunjuzwa ukuthi noma babekade befile ngenxa yeziphambeko sebevusiwe ngenxa yokwamakela uKristu.

2. Okwesibili uPawuli uthi "Nakani okwaphezulu...."
Uxwayisa abazalwane ngokunaka. Into oyinakile yiyo ekubusayo. Kunabantu abakholwayo kodwa abanganaki. Abantu abaningi balimele ngenxa yokuthi abananki.
Lapha ke sikhunjuzwa ngokunaka okwaphezulu.
Ukunaka okwaphezulu kusho ukunaka izinto ezininka uNkulunkulu udumo. Ukunaka ukuthi uyaya enkonzweni, uyasebenza ebandleni okulo, uyabanakelela abampofu.

3. Funani okwaphezulu....lapho ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu."
Ukuphila kwakho kufihliwe noKristu. Lokhu kusho ukuthi izinto ezikuhlaselayo ngeke zibe namandla phezu kwakho ngoba wena ufihliwe kuKristu. Into efuna ukukwehlula kumelwe yehlule uKristu kuqala.

Amen!

Apostle BM Buthelezi
Zoe Christian Fellowship
Cell. 082 7546476

Friday, July 15, 2016

Ithi abadibane ngale kwegquma no Mabulu indodana ka Zuma

Indodana kaMongameli wezwe endala uMnu Edward Zuma uthi usacela ubayeke nomdwebi wezithombe u Ayanda Mabulu osanda kuzamazamisa izwe ngombalo aqeda kuwukhombisa oveza uMongameli wezwe ekhotha elinye ilunga lomndeni wakwa Gupta izinqa neminye elulaza isithunzi sikaMongameli.

 Ngokodala olukhishwe yipheohandaba iSolezwe indoda ka Mongameli ithi akukho okungenziwa ngaphandle kokuthi uMabulu ashaywe ngoba kuyacaca ukuthi wakhula izinsizwa zingekho ngakubo.

Bekusiphuka izidindi emidlalweni ebibekwe yi ANC kuwadi elisha oPongolo

Bekuqhuma amatsamaya, amashibobo kukhale isisefo emidlalweni ebihlelwe yinhlangano ka ANC ehambisana nokukhankasa ebiyenzeka ku wadi 15 oPongolo nokuyi wadi elisha.

Lemidlalo yebhola lezinyawo ibiyenziwe u ANC ngaphansi komkhankaso wokunqoba ukhetho lohulumeni basekhaya nalapha lenhlangano ifolose ngomakadebona wayo uMunu Scgino Myeni.

Lemidlalo ebihambisana nejezi elisha ceke kozonqoba bese kuthi ophume indawo yesibili ethole inkulungwane yamaRandi ihambe kanje imidlalo isiyonke.

1.GERMANY 3-1 LIVERPOOL
 2.COPE 1-0 ARSENAL
3.RANGERS 1-0 ARGENTINA
4.TIGERS 1-0 BLACK POISON
5.SCORPION 1-1 JUVENTUS. SCORPION singobe ngo 5-4 kumaphenathi.

6.COPE 1-1 GERMANY . COPE inqobe ngo 5-4 kumaphenathi

Eyandulela eyamanqamu
TIGERS 0-0 RANGERS . RANGERS inqobe ngo 8-7 kumapenathi

COPE 2-1 SCORPION


.FINAL
 RANGERS 2-0 COPE


Thursday, July 14, 2016

Kuthiwa lizomela i EFF ikhansela elaxoshelwa ukweba yi ANC

Ikhansela elaba ngundaba mlonyeni eminyakeni edlule ngecala lokweba isithwalampahla phecelezi i Container kamasipala uMnu Lukha Nxumalo nowamiswa yi ANC emva kokulahlwa yilelicala, kubikwa usekuqembu le EFF nelifolose ngaye kwesokuba ikhansela kuwadi 11.

Lelikhansela elamiswa emisebenzini ethinta u ANC laqhubeka nokusebenza njengekhansela emkhandlwini wasoPhongolo nalapha umasipala wasoPhongolo wazithethelela ngokuthi akukho kumthethosisekelo kwawo ukumcosha kwazise akagwetshwanga ukuyobhadla ejele.

Sisekuzo ezithinta leliwadi lowo owayesekela lika sihlalo we ANC kulesigceme uMnu Sizwe Mavimbela kuthiwa uzomela iqembu le IFP nakuba abalandeli baleliqembu kuthiwa bashayamakhala ngokuthiwa chwa kwelenyoni uMavimbela ekubeni efika kuleliqembu nokuthiwa abazitholanga izimemo mhla ekhethwa njengozomela leliqembu okhethweni lohulumeni basekhaya nolusemavikini amabili azayo.

Kuqiniswe ngasebemnkantshubomvu beChiefs kwelamabhobhodlelana aya e Brazil

Umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka 23 ufake abadlali ababili abadala be Kaizer Chiefs okungunozinti u Itumeleng Khune no Eric Mathoho odlala emumva maphakathi nendawo.

Leliqembu lizoyomela izwe emidlalweni yama olimpiki ezoba ngenyanga ezayonalapha leliqemvu eliholwa ngu Owen Da gama lizovula nosokhaya iBrazil liphinde lidlale ne iraq livale iqoqo lokuqala nezwe lase Denmark.

Lime kanje iqembu elimenyezelwe namuhla

Goalkeepers:
Itumeleng Khune
Jody February
Defenders:
Kwanda Mngonyama
Rivaldo Coetzee
Abbubaker Mobara
Mothobi Mvala
Eric Mathoho
Tebogo Moerane
Tercious Molepe
Midfielders:
Gift Motupa
Aubrey Modiba
Deolin Mekoa
Keagan Dolly
Phumlani Ntshangase
Forwards:
Tyroane Sandows
Lebo Mothiba
Tashreeq Morris
Menzi Masuku

Wednesday, July 13, 2016

Hlakanipha ngemali yakho noNhlahla Dlamini

Hlakanipa ngemali yakho.
Esanamuhla isihloko sobheka kabanzi umnotho wase ningizimu afrika kwi quarter yokuqala yonyaka nokuthi kuthini kimi nakuwe,kosemaphandleni nosedolobheni.
Kumlandeli we Pongola news blog asikhumbuzane,umnotho wehle ngo 1,2% kuma credit rating kwi quarter yokuqala konyaka 2016.njalo ke kane(4) ngonyaka kuyaye kubhekwe isimo sokukhula komnotho,angikukhumbuze futhi ukuthi nge quarter yesine yonyaka odlule sibone iningizimu Africa ihlehla endaweni yesbili iya endaweni yesithathu uma ikleliwa eAfrica.

Asiphinde siyibheke futhi neculture yama investors uma kuzoba nento efana nokhetho,yingakho iRand lingakaze lilibone lelidlalayo uma ulibeka emqhudelwaneni nezimali zomhlaba.okunye Mthiyane asikhumbuze abafundi nabalandeli be news blog ukuthi ngonyaka odlule kuke kwaba nodaba olukhulu ukuthi ngabe iningizimu ingase ifakwe kwi junk status.

Iyini iJunk status?i njunk status one yenzeka uma umnotho wehle kuma quarter amabili yehla ngo 0.5% okusho ukuthi nayo belu iningizimu Africa isencupheni uma ingake iphinde yehlelwe umnotho kulandelana kanti futhi kusabuyekezwa nesnqumo esiqubuke ngo January ukuthi kumele ifakwe noma cha.ngokubikwa izinqapheli zomhlaba,isouth Africa isahlolwa ukuthi ihleliswe yini namazwe akwi junk status.so uma ingake ikleliswe kwi junk status,lokho kuhlasela izinga lwenani esilikhiphela ngaphandle.

Ubani ohlelisa amazwe ku junk status?kune agency yomhlaba okuthiwa ngu moody.uma sithola I downgrade,kusho ukuthi uhulumeni uzoqoqa okuncane ngokwentela,irand alizuthengwa ezimakethe zomhlaba,lokho kusho ukudilizwa kwabantu,ukuhamba kwezinkampani ezinkulu kubalwe Otsb edayisele izinkampani ezincane,okulandela lapho kwehliswe amaholo,abantu nezakamuzi zaso phongolo sobona izinga lokugqekezwa kwemizi landa,izimoto zodliwa,I IDP izongaseneli,

Mhlampe Mthiyane kuhle sibheke iqhaza esingalibamba ngamunye ngamunye.

One: asiqale sibhekisise izindlela zokonga.
Two: sigweme imali mboleko.
Three: akuqalwe kudevelopwe ama busness interprenuer.
Four:asibuyele emasimini.

Kumlandeli we new blog kubalulekile sazi ukuthi zonkizinto esizenzayo ziba umphumela wokunqoba nokwakhluleka kukahulumeni,so ukuwa komnotho kodalwa ukuwa kwabantu ngamunye ngamunye.

Okunye okuyaye kube incindezi,ngonyakodlule kube indaba ye load shedding neyesomiso.kulonyaka incindezi siyithole ngokuthi sizoba nokhetho,so ama investor njalo makuwukhetho ayasaba uku thenga icurrency kanye nama commodities atholakala kakhulu kulelozwe.kodwa ke ngomsombuluko ngibone nentengo yerand ikhule ukwedlula eye Rand.

Ngakho ngokuzayo.akesibheke imikhiqizo yala iqhathaniswa ne OIL.

Mthiyane akesithi nje ubusuku neviki kuncane kufike inkathi ezayo yimi ngisithela.

Tuesday, July 12, 2016

Kubukeka isivumela ijoka lokusebeka abanye iNFP okhethweni

Iqembu le NFP selibukeka seliqala ukubukisisa indaba yokuseka amanye amaqembu ezepolitiki kulolukhetho wmva kokubonakala ukuthi kunhlanga zimuka nomoya ukuncenga inhlangano emele ukhetho kuleli ukuba ibampintshise.

Ngokwemibiko ephume ku Business day leliqembu likuvezile ukuthi lisazohlala phansi lixoxe mayelana nokuthi ngabe lizowathululela kuliphi iqembu amavoti alo.

Akwaziwa bhantshi kujiya ukuba kuzokwenzeka njani kwazise leliqembu belibambisane no ANC ukubusa omasipala nakuba kweminye wagcina uphela lomshado ngenxa yokungasebenzisani kahle kwalamaqembu.

Sunday, July 10, 2016

Umkhehlo womuye umlandeli we NPG Newsblog - uMbongwa Simelane

Njengoba sasishilo ukuthi uma ufisa ukuthi sibhale ngomcimbi wakho siyokwenzanjalo.

UMnu Mbongwa Simelane wasendaweni yakwashoba oPongolo ubekhehla ingoduso yakhe umaButhelezi ngempelasonto eyedlule


Saturday, July 9, 2016

Kosa yaziwa inkunzi kamaskandi

Kothi kusa kusasa abalandeli bomculo kaMaskandi bazoba sebazi ukuthi ngubani okhonyile kumiklomelo yempucuzeko ezobanjwa eThekwini namhlanje.

Kulomcimbi kulindeleke ukuba kubonakale inkunzi kwazise kunomunxa omusha obizwa ngokuthi inkosi kaMasikandi nokuthiwa izokhethwa ngokuba nabalandeli abaningi kanjalo nokujabulisa abalandeli ngesikhathi enandisa esteji.

Umbango omkhulu ubukeka uphakathi kuka Khuzani no Mjikijelwa .

Thursday, July 7, 2016

Ligcwale umoya ku Daddy oKhozini ngenxa yegwaqaza

Obesakaza emsakazweni Ukhozi fm uMnu Vukani Masinga nowaziwa ngokuthi u Daddy noma uChilli M uxoshiwe kulomsakazo ngenxa yokuthi ubegwazisa abaculi ukuze kuzodlalwa izingoma zabo kulomsakazo.

Ngokombiko we Times lomsakazi obesakaza ngokubambisana no Mroza ohlelweni lwasemini phakathi nesonto angeke esezwakala kulomsakazo. uDaddy wafika kulomsakazo ozinze eThekwini nase Goli eminyakeni engemingaki eyedlule. Akaqali ukuba sezindabeni lomsakazi ngoba nangonyaka odlule kwathi kuphakathi nokusakaza wavele wathi usezohba emhlabeni ngenxa yokuphuza kakhulu utshwala ngakho udokotela uthe akunsuku zingaki esadla anhlamvana.

Imkhwishe ngosaba lwesigwebo inkantolo uPristorious

Inkantolo enkulu yasePitoli izolo ikhiphe isigwebo seminyaka eyisithupha kulowo owaboshelwa icala lokubulala isinqandamathe sakhe ongumsubathi kuleli u Oscar Pistorious nokwenzeka ngonyaka ka 2013.

Lomgijimi owalahlwa icala lokubulala ngokungenhloso u Reeva Steenkamp nowayengumkhangisi ubesejele vele emva kokuthi wagwetshwa ngonyaka odlule iminyaka emihlanu nokwathi kusenjalo abakwa Steenkamp baphikisana nesigwebo bafuna agwetshwe iminyaka engaphezu kuka 15 okuyaye kube iminyaka oqala kuyo uma ubulale umuntu kulelizwe.

Tuesday, July 5, 2016

EZEZIMALI - Hlakanipha ngemali yakho no Nhlanhla Dlamini

Angibingelele Kuwe Mr Mthiyane kwingosi yethu entsha ethi HLAKANIPHA NGEMALIYAKHO.

Esihlokweni sanamuhla sizobheka kabanzi ngamalungelo amakhasimende analo uma ezozihlanganisa ukuthenga imali kanye nokulondoloza imali kanye nokuthatha umshwayilence kungaba ilong term insurance noma short term kanye nokucacisa ngokulindeleke kweziwe umeluleki wakho wezezimali.
So mthiyane umthengi noma ngabe imuphi eNingizimu Africa unalo ilungelo.so uma umthengi eqala ukuthenga noma ukubeka imaliyakhe,kumela azi ukuthi uyibeke kubani.ezikhathini eziningi uke ufice umuntu ezitshela ukuthi imali yakhe esenkampanini thizeni,uma usulandela ayikho lapho.

Kwezezimali sinalento phecelezi esiyibisa ama finacial sevices provider(FSP) okungaba inkampani thizeni ehlinzeka noma engumdayisi wama solution nama services.FOR EXAMPLE ABO THUTHUKA FINANCE,POLONE(esisize abaningi ophongolo ngemishayilense yezimoto edayisa imishwayilence emifushane SHORT TERM INSURANCE)utholukuthi badayisela izinkampani ezingaphezu kweyodwa abo miway,iywise,santam nezinye. nabanye otholukuthi bona badayisa kuphela,kwesinyiskhathi ngike ngabona no pep otholukuthi badayisa amaservices kaHOLLARD.NAMA BANK kuyenzeka abe ngama broker.ongabona ngakho ukuthi njalo mawusayina inkontileka ubona amagama amancane enye inkampani.isibonelo nje ikaizer chief,iyiqembu lebhola kodwa futhi ya register as FSP yingakho inelungelo lokudayisa ama product ka PRODUCT SUPPLIER ongu HOLLARD.

Siphinde sibe Nama product Supplier okungabakhandi nabasunguli beproduct okusuke amakhasimende ezoyithenga.OKUNGABA OSANLAM,OLDMUTUAL,LIBERTY,HOLLARD,SANTAM,MIWAY nabanye

Kuyenzeka ke inkampani,ibe iproduct supplier bese iphinda ibe ifinacial service provider.ilaphoke kungena khona izinkampani okuthiwa amabroker.njengo Sanlam,oldmutual avbob. ayikhande bese ephinda eyidayise on behalf of him.

Omunye uzothi iyini ibroker?i broker kusuke kuwumuntu ovumelekile ukudayisa amaservices ka product supplier.usuke enelungelo lokudayisela oproduct supplier abaningi.

Umbuzo ke uthi wena ke othengayo ubonangani ukuthi ubani engithenga kuyena?
Bonke abadayisi bezimali nababolekisi nabadayisi bezimali balawulwa iboard ebizwa I financial service Board(FSB) indlela abadayisa ngayo futhi kunezinhlaka okumele umthengi azazi noma uma besadayiselana.
Umthetho ke ngaphansi kokulawula kwezimali uthi wonke umuntu osafuna ukukudayisela umshwayilensi noma iloan kumele azazise(DISCLOSE)imiminingwane thizeni.
Okokuqala ngokukunika imandate ebhaliwe ukuthi ungubani futhi usebenzela bani okubhalwe isivumelwano sokusebenza,okunama office la etholakala khona,kwabhalwa ukuthi usebenzele phansi kwamiphi imiminingwane mhlaphe ukuthi usebenza under supervision noma cha,ifedelity cover uma enze iphutha.

Uma eyibroker kumele asho izinkampani azidayiselayo uma kuwukuthi udayisa u oldmutual,Sanlam,libert(lokhu kwenzeka kuphela kwi broker).
Aqoqe imiminingwane yakho mayelana neprofile yakho.nesimo sezimali
Acubungule isimo sakho sezimali.
Bese ubheka isixaxululo sento ongayithenga

Uma umthengi esenkingeni esethola ukuthi akanelisekanga ngeseluleko asinikwa umeluleki wakhe.umthetho uthi akafake iskhonondo(complain)kwinkampany eqashe umeluleki ngokusizwa ileya disclosure letter esikhulume ngayo.kumele kube ngokombalo.uma enga neliseki uFSP eskhulume nagye meleamyalele u ombud ophethe leyo fsp,kungaba I insurance noma ibank.
Konke lokhu kwenzela umthengi abe nolwazi olwanele ukuthi lokhu okudayiswayo athathe isinqumo ukukuthenga.

Kwesinye iskhathi uke uthole abantu bakithi uma esdayiselene nomeluleki wakhe ese siyinda amaphepha angabhaliwe,okuyilapho ke ngixwayisa khona ukuthi ungalisayini iphepha elingashicilelwanga.
Ngiayaxwayisa futhi kubathengi bezezimali ukuthi ngaphambi kokuthenga,kungaba umshwaylense loma ukubeka imali.

Kukhona esikubiza nge surrender value imvamisa ukuthola kuma policies.Qinisekisa ukuthi iproduct oyithengayo inayo yini isurrender value.isurrender value imali esuke ikupolicy ongayithola uma usunqamula ubudlelwano (icontract) yakho noma ungasathandi ukuqhubeka ne policy yakho.

Umthengi kumele aqinisekise futhi ukuthi letho ebizwa nge waiting period isebenza kanjani.ngike ngabona ukuthi izinkampani ezihlinzeka ngezimali azizenzi ngokufana.enye ithi u 6month kuma funeral policies,no 24 noma u36 month kuma life cover.futhi kubalulekile ubuze umeluleki wakho ukuthi uma uthenge I Risk policy iqala nini ukubala.kuyenzeka abanye bethi iqala uma yamukelwa I system nomaiqala ngosuku ezothola ngayo imali(Premium).noma emva kancane kwenyanga ethole ngayo imali(Premium).

Bheka nokuthi uhlobo lwepolicy lwenzenjani uma udlula emhlabeni uma kuwukuthi ubufake nabathize lulo.kubalulekile ukuthi umuntu ongundlalifa ngaphandle kwama educational policies umuntu osewuhlanganisile yini u 18 year ngoba umthetho awuvumi ukukhokhela umuntu ongaphansi kuka 18 years,cabanga nje umuntu ashone ibeneficial ingaphansi kuka 18 years,kumele kuyiwe enkantolo ku appointwe igadiance,lapho isdumbu sisemakhazeni.

Kuma educational policies kumele ubheke ukuthi lawa onawo ayanela yini emalini edingwa izikhungo bamabanga aphakeme,utholukuthi umuntu unepolicy ezomnika u R60 000 mhla ivuthwa bese kufanele angene futhi komashonisa ukwengeza.

Okunye futhi Mthiyane kunalento ehleze Ikhangiswa ebizwa debt consolidation.abantu abaningi bayayithanda futhi inhle,kodwa okubi ukuthi iprovider ye loan noma umeluleki akasho ukuthinjengoba bezokhokha zonke lezikolothi,usuke uthatha enye iloan,enama interest ayo.
Abathengi Luvuno bayagqugquzelwa nokuthi bacabange ukuthi ngelinyilanga bazompenishelwa futhi abaningi babo mele bazi ukuthi ziningi izinto abangeke ba bakhone(afford) ukuzikhokhela like Bond,iloan yemoto,kanye neminye imishwayilense.

 Umbuzo uthi ke,yini umthengi angayenza?
Ukuqinisekisa ukuthi uyengeza ngama retirements annuity.
Bheka kusemanje ukuthi ipolicy onayo inawo yini umhlomulo okwenza ungasayikhokheli kodwa ube unelungelo lokuhlomula uclaim kuyo.

Konke lokhu Mthiyane kuze kube ngokuzayo yimi uwe mthengi njalo ngolwesithathu,uzenendlebe uze nomngani nifunde ngemali yakho.!!!!!!!!!!!!!!!

Uma ufuna ukubuza unga emaila ku Nhlanhladl@sanlasky.co.za
Noma ungixhume ku 071 648 9810

Kuboshwe amalunga e NFP abesevimbe umgwaqo eMthonjaneni

Kuboshwe amalunga eqembu le National Freedom Party emva kokuthi ebevimbe umgwaqo ophakathi kolundi ne Melmoth namuhla ekuseni.

Ngokombiko ovela kwa IEC laba ababoshiwe baboshelwe ukudala udungunyane emphakathi. Nakuba bekungakaqinisekiswa inhloso yalesivimbamgwaqo kepha kubukeka kuncikene nokuthi leliqembu alizukubabikho okhethweni emva kokungayikhokhi imali yokungenela ngesikhathi.

Monday, July 4, 2016

Ithe nhlobo sidalo inkantolo ngesicelo se NFP

Inkantolo yezokhetho ikhiphe isinqumo sokuthi iqembu le NFP ngeke libe khona okhethweni ngenyanga ezayo.

Leliqembu eliholwa uZanele Magwaza Msibi lizithola likulenkinga emva kokuhlinzelwa ezibini ilowo obengumgcinimafa walo uMnu Xolani Ndlovu ungazange ekhokhe ngesikhathi imali yokungenela ukhekho ngenyanga eyedlule.

Lesisinqumo senkantolo siza emva kokuthi leliqembu lidlulisele enkantolo isinqumo sokuthi ngeke ingene okhethweni lohulumeni bezindawo ngenyanga ezayo.

Nakuba sichithiwe isicelo sayo sokufakwa ohlwini lwabazovotelwa leliqembu lithe lizosedlulisela enkantolo ephakeme yezokhetho.

Kanti sisekuzo ezithinta i NFP izolo ubuye washaya ungqimphotho uNobhala jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa ngesikhathi ehoxisa incwadi yakho yokwesula nayifake ngomgqibelo ekanye nobengusihlalo waleliqembu uMnu Maliyakhe Shelembe.

Uqalile ukujima uMfanakagogo

Isibani somdlali wasoPhongolo uSphelele Ntshangase ogijima ku Black Leopard izolo utshele i NPG newsblog ukuthi uselulame ngokuphelele eqakalane lapha alimala khona ekuqaleni kwalonyaka nokwamphuthisela ngemidlalo eminingi yeqembu lama Glug glug okuyiqembu labangaphansi kweminyaka engu 23 nelilibangise e Rio de Janerio ngo September emidlalweni yama Olympics.

uSphelele nowaziwa ngokuthi ngu Starch ungena onyakeni wakho wokugcina wenkontileka anayo naleliqembu lase Limpopo nokunyusa amahemuhemu okuthi engahle ethengiswe kwazise maningi amaqembu amgaqele amakhulu kuleli.

Sunday, July 3, 2016

Sebeyishiyile i NFP oMnu Maliyakhr Shelembe no Solwazi Nhlanhla Khubisa

Kubukeka izinkinga zeqembu le NFP ziya ngokuyincisha umoya emva kokuthi usihlalo waleliqembu uMnu Maliyakhe Shelembe nonobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa besulile izolo kuleliqembu lika Nkosikazi Zanele Magwaza.

Kusula lobuholi obuphezulu nje kanti noMgcinimafa uMnu Xolani Ndlovu nosekela Shlalo kaZwelonke basamisiwe.
Leliqembu libukeka licwila izinkinga ezilikhungethe Ʊjengoba inhlangano engamele uKhetho u IEC ithe ngeke likwazi ukungenela ukhetho njengoba lingayikhokhanga imali yokungenela ukhetho ngesuku olwalubekiwe lomhlaka 2 ngenyanga eyedlule.

Ngabe udinga ukuzenzela imali eceleni


FOREVER LIVING PRODUCTS SA: Health & Beauty Products


1.Awanelisekile imali oyiholayo nangamahora owasebenzayo?        

2.Ufisa  ukuhola noma ukuzenzela enye imali eceleni?          
3.Ucwile ezikweletini awusakhoni nokuzikhokhela futhi awusazi uzophuma kanjani kuzo?

 4.Unephupho lokuba nemali eningi ebhange lakho?                          
  :Leli ithuba lokushintsha impilo yakho   namhlanje ngokujoyina ibhizinisi lakwaForever Living Kumahhala wonke umuntu wamukelekile (osebenzayo nongasebenzi).

  Uma ufuna ukwazi kabanzi ngaleli bhizinisi ngicela uxhumana noXolile Simelane 071 884 1030 .

         


Ukudla komphefumulo -IZIMPI ZOMUNTU OKHETHIWE

Umuntu uza emhlabeni ngecebo likaNkulunkulu. Uma efika usuke ezokwenza lokho akuthunyiwe noma akuphathisiwe. Isiqiniseko sokuthi umuntu uphathisiwe nguJehova ubona ngohlobo lwezimpi abhekana nazo. UDavide wathi ekade eqeda ukubulala uGoliyathi wavukelwa yinkosi uDawule. UJerrmiya wathi eqeda ukuprofetha wavukelwa ngu Phashuri.

 UJesu uqobo naye eqeda ukuzethula wavukelwa ngabaFarisi nabasadusi. Zintathu izimpi ezimqoka ezibhekana nomuntu ophathisiwe noma othanda uThixo.
1. Ubhekana nabakugxekayo.
2. Ubhekana nokukhathazeka.
3. Yimpi yangapha noma evuka kosondelene nabo.

Usathane uvusa ubutha ebandleni noma emndenini. Bakuzondr sibe singekho isizathu. Ungakhohlwa yilokhu, izinja ziyathanda ukugijimisa imoto ehambayo, emiyo ziyachamela. Isihlahla esinezithelo sijikijelwa ngabafuna izithelo zaso. Wena uphathisiwe nguThixo. Ikhambi lakho, thula uJohava uzokulwela. Amen

 Apostle BM Buthelezi Zoe Christian Fellowship International Cell. 0827546476

Saturday, July 2, 2016

Kubonakale ngemotobl ingena igulukudela esitolo sotshwala

Bathe galo yephuka abantu abebezothenga Ukudla kwabanumzane nonemenayidi esitolo esidayisa utshwala sakwa Shoprite oLundi ngesikhathi kungena kugulukudela imoto ebisiphelelwe amabhuleki izolo ntambama.

Osinde ngokulambisa kulembhedumehlwana nosebenza esitolo esinvikene naso lesi uthi bengisebenza njengasemihleni ngezwa imoto iduma kabuhlungu nengiyibone iza idla amagalani yaye yayongena e Shoprite.

Akekho okubikwe ukuthi ulimele kanjalo nowendrle koyisemkhulu kulesehlakalo.

Friday, July 1, 2016

Kugibelene izibusiso kowabamba iqhaza ku NPG newsblog

Ngesikhathi uMndeni kaMnu Lindelihle 'Faya' Zikalala ubungaza usuku lokuzalwa kukamama wakhe umaShandu ngolwesibili mhla zingu 28 ngenyanga eyedlule kuthe makhathaleni kwabeletha umakoti wakhe u Faya umaNgwenya nalapha abelethe khona insizwa engu Umunathi Kuyenzeka nevele yateketiswa ngokuthi ngu 'UK'

UMnu Zikalala nowabamba elikhulu iqhaza ekusungulweni kwe NPG newsblog nosekungunyaka wesihlanu babopha elikasofa silahlane nomaNgwenya babusiswe ngamachwane amane okuyizinsizwa ezintathu nentombazane eyodwa.

Ekhuluma ne NPG newsblog u Zikalala nowayegajwe injabulo wabonga kakhulu umdali ngokumupha esinye isibusiso emndenini wakwaZikalala.

Uphila iphupho lakhe osenamabhizinisi phesheya kwezilwandle

Insizwa esencane engu Mloti Mhlophe engoyokuzalwa kwashoba oPongolo nesiyisakhamuzi saseNgilandi kwelendlovukazi ithi kwakubiza ukuba aqine ukhakhayi ukuhamba ekhaya esesemncane eyozinsa phesheya kwezilwandle.

Lensizwa eyafunda eMlimisi khona kwashoba neyayaziwa ngokuba namahlaya kanjalo nokuhlala iphapheme ithi nakuba yayinovalo mhla iya kozinsa phesheya kepha yayikhona injabulo kwazise kwakuyiphupho layo ukuyohlala phesheya kwezilwandle. Nakuba iveza ukuthi unyaka wokuqala awubanga lula kwazise kwakumele ijwayele impilo, isimo sezulu, ukudla, abantu bendawo kanjalo ke nolimi olukhulunywayo ezweni lendlokukazi.

Ngesikhathi efika kwelendlovukazi wafika wenza eminingi imisebenzi ngasese kwasize wayefunda eBirmingham University enza izifundo Civil Engineering kanti kuyimanje ufunda e Imperial College London lapha enza khona izifundo zezobuchwepheshe phecelezi IT ngasese kwazise ungumnikazi wezinkampani ezimbili kulona lelazwe.

Kubukeka uthando lokufunda lulukhulu kulensizwa eyafunda kwa Notshelwa High School eFilidi kwazise yaqala yafundela ukubaza e KZN Coastal College in Durban yadlulelea eMtashana College kwaNongoma yayokwenza ugesi.

Nakuba eseyisakhamuzi kwelamangisi kodwa uthi kuyokwenzeka ngenye imini abuye azosebenzela lapha emzansi njengoba ingekho indawo efana nekhaya.






Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...