Thursday, February 17, 2022

Avivela iMangaung ngeyeligi awakwashoba

 Amaqembu ebhola lezinyawo akwashoba avivela umqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngeMangaung noma nge Mebra ngokuthi azisungulele iligi nezodlalwa ngamaqembu asesigcemeni sika wadi 15 ofaka uShoba ne Deckville.

Leligi ezoqala ngomgqibelo lowakusasa kulindeleke ize iyophela ngo November nalapha amaqembu ayobe esezihlomulela kusamba semali esingaphezu kuka R20000.

Omunye wabasunguli baleligi nobuye abe nguMsunguli we Mangaung u Bheki 'Pepe' Xaba uthe " Inhloso yaleligi ukuvuselela ibhola lakwashoba nokuthi silekelele abafana abancane ukuthi bekwazi ukuthola amathuba angcono okuyodlala ibhola mhlawumbe nathi kwashoba aingaba naye umdlali ozobonakala edlala esigabeni esikhokhelwayo".

Leligi kulindeleke ukuthi idlalelwe kwaShoba stadium ize iphele nakuba lenkundla ingekho esimweni esigculisayo ngenxa yokuguguleka nakuba isanda kulungiswa ngemali eshisiwe ngokusho kukaMasipala wasoPhongolo.

Akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi izozala nkomoni ngoba wonke amaqembu ayaviva anethemba lokuthi lemidlalo ye ligi izowenza efike esevutha engabaselwe ku Mangaung nosekungumlando ukuthi eyangonyaka ophelile yanqotshwa yeqembu lasemphafeni i Pongola Classic.

Esewonke amaqembu azodlala kuleligi ame kanje Atletico 

Arsenal 

Bayern 

Black Poison 

Man city 

Dortmund 

Westham 

Young Stars

Maluju

Rangers 

Scopion 

Russia

PSG

Juventus 

Shoe Shine 

Piano 

Tigers 

Amalukuluku.



No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...