Isilo samabandla wonke inkosi yesizwe samazulu sithi izinhlangano eziphikisana nomkhosi womhlanga zingamaqhude okuzibeka, uMdlokombana ubekhuluma izolo ngesikhathi evula ngokusemthethweni isishayamthetho sakwaZulu Natal emcimbini obuse Agricultural Ground eMgungundlovu.
Lomkhosi odonsa amehlo ayizigidigidi emhlabeni wonke kwazise kusuka kuqhakambiswa ukuziphatha kwamantombazane ayizintombi nto nalapho izinhlangano ezilwela amalungrlo abantu zithi kuwuhlukumeza amalungelo ezintombi.
UBhejan' uphumesiqiwini uthe lomkhosi angeke uyendawo usazoba khona mnyaka yonke usazoqhubeka njengenjwayelo eNyokeni nokuyigama lesigodlo seSilo esiSosuthu kwaNongoma.
Ayigcinanga ngokukhuluma ngomkhosi womhlanga iMbube ithinte nendaba yezemfundo nalapha ithe akuyekwe ukukhonjwana ngemiphumela yebanga leshumi kepha abantu abasebenze ngokubambisana ukuze imiphumela izoba ngcono kwazise ikwaZulu natal ithole imphumela engemihle ngonyaka ophelile.
Lomcimbi ubuhlobe ngemvunulo ebivunulwe izethameli
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment