Friday, December 9, 2016

Sekuqubuke umfundisi ophuzisa abazalwane iDettol

 Umphrofethi uRufus Phala webandla i-AK Spiritual Christian Church eMakgodu, eLimpopo, usengene emgqeni walabo baholi bamasonto abadlise abantu izinto ezithile ngoba bethi kuyaphilisa.

Lombholofithi kuthiwa uphuzisa abazalwane besonto bakhe iDettol ngoba ethi uyalelwe uJehova ukuba abaphuzise lophuthi oyisibulala magciwane emzimbeni womuntu.

uPhala ulandela inqwaba yabanye abaholi bamabandla abenzisa abazalwane izinto ezifana nokubaphuzisa uPetrol, ukubafutha ngedoom, kubadlisa utshani kanjalo nezinyoka nokunye okuningi nabazithethelela ngokuthi yingoba bathole umyalelo kaJehova ukuthi kuyaphilisa. 

1 comment:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...