Monday, March 7, 2022

Amalukuluku, ibeef, iChicken ibeef - Black Poison


Iqembu lebhola lakwashoba i Black Poison belibonakala ngathi liyenza kabusha ingoma ka MFR Souls ethi 'Amanikiniki' ngesikhathi libhuquzisa iqembu kaMalukuluku FC elingamanye abhekiwe ukudla umhlanganiso kuligi yakwashoba.

Lomdlalo obunesasasa nobese kuphele isonto lonke kukhulunywa ngawo ezinkundleleni zokuxhumana, ezindaweni zokuqeda ukoma, emavenini oMfanobomvu ngisho noMama abasebenza kwa EPWP bebexoxa ngawo nokuthe ngesonto ntambama lafika elingaliyo.

Omabili abaqembu angene enkundleni kwachwaza izihlwele ebezithe phama enkundleni yakwaShoba. Njengenjwayelo womabili amaqembu ebebophele izinkunzi zawo azethembayo njengoba i Black Poison bebekhona abadlali abafana no Mgayinga, Soh, Thanda 'Sgayigayi', Mankwa 'Pitbul' Mbokazi , Bhiva  no Yovu ukukha abambalwa kanti ku Malukulu FC bebekhona abadlali abafana no Mcijo, Sizo 'The General',  Yoh, Magamdela, Matiye, Mhlengi ukubala abambalwa bese abaqeqeshi bawo lamaqembu ngapha ku Malukuluku Fc ubekhona uChippa ' Englishman' Nkumane bese ku B Poison ebekhona u Ayanda ' Wire' Sibiya

Umdlalo uqale ngeyiya eliphezulu nokungathusanga ukuthi sithe siphela isiwombe sokuqala i Black Poison ibihamba phambili ngo 5-0 nokuthe mazibuya waqhubeka lapho ugcine khona uShevu omnyama wafaka amanye amahlanu umdlalo waphela ngo 10-0.

Amashaye amagoli kube ngu Mankwa 'Pitbull' Mbokazi washaya amahlanu, Griezman amabili, Lale elilodwa, Soh elilodwa kwase elilodwa kube umkhonto ogwazekhaya

Sisekuzo ezithinta ikwaShoba soccer league imidlalo elandelayo imi kanje

KwaShoba Fixture 
11 March 2022(Friday)
16:00 Piano vs Real Madrid 

12 March 2022 (Saturday)
12:00  Tigers vs Scopion 
14:00 Rangers vs Young Stars 
16:00 Atletico vs Black Poison 

13 March 2022(Sunday)
10:00 Bayern vs Westham 
12:00Juventus vs Russia 
14:00 Amalukuluku vs Shoe Shine 
16:00 Maluju vs Dortmund

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...