Saturday, November 30, 2019

unxenxa amavoti owaseMadanyini - Dj Nox

Cishe uma kukhulunywa ngendawo yaseMadanyini kwabaningi kuvuka ukuthi yayidume ngokuba nabadlali bebhola abaningi abadumile njengbadlali ababefana no Mthabeleni, Gorowa, Nzoyi, Ndumane nabanye abaningi. Kepha uthando lomculo kuMuzi Mhlongo odume ngelika Dj Nox lwamenza wangafuna ukuduma ngebhola.

Lensizwa yaseMadanyini iqokiwe kumklomelo ye Live your dream SA Awards nalapho ingenele khona ngengoma yakhe ethi 'NGIFUNINTOMBEYODWA' napike kuyo u Alla D beno Lavisa neqokwe kumunxa we Best upcoming artist. ekhuluma ne NPG Online news uthe "ngicela umphakathi wakithi oPongolo ungivotele, ukuze uvote kumele uthumele i SMS ethi LDYD526 kunombolo ethi 45633".

kulindeleke ukuthi ube namuhla ebusuku eThekwini umcimbi wokumemezela abanqobile.


Tuesday, November 26, 2019

Wakhetha ukubalapha ngokomoya kunokubalaphangomjovo

Cishe emhlabeni wonke jikelele uma ukhuluma ngegama lika Nkululeko Khanyi wonke umuntu ujikanawe kungakhathalekile ungowaliphi ibala kwazise izinkulumo zakhe ezakhaya kulabo abafuna ukuzibulala azikhethi bala lamuntu. iNPG Online news ikwazile ukuxoxisana nalensizwa ebiqokiwe kweminye yemiklomelo yama Crown Gospel awards. inxoxo yethu ihambe kanje. (Qonda u NPG umele uNPG online News bese u NK umele uNkululeko Khanyi)

NPG : Ngabe ngubani uNkululeko Khanyi?
N.K:    Unkululeko khanyi ungusaziwayo endimeni kamabonakude kwezokusakaza
Ophinde abe usomabhizimisi odume umhlaba wonke ngezinkulumo zakhe ezakhayo.usehambe amazwe anjengoMalawi,Ghana,Botswana and Swaziland e Africa bese phesheya kuba iLondon, Australia nase America. ngineminyaka engamashumi amane 40 ) ngidabuka esifundazweni saKwaZulu Natal kusifunda saseZululand endaweni yasoPhongola .
Ngifunde Ibanga eliphansi eMasithokoze primary school opongola ngendlulela ekhulumeluzulu ilapho ngaqeda umatikuletsheni.ngaqhubeka ngayofundela ubuhlengikazi Easter Nursing College ngonyaka ka2003 ngaqeda ezobuhlengikazi.ngisebenze laa esouth Africa naseGauteng njengomhlengikazi kwaze kwaba inkosi iyangikhipha .

NPG: Uzizwe kanjani njengoba ubuqokelwe kweminye imikhakha kuma Crown Gospel awards?
NK: Kube intokozo enkulu kimi nethimba engisebenza nalo ukufakwa ohlwini lwamaSabc crown award 2019 ebenzeka ngomhlaka 24 November e inkosi Albert Luthuli .okungokuqala kowaseZululand owokuqala owasoPongola .kungikhombisa ukuthi umsebenzi engiwenzayo umhlaba uwubonile angiqhubeke ngenze kakhulu ukushintsha izimpilo zabantu sibuyise ithemba sibe isibuko nesibonelo emphakathini kwasakhula abasibhekile njengesibuko kubo.
NgoOctober kulonyaka ngigqokiwe Emalawi yinhlangano ezimele njengenxusa laseAfrica  yonkana kumkhankasoobizwa nge Face Man of Africa kwangithinta ukuthi ngize ngiyobonwa kude kodwa ke ngiyimele iAfrica yonke kakhulu abantu besilisa abadala nabancane abasakhula.
Ngo 2011 ngiqale iNgqungquthela ehambela umphakathi nezifundazwe zonke eAfrica ukuzofundisa ukuthi abantu abangazibulali bengabulalani .kube nezehlakalo eziningi kakhulu kulonyaka kubulawa abesifazane nabantwana.nozakwethu kwezikaqeda isizungu benencindezi enkulu bezibulala Hhp,Nichume,Thami Shobede abanye babo abasishiye ngenxa yedepresion and Suicide okungithinta kakhulu ngabo abasaba ukuphumela obala ngezimo zabo baphila impilo enepressure nezimo ezibacindezelayo bekulomkhakha okuyibona abazibulala kakhulu.

NPG: Ngaphandle kokugquqguzela isizwe yikuphi okunye obuye ukwenze?
NK: Okunye engikwenzayo ngiwusomabhizinisi ngibuye ngibe nestolo esithengisa izimpahla Esesinamahhovisi eGoli kanjalo naseMpumalanga
Okunye engikwenzayo uma ngingenzi lutho, Ngiyaye ngiziphumule nomndeni wabi abantwana abathathu inkosi engibusise ngabo amantombazane amabili nomfana oyedwa 14 Amanda & Meloh 13 and Andiswa 12. nezingangane zabafowethu abasishiye emhlabeni  ababili kabuhlungu ngiba adoptile nabo.ngiwumuntu womndeni .ngikhonze ukuvakasha kakhulu ngibuke imvelo ngiyawesaba amanzi ulwandle ngilusaba kabi nenyoka kodwa ngingayibulala uma ngiyithola endleleni ngihamba ebusuku ingafuni ukuqhela noma kungathiwa inkulu kanjani ngigaqunga isibindi .ngithanda izintaba .Nginabangani abaningi manje angikhoni ukubanelisa bonke uma bengidinga ngenxa yomsebenzi wami.yingakho ngithi kungcono umndeni wami.

NPG: Kungabe zikhona izizathu ezake zakwehlakalela empilweni nowagcina uzigqugquzela kwanawe uqobo?
NK: Ngike ngazama ukuzibulala kabili ngisobishini lwezikoloto ngadlelwa imoto nomuzi ngashonelwa abazali kanye kanye kanye okwangishiya ngisebuhlungwini obukhulu bempilo .kwashona nabafowethu belandelaba  okwangiholela ekutheni ngithi ukwatalala isona sizathu nokuzibulala kwaba impendulo kanti angazi ukuthi ngiyoba ithemba lomhlaba wonkana.

NPG: Kunomuntu osekhaya ocabanga ukuzibulala ungathini umlayezo wakho kuye?
NK: Umlayezo enginawendlulisela bonke abazizwela ithemba lempilo lingekho ngingathi abangalahli ithemba ababuke kimi ngiyisibuko zonke izimo ziyafika kodwa azifikeli ukukuqeda kunalokho ukuzokwakha ukuthi ube umholi omqotho
Ukwendlulisa ubufakazi nakwabanye ukuthi impilo ifuna ukuqinisela.

Monday, November 25, 2019

izoke ithathe ikhefu iGenerations the legacy

Umdlalo kamabonakude nosuneminyaka uyintandokazi kubabukeli kuleli nobizwa ngokuthi iGeneration the legacy kubikwa ukuthi uzoke uthi nya ukuveza iziqephu ezintsha kusukela kuleliviki nokuzokwenzeka isikhathi esingangenyanga. Yize isazoqhubeka ukubonakala ngesikhathi esijwayelekile kepha izobe iveza iziwombe zakudala ezahlabahlosa kulomdlalo.

Ngokwemibiko evelayo kuthiwa u SABC nenkampani iMorula production basavalelene emhlanganweni ngenxa yokungavumelani ngesivumelwano sokusebenzisana phecelezi i contract, Lomdlalo kaMvundi Vundla ozobe uqeda unyaka ka 28 waba semoyeni awuqali ukuthi unqamuke emoyeni njengoba eminyakeni eyedlule uke wangavezwa ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi kuka Vundla nabadlali balomdlalo nokwaphetha ngokuthi baxoshwe bonke ababedlala ngaleso sikhathi okwakufaka phakathi abantu abafana no Menzi Ngubane owayaziwa ngelika Sibusiso Dlomo.

azodedela unqambothi amawele akwaQwabe

Amawele alethe igidigidi kumncintiswano wama Idols walonyaka u Vigirnia no Viggy kulindele bethule ngokushesha ingoma yabo ethi HAMBA.

Lamawele abe sematheni kulenzisuku ngesikhathi uViggy eduba lomcintiswano wama Idols ephuma emva kokuphuma kukawele wakhe uVirginia nokwavela amahemuhemu athi bebengezwani no Sneizy Msomi nosekungumlando ukuthi uhlulwe ngu Luyolo Yiba ngeludlule. Ngeviki eledlule kube nokujabula kubalandeli balamawele ngesikhathi kusabalala ivideo ku Instagram eyayifakwe uqweqwe lomculi uMondli Ngcobo nowazakhela udumo ngengoma ethi 'Kozekuse" ayepike kuyo ngu Dj Merlon.

Ngokuthola kwe Npg Newsblog lengoma yalamawele akwaQwabe ididiyelwe ngu Dj Tira 

Uzomela uPhongolo kowokuklwebha u Blaq Venomous

Uzobe eyophephezelisa ifulege lasoPongolo u Dj Blaq Venomous kumqhudelwano wakwa  Red Squere Dj Knockout Challege 2019  emva kokubaqwaqwada emakhanda bonke oDj abeqhathwe nabo ePorras ngomgqibelo womhlaka 23 ku November.

Lensizwa ogama layo langempela engu Sfiso Dlamini izobe iyomela uPhongolo eNewcastle kulindeleke ukuthi ahambe noMnikazi wePorras uMadakini, nalapho kuzobe kuhlungwa khona ozoyomela isifundazwe saKwazulu-Natal kundumezulu yomcimbi ozobe use Dickison Park eVereeniging ngomhlaka 16 kuze kuyoba umhlaka 17 ku December.

UBlaq Venomous ubuye wathembisa ukuthi uzodedela i EP ngonyaka obuyayo kwazise kulonyaka ubematasa nenkampani yakhe yokuqashisa ngezinsimbi zomsindo nebizwa iSelimathunzi .

Sunday, November 24, 2019

Uyikhaphele uJudas iChiefs kwe Telkom

Kuthele izithelo ukuba uhlupho komdlali weMariztburg United uJudas " Nkunzi" Moseamedi emdlalweni owandulela owamanqamu  we Telkom knockout nalapho ibidlala khona ne Kaizer Chiefs eMbombela Stadium eNasipoti izolo ntambama nosekungumlado ukuthi iMariztburg inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa.

uMoseamedi nosezitholele igama elithi Nkunzi kwazise ufana noMasoja Msiza odlala emdlalweni kamabonakude uZalo, ubeso ukuyiqeda iChiefs njengoba emaningi amathuba angoqekelele abewathola nobekulamula unozinti we Chiefs uBvuma, igoli lokuqala lePeople's Choice nokuyisiteketiso seMariztburg lishaywe nguJudas emva kephutha lika Cardoso ohlulekile ukukhipha ibhola ngaphandle ngesiwombe sokuqala.

kuthe ngesiwombe sesibili yakwazi ukuthola igoli lokulinganisa iChiefs ngegoli lika Sassman obeqedela ibhola ebeliphebezwe unozinti we mariztburg u Ofori, akuphelanga sikhathi esingakanani wabuya uJudas lowo wanqomvela elesibili ngomzuzu ka 84 nokubese kuba ngeliweza abafana bowayeyinjini yeBafana Bafana u Eric Tinkler okunguyena oqhoqhobele isikhundla sokuqeqesha kuleliqembu lase Mphithi. ngalomphumela weMariztburg isizotholana phezulu ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka ngenyanga ezayo, iDowns iguqise Lamontiville Golden Arrows ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ngomgqibelo ntambama.

Wednesday, November 20, 2019

Bazowunqamula ngestayela unyaka oPongolo

Umphathi wenkampani ehlela imicimbi yobumnandi i Dusty Street Entertainment uLucky 'Boateng' Mthembu uthembisa ukuthi abathandi bobumnandi endaweni yaso Pongolo bazowunqamula ngenjabulo unyaka ka 2019.

lomcimbi uzobe ungomhlaka 31 ku December e FAT Leisure House eseNcotshane noyoqala ngo 6 ntambama kuze kuse, kulindelwe ukuthi abazobe bedlala kube izinsizwa ezaziwayo kulomkhakha wokuba ngo DJ njengoba kuzobe kuboshelwe u Dj Ashora, Fannie,Histo, Titan, Dambai, Blaq Venomous, Mr P Lyfy, Lucky Boateng kanye no Megarockz waseMandeni.

Esephetha uLucky Boateng ucele kubona bonke abazoza kulomcimbi beswenke beconse ngoba kuzobe kuthathwa izithombe kanti njalo kuzobe kungenwa ngo R50 emnyango.

Ukhamba lufuzimbiza ku Ghost-Feary

Isizulu siyaye sithi ukhamba lufuza imbiza sibuye siziphikise sithi umfundisi akamzali umfundisi kodwa ku Thulasizwe Simelane nodume ngelika Ghost-feary ongumculi weHip hop kwenzeka lesisaga esithi ukhamba lufuzimbiza.

Lensizwa esencane yasoPhongolo kodwa ekhulele kwaNongoma nengumfundi waseNyuvesi yaso Ngoye kubukeka ihamba ezinyathelweni zikayise uVumile Simelane nodume ngelika CV nobambe elikhulu iqhaza emculweni wezikolwe endaweni yakwa Nongoma, Ikhiphe izingoma ezihamba ngazodwa eziyisithupha phecelezi i EP nokungeyokuqala selokha aqala ukucula kwazse ubevame ukukhipha izingoma ngazizodwa. kule EP ucule ngokuhlanganyela nentokazi u Amanda engomeni ethi Hard times never kills, My wounds will kill nethi Listen to my story nezitholakala ku youtube kanjalo naku www.tubidy.mobi.

Ekhuluma ne NPG online news uthe " Umculo wami ngifisa ukwazi ukuxoxa nabantu abanezinkinga ezehlukene ukwazi ukubalapha" kuphetha lensizwa ebuye icule nomfowabo omdala nowaziwa ngelika Alpha Hydranoid naye obuye abe ngumculi weHip hop.

Tuesday, November 19, 2019

ufisa anqobe esengane yonyaka


Umama ka Simikuso Ndlangamandla unethemba lokuthi uzowudla umhlanganiso wesitolo sezimpahla sakwa Ackermans nobizwa nge  Baby of the year nehambisana nomklomelo ka R20 000.

Ukuze ukwazi ukuvotela u Simikuso nongowasendaweni yasePhondwane esigodini sakwaMafela ungathumela i SMS ethi Simikuso Ndlangamandla kulenombolo ethi 40107.

Ekhuluma ne NPG Newsblog uNkosikazi Nontobeko Sibiya- Ndlangamandla nongumama ka Simikuso unxenxe abantu ukuthi bemsize bethumele lemiyaleso ukuze ekwazi ukunqoba.

kuzotshalwa impande yothando kwelikaBhanana

Uswele amaphiko okundiza umbhali wezincwadi wakwaNongoma uThulani Ka Seme ngenxa yenjabulo emva kokuthi uMasipala weTheku uzoba nomcimbi wokuthula kwezincwadi nalapho Impande yothando ingenye yezincwadi ezizobe zithulwa kulomcimbi uzoba zinga 28 November  eNatural Science Museum.

Lensizwa ebuye ibe ngumfundi wezincwadi kumsakazo i Nongoma FM izwakalise okukhulu ukujabula mayelana nalezindaba " Angazi nokuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kuNkampani engishicilela ngaphansi kwayo nebizwa ngokuthi Iziko Art Publishers engaphansi kuka Baba uMntomuhle Mcambi nokuyiyona eyenze konke okusemandleni ukuthi Impande yothando ibe ngenye yezincwadi ezifakiwe kuloluhlelo olusingethwe umasipala weTheku, okubuhlungu ukuthi omasipala bethu lasisuka khona abasinakile singababhali futhi abazihluphi ngokwazi ukuthi kungaba sikhona yini".

Lencwadi Impande yothando isinesikhathi itholakala ezitolo zezincwadi kwazise ngoJune kulonyaka ithulwe ngokusemthethweni ehholo lomphakathi kwa Nongoma.


Monday, November 18, 2019

ulapha izinkulungwane ngoNontsika

Uma umlalele esevukwe usinga esehaya uyaye umbone ukuthi into ayishoyo isuka ngaphakathi lowo ngu Nomkhosi 'Nonsika' Zungu nongusonkondlo.
Lentokazi engeyokuzalwa kwa Ndundulu e Melmoth ivame ukuzwakala emisakazweni yomphakathi yenza edume ngazo nalapha asuke ehambisana negroup yabasonkondlo nabuye abeyingxenye yayo ebizwa ngokuthi Unbreakable. Uthando lokubhala nokuhaya izinkondlo lwaqala isencane nalapha yayizibhalela izindatshana izisusela ekhanda nokwakuyinto eyayingayinakile nokwathi ngonyaka ka 2015 yaqala yazibonakalisa ngekhono layo lokuhaya esontweni nokwakuyiyona ndlela yokudlulisa umlayezo kubantu abasha.

Ekhuluma ne NPG Online news mayelana nenkondlo yakhe adumengayo ethi uNontsika uyichaze kanje  "Mmmh uNonsika enye yezinkondlo engingasho ukuth ihlobene kakhulu nempilo yami,ngayibhala ngisezinhlungwini ngiphelelwa umoya nganquma ukuth mangsinde lana angsophinde ngiphile impilo yami engathi ngiyazisola kzomele ngempela ngishiye umlando kulimhlaba"

'Icharacter kaNonsika ithi angaba oweslisa noma owesfazane kodwa ithuba lami lokuqala lokuyohaya lenkondlo kwakuyinyanga yabesfazane kwaba sengath ungowesfazane".

uNonsika ukhuluma ngentombazane ekhule kanzima yavalelwa izimo kodwa kuzo zonke izimo wagcina ephumelele.Kyenzeka impilo ibe nzima ekuqaleni abazali awanabo bonke kodwa nalokho akusona isqiniseko sokuth ngeke usaphumelela".

Isiphetha lentokazi egabe ngeziqu ze Bachelor of Science(BSc)  in Biochemistry &Chemistry naziphuthule oNgoye igqugquzele abesifazane abasebancane ukuthi bavuke bazithathe bengavumi ukuhlala ezimweni ezibabukela phansi.



Sunday, November 17, 2019

UDLE UMHLANGANISO KUMA IDOLS ULUYOLO

Umculi wase Baffalo River nokuyidolobhalase Mpuma koloni u Luyolo Yiba unqobe umncintiswano wama IDOLS alonyaka emcimbini obuyizolo eCarnival City.

Lomculi ubesesele neNtokazi yase KZN u Sneizy nokuke kwasuka omkhulu umsindo ngaye ukuthi ubenokuhlukumeza amawele akwa Qwabe nawo abezozama inhlanhla kulomqhudelano nosekungumlando ukuthi kwathi kungaphuma elilodwa nelinye lathi liyamlandela udadewabo.
Emva kokunqoba lomcintiswano lensizwa eneminyaka engu 24 izihlobulele ngenkontileka yokuqopha mahhala enkampanini i Gallo Music, imali engu R1 Million, Huawei Matebook X, iwashi lakwa GT, Imoto iFord Fiesta, i B525 Router ehambisana namadata angu 2o gigs akwa Telkom, ivoucher yokuthenge izimpahla kwa Truworths yenani lika R80000 kanye nemali engu R80000 yokuthenga izinsimbi zomclu zakwa Yamaha. lensizwa ibukeka izinto zaye ziyihambela kahle ngoba nengoma yayo ethi Sunshine through the rain yenza kahle kuma iTunes njengoba ilele endaweni yesibili.

Ngokomlando wama Idols u Luyolo ungowesithathu wesilisa ukunqoba lomncintiswano njengoba kwaqala uKhaya Mthethwa kwalandela uMusa Sekwene


BEKUKHALA u EISH kunqoba iBAFANA BAFANA

 Cishe kubobonke abalandeli beqembu lesizwe lase Ningizimu Africa abebebukela umdlalo wokuhlungena i AFCON ne Sudan uthe uphela umdlalo baphuthuma amaphilisi ekhanda kwazise maningi amathuba abeshweba abadlali nabebashiya bebambe amakhanda.

Nakuba ezika Ntseki zinqobe ngo 1-0 ngegoli lika Lebogang Phiri sekuzoyiwa ekhefini maningi amathuba angoqekelele ayekwe umgadli wakuleli nozinze phesheya u Mothiba nabedalwa iminyakazo emihle ibidalwa ukudlala ngokuzwana phakathi kuka Percy Tau, Morena, Mokotjo, Phiri kanye no Furman obeshanela kwasani okuza ne Sudan.

lomphumela wanamuhla ubeke iBafana Bafan endaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili nokuthi endaweni yesibili kube iGhna enamaphuzu amathathu nomdlalo owodwa nokubese kuthi iSudan ibe sendaweni yokuqala ngamaphuzu amathathu nemidlalo emibili.

IBHAXABULWE NGAMABILI IBAFANA BAFANA EGHANA

Iyivule ngebatha imidlalo yokuhlungela umqhudelwane we Total Afcon iBafana Bafana ngesikhahi ithola isibhaxu sika 2-0 kuqembu lesizwe lase Ghana.

lomdlalo obongolwesine (14/11/2019) enkundleni i Cape Coast Stadium bekungowesibili kuMqeqeshi weBafan Bafana uMolefi Ntseki kwazise owokuqala bekuwumdlalo weMandela Challenge neyawunqoba ngo 2-1 ishaya iqembu laseMali.

umdlalo olandelayo we Bafana Bafana ungesonto neqembu lase Sudan nelinqombe ngo 3-0 emdlalweni wokuvula lemidlalo yokuhlunga nalapho belidlala nezwe lase Sao Tome ePrincipe.

khonamanjalo iqembu lama Glug Glug nokuyiqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu 23 lizibekele indawo kuma semi final e Total under 23 AFCON edlalelwa ezweni lase Egypt nokuzothi umdlalo we Semi final lizowudlala nosokhaya okuyi Egypt nokulindeleke ukuthi kube umdllalo wamagqubu kwasize ngo June Ibafana Bafana yayaliguqisa lelizwe emidlalweni ye Afcon ngegoli lika Thembinkosi Lorch.
Abafana baka David Notoane bazibekele lendawo ngokudlala ngokulingana ne Nigeria banqoba ku Ivory Coast ngo 1-0 bahlulwa kowokuvula yi Zambia ngo 1-0

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...