Tuesday, March 8, 2022

Iphinde yagujwa iMama ne Spytwo IShoeshine

 


Kunalomdlalo wamakhadi obizwa ngo Casino odlalwa kwakhulu ezindaweni zasemakhaya naseMalokoshini, ukuze unqobe kahle kumele kube nohlobo lwamakhadi athile kepha athandeka kakhulu ileli eliwu 10 obomvu ongumcijolo bese kuba u 2 omnyama we spade ngenxa yokuthi mawunawo lililodwa libala kabili.

Okwenziwe yiqembule  Shoeshine emdlalweni weligi yakwashoba kufane nse nokufike ugqibe iMama nge Spytwo emvakwalokho ungabe usamboza ngamanye amakhandi njengoba belihamba phambili ngo 2-0 lidlala ne Westham United nokuthe sewuyela ngasekupheleni umdlalo yabuya i Westham yanamathisa amagoli amabili ngokushesha enethini okulinganisa lase lifa kanjaloke ikhehla ku Schathulo cwebezela nokuyisiteketiso se Shoeshine.

Selokhu iqalile iligi abafana be Schathulo cwebezela  abakanqobi nowodwa umdlalo nokuyenza ibe nephuzu elilodwa emidlalweni emithathu nokuyenza ibesendaweni yesithathu ukusuka emsileni. Sisekuzo ezithinta umsila waleligi enesasasa ngendlela eyisimanga i Scopion neMaluju FC balokhu bayashintshana ngendawo yokugcina ngci njengoba bobabili bengazi nokuthi konja kunjani ukudlala ngokulingana angiphathike ukuwunqoba ngabakhwekazi bona ongadli phambi kwabo. Imaluju FC igijima ngezingwazi ezifana no Drogba owake wathi lungu Ku Citizen yasoLundi eyayidlala kwa Vodacom kanjalo nengwazi yakudala ye Pongola Black Tiger Jacky 'Styles' Mavuso nobedlala umdlalo wakhe wokuqala ngolwesihlanu kuleliqembu elalibhuquzisa kwasani ngezikhathi zomvalelandlini kudlalwa u 1 pali.


luyaqhubeka ushikishi lwalemidlalo njengoba ngolwesithathu kuzoba nomdlalo ngehora lesine ntambama.

P B Tigers vs Piano FC

 

Uhlu lwabashayi magoli abavelele.

Mankwa (Black Poison) 7

Mahlobo ( PB Tigers) 4

Griezman ( Black Poison) 3

Sthembele (Bayern) 3

Mgwaja (Juventus) 3

 

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...