Tuesday, February 16, 2016

Isimanga ngomlilo oqubuka enhlabathini emahlabathini

Umphakathi waseDlebe emahlabathini ubabaza isimanga somlilo ovele uqubuke ngaphansi komhlaba nosekuphele iviki lonke ulokhu usha endaweni eyodwa .

Lenkilabeyitheka yesehlo sesikhathaze umphakathi kwazise akwaziwa ukuthi ngabe lomlilo udalwa yini ngoba kuvele kushise umhlabathi bese kuqubuka umlilo nongacisheki kwazise usuka uphuma enhlabathini.

Amanye amalungu omphakathi asola intabamlilo (volcano) nakuba iNingizimu Africa ingelinye lamazwe akude kakhulu ekuhlaselweni intabamlilo, amanye amalunga omphakathi asola ukuthi kungenzeka ukuba isimo selanga esishisayo singaba nomthelela uma kuwukuthi leyandawo inomcebo wamalahle kwazise vele ikhona imayini yamalahle kwesinye sezigodi zakhona emahlabathini okuthiwa kusokhukho.

1 comment:

Unknown said...

Kuyamangaza lokhu okubonakala eMahlabathini. Intabamlilo yinto engakaze ibonakale eMzansi neAfrika kungabe kuqopheke umlando ezweni laseNingizimu neAfrika. Kodwake nalapho zikhona izintabamlilo cishe kwakuqale kancane kanje. Ngakolunye uhlangothi phela intabamlilo iqhuma entabeni hayi ezweni. Indida ngendaba yaseMahlabathiniingaba lapho.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...