Tuesday, February 23, 2016

bangamaqhude okuzibeka abaphikisana nomkhosi womhlanga

Isilo samabandla wonke inkosi yesizwe samazulu sithi izinhlangano eziphikisana nomkhosi womhlanga zingamaqhude okuzibeka, uMdlokombana ubekhuluma izolo ngesikhathi evula ngokusemthethweni isishayamthetho sakwaZulu Natal emcimbini obuse Agricultural Ground eMgungundlovu.

Lomkhosi odonsa amehlo ayizigidigidi emhlabeni wonke kwazise kusuka kuqhakambiswa ukuziphatha kwamantombazane ayizintombi nto nalapho izinhlangano ezilwela amalungrlo abantu zithi kuwuhlukumeza amalungelo ezintombi.

UBhejan' uphumesiqiwini uthe lomkhosi angeke uyendawo usazoba khona mnyaka yonke usazoqhubeka njengenjwayelo eNyokeni nokuyigama lesigodlo seSilo esiSosuthu kwaNongoma.

Ayigcinanga ngokukhuluma ngomkhosi womhlanga iMbube ithinte nendaba yezemfundo nalapha ithe akuyekwe ukukhonjwana ngemiphumela yebanga leshumi kepha abantu abasebenze ngokubambisana ukuze imiphumela izoba ngcono kwazise ikwaZulu natal ithole imphumela engemihle ngonyaka ophelile.

Lomcimbi ubuhlobe ngemvunulo ebivunulwe izethameli

Monday, February 22, 2016

uzophinda agadle ngolozolo nakuLonyaka uGovozile

Umculi okhula ngesivinini emculweni kamaskandi uGovozile nodabuka eNtumbane uzokhipha ulozolo ku cwecwe lakhe lesithathu nazolikhipha kulonyaka.

Lensizwa engu Muzikayise Khumalo nemiqokwe komunye umunxa kumncintiswano obizwa nga Mantshontsho kaMasikandi awards ekhuluma ne NPG news blog uthe "Kungijabulise kakhulu ukuqokwa kumantshontsho lokho kwenze ngabona ukuthi abantu bayemukele kahle ingoma engiyidlalayo, ngamaholidi ephasika  ngizokhipha I Album yesthathu esihloko sithi HlabelamaDlozi iyoba namandla amakhulu ke kunalena esibuya kuyo"

"Abathandi bomculo wami noPhongolo lonke ngithi kusenengoma nje ezothatha indawo yangakithi iyibeke kwelinye izinga bengapheli mandla" kuqhuba lensizwa ebuye isebenze kwesinye seziphehlimandla zika gesi,

ebuzwa ngabantu asebenze nabo kulelicwecwe uthe "Ngisebenze neschomane sasophongolo . Umlayezo engomeni ethi Hlabelamadlozi ngiqonde ukucacisa ukuthi akulula emculweni mina ngiyazifikela kodwa sengithwele amazondo kwabanye. Kodwa hleze uma ngingalungisa emadlozini engangivikela noma kunzima".

Kuzokhumbuleka ukuthi lensizwa idume ngenoni layo elithi ' waxoshindoda' nelihlale eside isikhathi ku Top 10 kasigiya ngengoma oKhozini fm


Saturday, February 20, 2016

isazoqhubeka nokuzijuxuza ngoJesu intsha yase TACSA

Ibandla lase TACSA neliholwa uMfundisi M.J Mbokane lisasazoqhubeka nokuletha ubumnandi entsheni yalelibandla kanjalo naleyontsha efisayo ukuzibandakanya.

Ngokusho kuka Khulekani Khumalo nodume ngelika Reemza ukuqinisekisile ukuthi kulonyaka lizobe liphakeme izinga uthe "Noma kungekhona ukuzijuxuza kwezwe ,injongo :ukukhuthaza banta basha kuthi nangapha enkosini ungazijuxuza ngaphandle kophuzo oludakayo,ukwakha ubunye kuthi uma omunye muntu omusha esenkingeNi angafi sikhona ukuze sisizane kwazise siyadingana ,nokugqugquzelana ngempilo nje"

Lombuthano walelibandla obanjwa njalo ngosuku lwentsha okuwu 16 June ngonyaka nalapha kwenziwa izinto ezinhlobonhlobo nalapha athe uKhumalo "noma ngeke ngalande lanisa  ngoba ezinye izinto ezizokwenziwa abazalwane baziletha ngosuku lokugcina kodwa okwamanje sisanazi izinto ezisazibekile etafuleni,
~Talk show /discusion ~word of
God tems:music,poetry, mind games inhloso ngqangi ukuba wonke umuntu ongaphakathi endlini ezibandakanye njengoba kwezinye izikhathi kuyaye kube nemiklomelo kulawo maqembu asuka enqobile"

Lomgubhu oheha inqwaba yentshayamabandla ehlukene kwazise ngonyaka ophelile kwakuvakashe ibandla le CFCI yakhona belu eNcotshane

Thursday, February 18, 2016

bazokhokha bonke abase abasebenzi bakahulumeni abakweleta uNSFAS

UNdunankulu wakwaZulu Natal uMnu Senzo Mchunu uaememezele Ukuthi bonke abasebenzi abasebenza eminyangweni eyahlukene kuhulumeni abakweleta u NSFAS kumele bayikhokhe ukuze kuzosizakala nabanye abafisa ukuhlomula kulesikhwama.

Ilinganiselwa ku R400 Million imali esakweletwa ilabasebenzi nababalelwa ku 15663, nokuvela ukuthi ikwaZulu Natal isona sifundazwe esinenani elikhulu labantu abakweleta lesikhwama esisiza abafundi.

UMchunu uthe bazosebenzisana noMnyango wezemfundo ephakeme kanjalo nabaqoqi bentela okungu SARS ukuqoqa lemali kulabo abakweletayo.

iphinde yaqhuzuka emnyama

Iqembu le Orlando Pirates liphinde Lahlekelwa amaphoyinti amathathu ngesikhathi lishaywa kabuhlungu iqembu leFree State Stars ngo 1-0 izolo ebusuku eGlobel Park.

Amabhakaniya abonakala ezika ngaphansi kuka Eric Tinkler kwazise awakaze athi lungu ku Top 8 selokhu iqalile leseason nokwenza ingcindezi yaqonga emahlombe alomqeqeshi iwagixabezwa ngalesikhundla emva kokushiya kuka Roger De Sa maphakathi ne season edlule nowazitholela ikhaya ku Ajax cape Town.

Wednesday, February 17, 2016

bengazithola behleka bodwa abaphoxwa uMTN kulelisonto

Amakhasimende asebenzisa isixhumaniso sezomoya sakwa MTN angazithola ehleka odwa ikakhulukazi lawo athenga izigqi zomoya(data  bundles) nemilayezo emfishane (sms) akalelwe ukuphela ngosuku.

Isikhulu esiphezulu sakwa MTN sithe basezinhlelweni zokubuyisela izigidigidi zabo bonke laba abangakwazanga ukusebenzisa lezizinto ezibalulwe ngenhla ngomSombuluko ngesikhathi kuvele kungqi kuzozonke izinto ezaziphathelene no MTN.

Amakhasimende akwaMTN ayekhala ngazwi linye ngomsombuluko kanjalo nangolwesibili ngesikhathi bengakwazi ukusebenzisa lesixhumanisosezomoya. Nokwathi ngawo belu uMsombuluko wakhipha isixoliso u MTN sokuthi bekusalungiswa lenkinga yokuthi ngqikwezinto.

Tuesday, February 16, 2016

ukukhulela emaplazini akumthenanga amandla okufeza iphupho lokuba umbhali

Izigameko ezithile zempilo zamenza waba nogqozi nofuqufuqu lokubhala izincwadi lowo yinsizwa esencane enguThulani Seme nedume ngelika Bar-one kwabayaziyo.

Lesidlakela sensizwa esaqala ukubhala izincwadi sisafunda eMginame Intermidiate nokungesinye sezikole zasoPhongolo sizwakala njalo emsakazweni womphakathi wakwaNongoma iNongoma Fm njalo ngamasonto ntambama lapha sisuka sifunda enye yezincwadi zayo esihloko esithi "IMPANDE YOTHANDO"

Ekhuluma ne NPG newsblog uthe "ukubhala ngsafunda kodwa ngingangxile kangako; kuthe ngonyaka ka2012 lwaqala lwakhula uthando lokubhala ngenxa yokubona umsebenzi omuhle womdlalo kababa uJohn Kani kwi INKABA",

Usebhale izincwadi ezinhlanu ezisihloko ezithi lMPANDE YOTHANDO; UMTHANDAZO KAMVELO; lSlKHWELE; UMSHADO WESITHATHU;
UMTHAMBO KANOMZAMO, nakuba zingakashicilelwa kodwa kuyothi uphela lonyaka ziyobe sezitholaka kuzitolo zezincwadi nasemsakazweni iNongoma fm kwazise uzozishicilela ngaphansi kwenkampani ebizwa nge Career Active.


Nakuba eyinsizwa ehlala imatasatasa ngokubhala kanjalo nokusebenza enkampanini yakubo ekhanda amadesk ezikole uyazinika isikhathi sokuhlala nendodakazi yakhe ayikhonze kakhulu uZizipho.


Ephetha ne NPG newsblog ubonge wanconcoza kuMphathi we Nongoma FM uMnu Sbo Zulu no Minenhle Masondo ngomnika ithuba lokufunda izincwadi zakhe emsakazweni kanjalo noMnu Edward Hlophe owaba nesandla ekukhuleni kwakhe esahlala eplazini lakwa Rourliad nelidume ngoRoliyade kwelasoPongolo.


usenethemba ngebheke eRio uMfanakagogo

Isikhwishikhwishi somdlali waseswini nodabuka oPhongolo uSphelele 'Starch' Ntshangase unethemba lokuthi uzolulama ngokushesha nokuzombeka emathubeni okuyomela iningizimu Africa emdlalweni yama olympic eRio de Janerio kwelase Brazil.

UNtshangase ogijima kuBlack leopard walimala kabuhlungu ngesikhathi iqembu lakhe libhekene ne Mbombela United.

Lensizwa engu kaputeni we Leopard izohlala amaviki ayisithupha ingalikhahleli ibhola. Ekhuluma ne NPG newsblog uthe " ayi njayami ngizobuya kungekudala ngoba sengigconywana akusafani".

Isimanga ngomlilo oqubuka enhlabathini emahlabathini

Umphakathi waseDlebe emahlabathini ubabaza isimanga somlilo ovele uqubuke ngaphansi komhlaba nosekuphele iviki lonke ulokhu usha endaweni eyodwa .

Lenkilabeyitheka yesehlo sesikhathaze umphakathi kwazise akwaziwa ukuthi ngabe lomlilo udalwa yini ngoba kuvele kushise umhlabathi bese kuqubuka umlilo nongacisheki kwazise usuka uphuma enhlabathini.

Amanye amalungu omphakathi asola intabamlilo (volcano) nakuba iNingizimu Africa ingelinye lamazwe akude kakhulu ekuhlaselweni intabamlilo, amanye amalunga omphakathi asola ukuthi kungenzeka ukuba isimo selanga esishisayo singaba nomthelela uma kuwukuthi leyandawo inomcebo wamalahle kwazise vele ikhona imayini yamalahle kwesinye sezigodi zakhona emahlabathini okuthiwa kusokhukho.

Wednesday, February 10, 2016

Ikhuze ibuya iJoyouse yodumo

Iqembu lebhola lezinyawo elalishisa izikhotha kuligi yasoPongolo iJoyouse FC likhuze ibuya emva kokuthatha ikhefu lonyaka ebholeni lama amesha.

Leliqembu elasungulwa nguMnuz Lindelihle Zikalala nodume ngelika Faya lalicoboshisa kwasani kuLigi yasoPhongolo laphinda layodla umhlanganiso kumaplay off  nalapho lazizuzela khona igunya lokuyodlala ku SAB ngonyaka ngeseason edlule nokungenzekanga ngenxa yokuthola unxiwa olusha kukaZikalala nosezinze eRichards bay.

Ekhuluma ne NPG newsblog umfokaKhuze uqinisekisile ukuthi abafana bentokozo nokuyigama okuteketiswa ngalo iJoyouse FC bazohlala futhi ngeke besathatha ikhefu kwazise yonke into ime ngomumo  nakuba bengasitholanga isitifiketi sokudlala ku SAB kodwa bazoqala laphaya phansi kuSuper league.

Lensizwa ezibambele yona kwesokuqeqesha kuleliqembu elinabadlali abangu 21 ithe kusazoba nesikhathi lapho kuzovuleka ithuba kubadlali abafisa ukuzozama inhlanhla.

Tuesday, February 9, 2016

Konke sekume ngomumo ngenkulumo yesizwe

Kubikwa ukuthi konke sekume ngohlelo mayelana nomcimbi laphi uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma azobe ethula khona inkulumo yesizwe kusasa ebusuku ephalamende eKapa.

Onke amehlo azobe ethe njo kuqembu le EFF ne le DA kwazise ngonyama ophelile lamaqembu aphazamisa uMongameli esathula inkulumo nokwaphoqa ukuthi kuze kubizwe abazekuphepha nabangena babakhipha bonke ababephazamisa.

Nakulonyaka uyezwakala umoyana ingathi kuzophinda esangonyaka nakuba lowo mahlebezi engakaqinisekiswa.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...