Saturday, December 24, 2022

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maphumulo.

U Shimora nokungesinye seziteketiso zika Mampintsha udlule emhlabeni esesibhedlela nalapho ayengeniswe khona emva kouhlazelw isifo sohlangothi. Ngokwesitatimende esikhishwe yinkampani yakhe i westink imininingwane yesikhumbuzo neyomngcwabo izmenyezelwa.


Thursday, December 22, 2022

ifu elimnyama e Mzala Nxumalo

Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni yamashumi amahlanu nanhlanu ye-ANC ebise Nasrec eGoli ngolwesibili. umaMdlalose obebuye ebe ikhansela ku wadi 12 ngaphansi kuMasipala Abaqulusi udlule emhlabeni kanye no Mnumzane Mpendulo Khumalo obeshayela imoto nobuye abe yilunga eliqavile le Sifunda uMzala Nxumalo, kwalimala kanzima uNkosazane Selusiwe Ntuli osekomidini lalesifunda.

Wednesday, December 21, 2022

Uyalulama u Mampintsha


Uyalulama esibhedlela Umculi weqembu or Big Nuz uMandla Maphumulo nodume ngelika Mampintsha nohlaselwe isifo sohlangothi phecelezi  Stroke ngolimi lokwebolekwa.

UNkosikazi walomculi u Babes nodume Nate ongumculi uthi bamphuthumise e King Edward ngaphambi kokuthi adluliselwe eDurdoc Hospital khona belu eThekwini nalapha alila Mela khona.

Sunday, December 18, 2022

Ukhuze ibuya u Ramaphosa


Emva kwegidigidi nelukuluku ebeliphethe amalungu nabalandeli beNhlangano ka ANC mayelana nokhetho lobuholi buka zwelonke ukuqagela kuphelile. Ukuncintisana obekuphezulu ngobesikhundla sokuba nguMongameli weNhlangano obudla lubi phakathi kuka Mnumzane Cryil Ramaphosa no Dokotela Zweleni Mkhize nosekungumlando ukuthi i Ankole (nokuyisiteketiso sika Ramaphosa) ikhuze ibuya kwesikaMongameli kwazise kuyiwekuleNgququthela kunguwe uMongameli njengoba akhethwa ngo 2017 khona belu eNasrec.

 LeNgququthela ethwathwa njengenye eqophe umlando kwazise esikhundleni sikaMgcinimafa kukhethwe owesifazane okokuqala ngqa ibonakale ibenezikhawu lapha obekubuye kushube imimoya ikakhulukazi kuzithunywa ebezivela kwaZulu Natal nebezithwele ngeqoma uDokotela Zweli Mkhize.

Selulonke ukhetho luhambe kanje lobuholi obuphezulu

 Amavoti abaliwe 4,386 

 EsikaMongameli:
 amavoti onakele: 4 
 Abangavotanga: 7
 Zweli Mkhize: 1,897
  Cyril Ramaphosa: 2,476

Sekela Mongameli
 Amavoti onakele: 10
 Abangavotanga: 23
 Ronald Lamola: 315 
 Oscar Mabuyane: 1,858
 Paul Mashatile: 2,178

 Usihlalo kazwelonke
 Amavoti onakele: 1
 Abangavotanga: 13
Gwede Mantashe: 2,062 
 David Masondo: 280
 Stanley Mathabatha: 2,018 

 Unobhalajikelele
Amavoti onakele: 7 
 Abangavotanga: 15 
 Phumulo Masualle: 1,590 
 Fikile Mbalula: 1,692 
 Mdumiseni Ntuli: 1,080 

 Usekela NobhalaJikelele wokuqala
 Amavoti onakele: 5 
 Abangavotanga: 39 
 Tina Joemat-Pettersson: 2,145 
 Nomvula Mokonyane: 2,195

Usekela Nobhalajikelele wesibili
 Amavoti onakele: 7
 Abangavotanga: 56
 Ronala Nalumango: 1,948 
 Maropene Ramokgopa 2,373 

 Umgcinimafa Jikelele
Amavoti onakele: 12 
 Abangavotanga: 40 
 Bejani Chauke: 590 
 Pule Mabe: 1,652 
 Mzwandile Masina: 281 
 Gwen Ramokgopa: 1,809



    




Saturday, November 5, 2022

Intuthuko yamakalishi e North west


UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000


Lamakalishi azophinde alungiswe mahhala hha iminyaka emithathu ilandelana wenowabona i warranty emotweni.


Abukeka enayoke i wheel alignment lamakalishi.

Thursday, October 20, 2022

kungabe ukusuza sekukhonga ukunya ngo Shalulile

Emva kwemidlalo emithathu engabonakali esikimini se Mamelodi Sundowns kuqubuke imvunge ngokunyamalala isigubhukane kuka Peter Shalulile. Omunye wesixaxa sabaQeqeshi be Mamelodi Sundowns uthe uShalulile unyamalele ngoba elimele isicubu sethanga. Kodwa oManalaphongikutshele bathi lomgadli wase Namibia udubile kuleliqembu ngoba kunamaqembu amfuna uthuli phesheya kwezilwandle.

Monday, October 17, 2022

Sithi Halala Mkhulandle ngokuphephezelisa uPhongolo ebalazweni

UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yababhali bezincwadi nebizwa nge The Book behind awards. Imcwadi ka Mfundisi u Vilane ethi 'Keeping the sizzle alive in marriage' izibhokle zonkee ebiqhudelana nazo kumunxa we Best relationship Analyst . Halala Mkhulandle halala!

Kuphele ukuqagela egixabezwa esikaSihlalo olaxaze i DA

Iqembu le Action SA neliholwa ngu Herman Mashaba limthule ngokusemthethweni uMnumzane Zwakele Mncwango njengelunga laleliqembu nophinde wagixabezwa ngesikhundla sokuba ngu Sihlalo kwaZulu Natal.

Sunday, October 9, 2022

Ube yimpumelelo uMkhuleko wasoPhongolo

Ukhukhulelangoqo womkhuleko wamabandla wonke asoPhongolo uhambe kahle kakhulu nobubanjelwe eNtabeni yasoPhondo esendaweni yakwaShoba. Lomkhuleko bekungowokukhulekela izingozi ezidla lubi ku N2, udlame olubhekisee kwabesifazane nezingane, ubugebengu nokunye okuningi okuhlalise kabi uMphakathi wonkana wasoPhongolo. UShlalo waBafundisi ngaphansi kukaMaspala waso Phongolo uBhishop SE Malinga ubonge wonke amabandla aphume ngothi lwawo kanjalo noMphakathi wonke wasoPhongolo ophumile wazoba yinxenye yalenkonzo

Tuesday, March 22, 2022

Siphose sabondwa sayekwa ku Athletico FC


 Kuphose kwabekwa iphini ngaphezulu kuqembu ke Athletico FC yase Deckville nehlelwe umshophi wokuba sengozini yemoto ibuya kodlala umdlalo wayo weligi yakwashoba nosekungumlando ukuthi ishaywe ngo 3-1 ishaywa ngamajaji angenazwelo nokuyi Black Poison fc.

Lengozi edalwe nowukuphelelwa ngamabhuleki kwemoto ebihamba leliqembu nokudale ukuthi iyokhalakathela emgodini owadalwa inkontileka eyayingawuqedanga umgwaqo wakwashoba. Amadlali ababandakanyeke kulengozi baphuthunyiswe emtholampili wakwashoba nalapha bethole khina ukwelashwa base beyadedelwa.




Wednesday, March 16, 2022

Sekuhlukene inhloko nesixhanti ku Bennie nezikamadlibhantshi

 Obengumqeqeshi weqembu la Mazulu FC uBennie McCarthy usehlukene ngesihle naleliqembu lika Mnumzane Sandile Zungu.

UBennie nosabambe umklomelo womqeqeshi wonyaka uhlukana neqembu losuthu ngemva kokungavunywa yimiphumela kwezikamadlibhantshi nezinkinobho zalo. 

Thursday, March 10, 2022

Ugadla ngabejwalekile kowobungani uBroos

 


Umqeqeshi weBafana Bafana uMnumzane Hugo Broos umemezele iqembu labajwayelekile abazodlala owobungani nezwe lase Drance ne zwe lase Guinea kulenyanga.

uBroos umemezela leliqembu nje iBafana Bafana yaphuma ikhihla esika Nandi emidlalweni yokuhlungela eyomnqamulajuqu wendebe yomhlaba nalapha lakhishwa yiGhana nokwaba wumdlalo owashukumisa umhlaba wonke ngenxa kaNondweba owayewuphethe enza izinqumo ezazikushiya ubambe ikhanda nosekungumlando ukuthi iGhana yaguqisa iBafana Bafana ngomkokotelo wephenathi.

Selilonke iqembu elizodlala kulemidlalo elandelayo limi kanje

Goalkeepers (4): Ronwen Williams (SuperSport United), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs), Veli Mothwa (AmaZulu), Brandon Petersen (Kaizer Chiefs)

Defenders (10): Nyiko Mobbie (Sekhukhune United), Siyanda Xulu (unattached), Terence Mashego (Cape Town City), Nkosinathi Sibisi (Golden Arrows), Sbonelo Cele (Golden Arrows), Veluyeke Zulu (Chippa United), Rivaldo Coetzee (Mamelodi Sundowns), Athenkosi Mcaba (Stellenbosch FC), Rushine de Reuck (Mamelodi Sundowns), Khuliso Mudau (Mamelodi Sundowns),

Midfielders (9): Keagan Dolly (Kaizer Chiefs), Mduduzi Mdantsane (Cape Town City), Ethan Brooks (TS Galaxy), Lyle Lakay (Mamelodi Sundowns), Thabang Monare (Orlando Pirates), Teboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), Goodman Mosele (Orlando Pirates), Bandile Shandu (Orlando Pirates), Pule Mmodi (Golden Arrows)

Strikers (6): Victor Letsoalo (Royal AM), Fagrie Lakay (Pyramids, Egypt), Percy Tau (Al Ahly, Egypt), Bongokuhle Hlongwane (Minnesota, USA), Lyle Forster (Westerlo, Belgium), Evidence Makgopa (Baroka FC)

Bekuyisi Malinga iTigers ishaya iPiano

 IPhongola Black Tigers ilingise inyoka ngokuziluma yona ngesikhathi ibhekane ne Piano FC emdlalweni weligi yakwaShoba ngesikhathi iyishaya ngo 3-1  izolo ntambama.

Izingwe ezimnyama ezadla umuntu egijima zinqobe ngo 3-1 zishaya izingane zayo iPiano FC nethathwa njengenkulisa ye Pongola Black Tigers kwazise iqeqeshwa ngumdlali we Tigers uMbhisophi Sibusiso Malinga.

ITigers ishaye i Piano ngamagoli amabili ashaywe ngu Mfanbomvu 'Magudlula' Malinga beno Melusi Malinga kwase umthoba nhliziyo we Piano lashaywa ngu Rey Malinga

Tuesday, March 8, 2022

Iphinde yagujwa iMama ne Spytwo IShoeshine

 


Kunalomdlalo wamakhadi obizwa ngo Casino odlalwa kwakhulu ezindaweni zasemakhaya naseMalokoshini, ukuze unqobe kahle kumele kube nohlobo lwamakhadi athile kepha athandeka kakhulu ileli eliwu 10 obomvu ongumcijolo bese kuba u 2 omnyama we spade ngenxa yokuthi mawunawo lililodwa libala kabili.

Okwenziwe yiqembule  Shoeshine emdlalweni weligi yakwashoba kufane nse nokufike ugqibe iMama nge Spytwo emvakwalokho ungabe usamboza ngamanye amakhandi njengoba belihamba phambili ngo 2-0 lidlala ne Westham United nokuthe sewuyela ngasekupheleni umdlalo yabuya i Westham yanamathisa amagoli amabili ngokushesha enethini okulinganisa lase lifa kanjaloke ikhehla ku Schathulo cwebezela nokuyisiteketiso se Shoeshine.

Selokhu iqalile iligi abafana be Schathulo cwebezela  abakanqobi nowodwa umdlalo nokuyenza ibe nephuzu elilodwa emidlalweni emithathu nokuyenza ibesendaweni yesithathu ukusuka emsileni. Sisekuzo ezithinta umsila waleligi enesasasa ngendlela eyisimanga i Scopion neMaluju FC balokhu bayashintshana ngendawo yokugcina ngci njengoba bobabili bengazi nokuthi konja kunjani ukudlala ngokulingana angiphathike ukuwunqoba ngabakhwekazi bona ongadli phambi kwabo. Imaluju FC igijima ngezingwazi ezifana no Drogba owake wathi lungu Ku Citizen yasoLundi eyayidlala kwa Vodacom kanjalo nengwazi yakudala ye Pongola Black Tiger Jacky 'Styles' Mavuso nobedlala umdlalo wakhe wokuqala ngolwesihlanu kuleliqembu elalibhuquzisa kwasani ngezikhathi zomvalelandlini kudlalwa u 1 pali.


luyaqhubeka ushikishi lwalemidlalo njengoba ngolwesithathu kuzoba nomdlalo ngehora lesine ntambama.

P B Tigers vs Piano FC

 

Uhlu lwabashayi magoli abavelele.

Mankwa (Black Poison) 7

Mahlobo ( PB Tigers) 4

Griezman ( Black Poison) 3

Sthembele (Bayern) 3

Mgwaja (Juventus) 3

 

Monday, March 7, 2022

Udedele olunye ulozozo u Blaq Venomous


 Umdidiyeli omsenkantshubomvu emculweni we House uSifiso 'Blaq Venomous' Dlamini ukhiphe ulozolo lwengoma ethi 'Ingoma' nayenze ngokuhlanganyela nentokazi yaseNcotshane uZandy nokuyingoma ewuhlobo lwamaPiano.

UBlaq Venomous noswkhiphe inqwaba yomculo nakulokhu uqhubekile nesitayela aziwa ngaso sokusebenzisa i saxophine ezingomeni zakhe njengoba nakulengoma ayenze no Zandy izwakala.

Lengoma iyatholakala kulezindawo zomculo 

 blaq venomous -Ngoma (ft zandy)

https://audiomack.com/dhlaminisg77/song/ngoma

https://hearthis.at/blaq-venomous/blaq-venomous-ngomaft-zandy

https://youtu.be/f4HWeehF8qQ


Zizwele nansi ingxoxo esibe nayo nalensizwa 



Amalukuluku, ibeef, iChicken ibeef - Black Poison


Iqembu lebhola lakwashoba i Black Poison belibonakala ngathi liyenza kabusha ingoma ka MFR Souls ethi 'Amanikiniki' ngesikhathi libhuquzisa iqembu kaMalukuluku FC elingamanye abhekiwe ukudla umhlanganiso kuligi yakwashoba.

Lomdlalo obunesasasa nobese kuphele isonto lonke kukhulunywa ngawo ezinkundleleni zokuxhumana, ezindaweni zokuqeda ukoma, emavenini oMfanobomvu ngisho noMama abasebenza kwa EPWP bebexoxa ngawo nokuthe ngesonto ntambama lafika elingaliyo.

Omabili abaqembu angene enkundleni kwachwaza izihlwele ebezithe phama enkundleni yakwaShoba. Njengenjwayelo womabili amaqembu ebebophele izinkunzi zawo azethembayo njengoba i Black Poison bebekhona abadlali abafana no Mgayinga, Soh, Thanda 'Sgayigayi', Mankwa 'Pitbul' Mbokazi , Bhiva  no Yovu ukukha abambalwa kanti ku Malukulu FC bebekhona abadlali abafana no Mcijo, Sizo 'The General',  Yoh, Magamdela, Matiye, Mhlengi ukubala abambalwa bese abaqeqeshi bawo lamaqembu ngapha ku Malukuluku Fc ubekhona uChippa ' Englishman' Nkumane bese ku B Poison ebekhona u Ayanda ' Wire' Sibiya

Umdlalo uqale ngeyiya eliphezulu nokungathusanga ukuthi sithe siphela isiwombe sokuqala i Black Poison ibihamba phambili ngo 5-0 nokuthe mazibuya waqhubeka lapho ugcine khona uShevu omnyama wafaka amanye amahlanu umdlalo waphela ngo 10-0.

Amashaye amagoli kube ngu Mankwa 'Pitbull' Mbokazi washaya amahlanu, Griezman amabili, Lale elilodwa, Soh elilodwa kwase elilodwa kube umkhonto ogwazekhaya

Sisekuzo ezithinta ikwaShoba soccer league imidlalo elandelayo imi kanje

KwaShoba Fixture 
11 March 2022(Friday)
16:00 Piano vs Real Madrid 

12 March 2022 (Saturday)
12:00  Tigers vs Scopion 
14:00 Rangers vs Young Stars 
16:00 Atletico vs Black Poison 

13 March 2022(Sunday)
10:00 Bayern vs Westham 
12:00Juventus vs Russia 
14:00 Amalukuluku vs Shoe Shine 
16:00 Maluju vs Dortmund

Thursday, March 3, 2022

Ubaqwaqwade emakhanda uMasipala wasoPhongolo


 UMasipala wasoPhongolo udle umhlanganiso ngokuba nguMasipala ohlanzekile kunabobonke oMasipala basezindaweni zaseMakhaya esifundazweni sakwaZulu Natal.

Ngalokunqoba kwaloMasipala oholwa ngu Mayor uVM Sikhosane uzihlomulele ngesigidi samaRandi (R1 Million )

Tuesday, March 1, 2022

"Vuselela umlilo emshadweni" - Apostle ME Vilane


 Uthando luyisisekelo sazozonke izinto ezikhona emhlabeni, impilo esiyiphilayo emhlabeni iwuthando oluvela kuJehova yingakho nemishado ibangejabule uma umlilo wothando usavutha futhi uhlezi ukhwezelwa ngabaganene, lana kube ngamazwi ka Baba u Apostle uM.E Vilane webandla le AFM eNcotshane echaza kabanzi ngecwadi ayibhalile esihloko esithi 'Keep the sizzle alive in marriage' nokusho ukuhlala bejabule abashadile phezukwazozonke izingqinamba abadibana nazo.

Lencwadi ihlukene izigaba ezimbili esokuqala  sikhuluma ngqo nabantu abasha ukuthi bengalekeleleka kanjani ukuthola abalingani babo ababafanele. Esesibili sikhuluma ngalabo abashadile ukuthi bengahlala kanjani bejabule emva kwazozonke izinselelo abadibana nazo emshadweni.

"Kuningi okuqukethwe ilencwadi kepha nje ukukha okumbalwa ngayo ukuthi izobe ikhuluma ngokuthi kumele niwugcine kanjani umshado ujabulile ngabe ngakwezezemali, ukungahaleli izinto ezenzeka komunye umshado nokungagcina sekudala izikweletu ezingaphezu kwamandla enu, ukuxolelana emshadwei, ukuzibophezela nokuba Mnene ngasosonke isikhathi" kuphetha Apostle Vilane nongomunye wabaphathiswa bezwi owashada emncane kakhulu.

Ukukhwezela amalahle othando emishadweni noma sidinga iziluleko zokuthola umlingani okufanele zitholelelencwadi  ngo R140 shayela kulenombolo ethi 0788552979 








Saturday, February 19, 2022

Kusukile okwasuka embongolweni ngeligi yakwaShoba

 Ivulwe ngedili lamagoli imidlalo yeligi esungulwe Kwashoba nebizwa ngeKwashoba soccer league.

Lemidlalo ebunjwe ngamaqembu ayishumi nanhlanu akwashoba namathathu aseDeckville nokwenza inani lawo esewonke libe yishuminesishiyagalolunye (18) iqale namuhla enkundleni yakwashoba.

Imidlalo yosuku ihambe kanje.

1. Athletico 1 - 2 Westham

Surprise ⚽          Mbombho⚽⚽


 2. Shoeshine 3  -  4 Juventus

Doctor ⚽⚽           Mgwaja⚽⚽

   Asanda⚽              Sgidi ⚽⚽


3.  Piano fc 5           -      3 Russia

Manyama⚽⚽.               Madada⚽

mabhena⚽                      Qaphelani⚽⚽

Mihla ⚽

Bhengu⚽


4. Black Poison 4 - 1 Maluju FC

Selesele⚽

Mankwa⚽⚽

Griezeman⚽









Thursday, February 17, 2022

Kushone owaduma ku Bidvest Wits

 Kubikwa ukuthi kudutshulwe kwabulawa lowo owayengu Kaputeni weqembu le Bidvest Wits u Charles Yohane egoli nokusolakala ukuthi ubedunwa imoto.

UYohane nobengumqeqeshi weqembu elincane le Wits University udabuka ezweni lase Zimbabwe alokhu engena nhlangothi zonke amazwi enduduzo

Avivela iMangaung ngeyeligi awakwashoba

 Amaqembu ebhola lezinyawo akwashoba avivela umqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngeMangaung noma nge Mebra ngokuthi azisungulele iligi nezodlalwa ngamaqembu asesigcemeni sika wadi 15 ofaka uShoba ne Deckville.

Leligi ezoqala ngomgqibelo lowakusasa kulindeleke ize iyophela ngo November nalapha amaqembu ayobe esezihlomulela kusamba semali esingaphezu kuka R20000.

Omunye wabasunguli baleligi nobuye abe nguMsunguli we Mangaung u Bheki 'Pepe' Xaba uthe " Inhloso yaleligi ukuvuselela ibhola lakwashoba nokuthi silekelele abafana abancane ukuthi bekwazi ukuthola amathuba angcono okuyodlala ibhola mhlawumbe nathi kwashoba aingaba naye umdlali ozobonakala edlala esigabeni esikhokhelwayo".

Leligi kulindeleke ukuthi idlalelwe kwaShoba stadium ize iphele nakuba lenkundla ingekho esimweni esigculisayo ngenxa yokuguguleka nakuba isanda kulungiswa ngemali eshisiwe ngokusho kukaMasipala wasoPhongolo.

Akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi izozala nkomoni ngoba wonke amaqembu ayaviva anethemba lokuthi lemidlalo ye ligi izowenza efike esevutha engabaselwe ku Mangaung nosekungumlando ukuthi eyangonyaka ophelile yanqotshwa yeqembu lasemphafeni i Pongola Classic.

Esewonke amaqembu azodlala kuleligi ame kanje Atletico 

Arsenal 

Bayern 

Black Poison 

Man city 

Dortmund 

Westham 

Young Stars

Maluju

Rangers 

Scopion 

Russia

PSG

Juventus 

Shoe Shine 

Piano 

Tigers 

Amalukuluku.



Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...