Tuesday, August 4, 2015

useshiyile uGaddafi kuGenerations

Umlingisi we Generations- The legacy uMnu Vuyo Dabula odlala indawo ka Gaddafi Phakade usecele ukukhululwa kulomdlalo owuchungechunge odlala ku SABC 1 ngehora lesishiyagalombili ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuze koshaya uLwesihlanu.

lensizwa enomzimba ololongekile nabazifelayo ngayo abantu besifazane kubikwa ukuthi ucele ukukhululwa ngoba kuneminye imisebenzi afisa ukuyiqhuba lezindaba zikhishwe uphiko olubhekele ezokuxhumana kuwona lomdlalo osushaya ibuya kwazise uke wangabonakali emoyeni izinyanga ezintathu emva kokuxoshwa kwabalingisi abawu 16 kubangwa amaholo.

bekungakadalulwake ukuthi uzogcina nini ukubonakala kulomdlalo uGaddafi noyimpunyela kulomdlalo onababukeli abalinganiselwa ku 7 million

luyangokujiya olokudliswa ushevu kukaMongameli

lubukeka lujiya udaba lokuthinteka kwenkosikazi kaMongameli umaNtuli lokuthi unesandla ekudliseni ushevu uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma ngonyaka ophelile.

kubikwa ukuthi nedokodo lokuthi aboshwe selikhishiwe kodwa lisagcinwe uphiko lokushushiswa komphakathi I NPA kuze kuphothulwe uphenyo olwenziwayo kwazise kunabathintekayo okuthiwa bakhishwa ngumaNtuli ngesikhathi kwenziwa uphenyo ngokusho kwe city press yangesonto.

nakuba ephike walala ngomhlane uMnu Luvuyo Mfaku uma ebuzwa yicity Press ukuthi ngabe bayalwazi yini udaba olufana nalolu. lumjiyela  nje loludaba lukashevu umaNtuli vele akasekho nakwaZuma kwazise umndeni wakwaZuma wanquma ukumbuyisela kubo kwaNtuli kwathiwa akayolanda yenhlawulo ngenxa yokungaziphathi kahle. selokhu agana kwaZuma  kuno
hide lwezinkinga noma izehlo ezibikwayo ngaye kuzokhumbuleka ukuthi nango 2010 kwasabalala izindaba zokuthi uzale ivezandlebe naligaxa kuMsholozi kodwa zibe izimpukane eziluhlaza zilikhomba kunogada kaMongameli uMnu Phinda Thomo nowagcina ezibulele.

luyaqala ushikishi lwe MTN 8 namuhla

 

luyasuka ushikishi lwemidlalo yokuqala konyaka webhola eMzansi njengoma kuzothi namuhla kuqale imidlalo yomqhudelwano obizwa nge MTN 8 lapha kusuke kugadulisana amaqembu aqede esendaweni yokuqala kuze kuyoba sendaweni yesishiyagalombili emidlalweni ye ligi. lomqhudelwano onesamba sika 8 Million wamarandi nenkomishi ugcine unqotshwa yiqembu le Kaizer Chiefs ngonyaka ophelile ngegoli elilodwa eqandeni ishaya I Orlando Pirates nokuyigoli elashaywa ngu Tefu Mashamaite osengumantuntanendishi kumanje ngenxa yokungavuseleli inkontileka yakhe neqembu lamakhosi

lemidlalo kulindeleke idonse amehlo ezibukeli kwazise imidlalo yokuqala lena esemthethweni ezobe idlalwa ilamaqembu, umdlalo we Orlando Pirates ne Ajax kulindeleke ukuthi ushise kwazise ezikaMagebhula asikwazi ukuphumula njengoba zilokhu ziqhubeka nokudlala ku CAF Confedarations Cup nokulibeke kwelihle izinga lokulolongeka komzimba kwabadlali bezimnyama, ezika Tinkler zizoya kulomdlalo ngaphandle kuka Rooi Mahamutsa, Thabo Matlaba, Thamsanqa Gabuza no Kermit Erasmus.

omunye umdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kwe Kaizer Chiefs ne Marizburg United lomdlalo kwazise kuzobe kungumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha waMakhosi uSteve Khompela obeqeqesha yona kanye iMarizburg United nesiqeqeshwa ngobeyiphini lakhe uMandla Ncikazi.

kuzophinda kulindelwe umdlalo wamagqubu phakathi kwe Celtics ne Mamelodi Sundowns kwazise iCeltic yaphendula iSundowns abafana besikole ngesikhathi ibabhudluza ngo 5-0 emdlalweni weligi ngesizini edlule



isiyonke lemidlalo ime kanje

namuhla ngolwesibili        04/08/2015


               Orlando Pirates v.s Ajax CT
                 Orlando Stadium eSoweto




          Bidvest Wits v.s Supersports United
                         Bidvest stadium




kusasa ngolwesithathun       05/08/2015


                  Kaizer Chiefs v.s Marizburg United      
                         FNB Stadium



      Mamelodi Sundowns v.s Bloemfontein Celtic
            Loftus Stadium




yonke lemidlalo iqala ligamenxe ihora lesikhombisa kusihlwa
 

Monday, August 3, 2015

bekuphume nesidolo kufihlwa iNDIDANE

babalelwa ku 50 000 abantu abebozozima umndeni wakwa Gcwensa izolo ngesikhathi kufihlwa indodana yawo ebicula umaskandi uMtshengiseni Gcwensa obedume ngokuthi isichomane, iNdidane noma isipiklapiklane.

lomculi odlule ngomsombuluko evikini eledlule esesibhedlane sase Dundee emva kokugula isikhathi eside ephethwe isifo sofuba ufihlwe emzini wakhe obizwa ngokuthi kuKwadlulujeqeze olaphaya endaweni yaseMngeni eMsinga.

 
lomgcwabo ugcine usuphenduka idili lomculo ngoba izimoto namatekisi obekuhamba abalandeli beNdidane bekusho phezulu izingoma zalensizwa. amaduku ebephephezela phezulu anobuso balensizwa esikhiphe amacwecwe abalelwa ku 23 yawola nezindodo eziwu 18 nezimonto ezimbili azinqoba nesigcini ezibiza uR24 000,

kuthe mase kuyiwa emangcwabeni kwaya abomndeni nezikhulu ezithile kuphela kwathi bonke abebesenkundleni yesikoleni iSakhisizwe Primary School lapha bekunenkonzo yokumfihla basale bezitika ngengoma ebiqhululwa ngabaculi abehlukahlukene bakamaskandi.

umfoka Gcwensa ushiye emhlabeni izingane eziwu 9 nezingoduso ezimbili

Saturday, August 1, 2015

kusule esinye isikhulu esiphezulu ngenxa yombombayi wesitifiketi

umnyango wezamaphoyisa kuleli I SAPS isikuqinisekisile ukuthi lowo owayeyisikhulu sezobunhloli uMnu Chris Ngcobo usesulile kulombutho emva kophenyo lwangaphakathi olumthole ukuthi isitifiketi sebenga leshumi athi unaso ngesomgunyathi.

uNgcobo selokhu amiswa emsebenzini ngonyaka ka 2013 ngesikhathi kuqala uphenyo lokuhlola izitifiketi zazozonke izikhulu. sekuyintsakavukela umchilo wesidwaba ukusula kwezikhulu zeminyango kahulumeni ngenxa yokusenga ezimithiyo ngemfundo yazo kungaka pholimaseko lowo obeyisikhulu esiphezulusenhlangano ebhekele ezezitimela iPRASA uMnu Daniel Mthimkhulu naye usanda kusula ngenxa yokusenga ezimithi ngezitifiketi athi unazo, lolukhondolo lwezitifiketi ezingekho ludla lubi kulezinsuku.

kuyakhanya ngemidlalo yama olympics kuma Glug Glug

iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu 23 eliteketiswa ngokuthi amaglug glug lizibekele indawo emiqhudalwaneni owendlalela ama Olympics azodlalelwa eBrazil ngonyaka ozayo. abafana baka Owen dA Gama bashaye izwe lase Zimbabwe ngamagoli amathathu eqandeni okungamagoli ashaywe ngu Keagan Dolly ogijima ku Mamelodi Sundowns amabili nelilodwa elishaywa ngu Gift Motupa we Orlando Pirates. umzansi udlule ngo 4-1 masekuhlanganiswa imidlalo yomibili kwazise kowokuqala owawudlalelwa kwelika Mugabe okuyi Zimbabwe kwaba ungophansi nongaphezulu nokwenza umdlalo waphela ngo 1-1 okwaba ngu Keagan Dolly no Walter Musona abashaya amagoli alamazweamabili,

amaglug glug azoyodlala eSenegal emqhudelwaneni obizwa nge 8 Nations Tournament ozodlalwa kusukela ziwu28 ku November kuze kuyoba umhlaka 12 kuZibandlela okuwu December ngolimi lwasentshonalanga.

kuphinde kwakhonya ezimnyama ku Carling Black Label

ziphinde zaba ngompetha benkomishi ye Carling Black label ezimnyama okuyi Orlando Pirates ngokuqumba phansi izimbangi zayo I Kaizer Chiefs ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi emva komdlalo ophele ngo 1-1 okube yigoli elishaywe uSfiso 'Nsunda' Myeni obekuyi Free kick ngomzuzu ka 19 emva kokudlaliswa kabi kuka Thamsanqa Gabuza kwase kuthi ngomzuzu ka 55 yalinganisa I Kaizer Chiefs ngonyawo luka Reneilwe 'Yeye' Letsholonyane emva kwenhle inikanika eyenziwe Amakhosi.

uMbhashomnyama okungesinye sesiteketiso se Orlando Pirates usuyinqobe ihlandla lesine lomqhudelwano selokhu waqala eminyakeni emihlanu edlule. unozinti we Orlando Pirates uBrilliant Mhlongo ube yiqhawe ngesikhathi e amaphenathi amabili okube ngeka Yeye Letsholonyane ne Keagan Ritche osebuya isibili kuMpofana emva kokuhamba ngo 2013 kwathi kwezimnyama yagejwa ngu Patrick Phungwayo oyigudlise ipali yaye yayoshaya amabhodi ezikhangiso. lomdlalo obushisa uphele engasekho uThamsanqa Gabuza ophume eseqhugeza emva kokudonseka isicubu sethanga. lomdlalo bese kungoka 101 ku kaputeni wezimnyama u Oupa 'Ace' Manyidsa engakwazi ukuphumula kuleminyaka emibili okudalwe ukuthi ezimnyama zidlale ku PSL, Nedbank cup, MTN 8, Telkom Knockout, CAF Confederations cup ne Carling Black Label cup

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...