Umphakathi waseNingizimu Africa usuzokwazi ukuzithengela ithuluzi lokuhlola igculazi emakhemisi akulolonke leli.
Nakuba lesimemezelo siqubule imibuzo mayelana nokwelulekwa ngokomqondo kwalowo ozobe ezihlola kwazise ukuhlolwa isandulela ngculazi bekusenziwa emtholampilo nasezibhedlela kanjalo nakoDokotela abazimele okuyizona Zonke ndawo ezinabantu abaqeqeshiwe ekutheni beluleke abantu emva kwemiphumela.
Kuqinisekisiwe ukuthi kuwona wonke amakhemesi kuzoba nomuntu ozoluleka abazothenga ngaphambi kokuthi abathengi bathenge lelithulusi okumele ngabe kudala lakhishwa kepha lahoxiswa ngenxa yokuthi kukhona obekusacutshungulwa.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
1 comment:
Yonke into entsha nefikayo iqale ilethe ungabazane emqondweni womuntu ngoba isuke ingakajwayeleki iseyintsha. Uma sibheka sesineminyaka eminingi sahlala nalolubhubhane lwegciwane lwesandulela ngculazi nengculazi uqobo. Ngisho nengane encane isiyasazi lesisifo ngoba sekwenziwe imizamo eminingi kakhulu ukuqwashisa abantu umhlaba wonke. Ukuhlola ukuze uzazi ukuthi umi kuphi ngegciwane kugqugquzelwe kakhulu kuleminyaka engaphezu kweshumi edlule. Ziye ngokwanda izibalo zabantu abavakashele emitholampilo beyofuna ukwazi ngesimo sabo kepha kwabonakala ukuthi basebaningi futhi abangakaveli ukuzohlola. Ziningi izizathu ozizwa zibekwa abantu zokuhambela kude nemitholampilo lapho kuhlolwa khona igciwane lengculazi. Okuhamba phambili ukucwaswa nokungamukeleki emndenini, emsebenzini nasemphakathini uma kwenzeka kuzwakala noma uphumela obala ngesimo sakho emva kokuthola ukuthi unegciwane likagawulayo. Ukufika kwethuluzi lokuhlola ingculazi ongazithengela lona ekhemisi kungasixazululela eziningi izinkinga.Ikakhulukazi ngoba olithengayo lelithuluzi uzokuthola ukwelulekwa ngokomqondo khona ekhemisi ngaphambi kokuba alithathe aphume aye nalo lapho ezolisebenzisela khona. Sibambisene sizoyinqoba lempi yobhubhane.
Post a Comment