Uwuthathe ngesitayela umhlala phansi uFloyd Mayweather ngesikhathi enqoba impi ka 49 engakaze ehlulwe selokhu angena esibhakeleni.
UFloyd unqobe ngamaphuzu ku Andre Berto namuhla ekuseni nobese kuwumdlalo wakhe wokugcina.
Saturday, September 12, 2015
ufihlwe ngesizotha owatholakala edindilizile kwashoba
Igcine ifihlwa indoda eyatholakala indindilizile ehlane isishonile esigodini saseZinketheni Kwashoba. Lendoda efihlwe endaweni yaseMkhwakhweni pongolo yatholakala inenkemenkeme yenxeba lokugwazwa nokuze kube imanje akukaboshwa muntu ngalesehlo esihlasimulisa umzimba
ingozi emgwaqeni owubhuqu kwashoba
Intombazanyana elinganiselwa eminyakeni eyishumi nesine ilimale kanzima ngesikhathi ishayiswa imoto endaweni yakwashoba oPongolo. Lengozi yenzeke emgwaqeni owubhuqu eduze nedibhi lendawo namuhla emini. Lentombazanyana ibese iphuthunyiswa esibhedlela yimoto yosizo oluphuthumayo phecelezi I Ambulance
ufihle ngesizotha owatholakala edindilizile kwashoba
Lomgwaqo ubukeka ujwayelwa izingozi ngoba evikini kube nemoto yohlobo lweCorsa eliyisikelengane elishaye ungqimphotho kuyo lendawo kanti ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwaphangalala owesifazane ngesikhathi ewa emotweni nokwathi makuqhamuka enye imoto yagijima phezu kwakhe.

kuzoshuba kowe Chiefs ne Supersports
Kulindeleke umdlalo oseqophelweni eliphezulu phakathi kwe Supersports United ne Kaizer Chiefs namuhla kusihlwa emdlalweni weleague.
Lamaqembu ayinkukhu nempaka kwazise iSupersports ijwayele ukutalabha iKaizer Chiefs nokuvame ukuthi iyishaye ngamagoli amathathu, iChiefs iza kulomdlalo iyaqhugeza njengoba ilinyalelwe iziqonqwane zayo ezimbili okunguTshepo Masilela no Eric Matoho. K

Friday, September 11, 2015
lilokhu ligawulile izembe kuNFP
Kubukeka kusekude ukuphela kwezinkinga ezikhungethe iqembu leNFP emva kokuthi lishone elayizolo sekuxoshwe amakhansela awu 99. Yilowo ongusihlalo waleliqembu kwaZulu Natal uMnu Vikizitha Mlotshwa ngoba ewasola ngokungasebenzi.
Lamakhansela axoshiwe alandela abanye abaholi baleliqembu abaxoshwa okungu Nobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa, usekela Meya waso Phongolo uMnu JB Ngema, Maliyakhe Shelembe, Ericson Zungu no Nkosikazi Sindi Maphumulo-Mashinini. Leliqembu ligibekelwe izinkinga selokhu kwagula uMoli walo uNkosikazi Zanele Magwaza Msibi ekuqaleni kwalonyaka

Thursday, September 10, 2015
ugcine ewusayinile umthetho ogunyaza igama elibi kwabangondli
UMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma ugcine ewusayinda umthetho ovumela ukuthi abesilisa abangazondli izingane befakwe ehlwini lwabangakhokbi phecelezi blacklisted.
Besekunesikhathi eside lomthetho uhlongozwa
Besekunesikhathi eside lomthetho uhlongozwa
Saturday, September 5, 2015
zishaywe zaze zabekwa ummunwe esweni ezikaMashaba
Zilale zihlubuke zibomvu klebhu izinhliziyo zabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi iqembulesizwe iBafana Bafana itetebulwa yizwe lase Mauritanie ngo 3-1 izolo ebusuku emdlalweni wokuhlungela wokuya ku AFCON ngonyaka ka2017 ezweni lase Angola.
EzikaMashababa bezenza amaphutha kungathi ziyabukisa njengoba igoli lokuqala le Mouritania kube isicabucabu se free kick ezizele ihamba kancane ku Itumeleng Khune nobezitshela ukuthi useyibambile yavele yamshaya Ingalo wezwa ngabafana abagada amabhola bethi "nali bhuti ibhola emva kwakho".
Izinto zibemuncu kakhulu kuBafana Bafana ngesiwombe sesibili ngesikhathi uSyabonga Zulu nobeqala ukugqoka iqembu lesizwe ethola ikhadi elibomvu nokugcine kuphoqa uMashaba kuthi akhiphe uRantie nobengabonakali nangalukhalo wafaka uMzikayise Mashaba nokuthe mahlayeni mahlayeni washaya elokulinganisa uThamsanqa Gabuza.
Kuthe ngomzuzu ka 77 yashintsha umshovo iMauritania yaphenduka amalakazane yashaya igoli lesibili kwathi kungakapholi maseko yabuya yashaya elesithathu lapho ibingasabonwa nangalukhalo iBafana Bafana nelanyulelwe unompempe oqede umdlalo. Kulindeleke ibuye namuhla imisila izobe ithinta izifuba,sekobonakala ngolwesibili ukuthi bazodlala kanjan emdlalweni weMandela Challenge ezoyidlala nezwe lase Senegal.

ukuyohlala nobaba wakhe kwamvulela amathuba kwezomculo
Umculi womculo wokholo ongu Mandla Malinga odabuka endaweni yakwashoba uPhongolo usifani nesibusisiso isinqumo sokuyohlala nobaba wakhe nathi yisona esammvulela elinye ikhasi ngomculo wokholo kwazise kuphilwa ngomculo kulomuzi njengoba nomfowabo ka Mandla nobuye abe nguMfundisi u Ps SE Malinga ungumculi.
Lensizwa imatasatasa estudio ipheka icwecwe ezoshumayelo ngalo ivangeli, lelicwecwe lizoba nezingoma eziwu 12 nezobe igabe ngengoma ethi 'Ngifumene umusa'nezophuma ekupheleni kwalenyanga. Uthembise ukuthi abalandeli bomculo wokholo bazobhema bakholwe kwazise ucule kunezingoma azicule ngokuhlanganyela nabantu abafana no Mxolisi Mbokazi, PS SE Malinga, Bheki Zondo no Tefelo Ramreko nobuye abe ngu producer wakhe.
Nakuba esezinze eGoli nalapho esebenza khona njengomakhenikha wezindiza ezinophephela emhlane akakhohliwe indawo yakwashoba nathi iyona eyamakha kwazise inhlonipho iyaziswa kulendawo. njengoba enephupho lokuvula esithi yena istudio somculo nesizosiza intsha yasoPhongolo nathi uyibona iphelelwa inhlonipho nokubazi abantu abadala.
Nakuba ehlala ematasa kodwa uyazinika isikhathi sokuphumula ngokuthi ayobuka imidlalo yakumabonakude noma adlale I keyboard. Ukhonze inyama yenkomo nemifino.
beliseqophelweni eliphezulu izinga kuvalwa ewuchungechunge ka NATU
INyunyana yabasebenzi bezemfundo iNational Teacher's Union (NATU) iyivale ngezinga eliphezulu imihlangano yayo ewuchungechunge ebizungeza zonke izifunda zalenYunyana ezweni lonkana.
Umhlangano wokugcina obuyizolo ngolwesihlanu ehholo lesikolo samakhono esibizwa ngokuthi Emandleni Tvet Olundi, ubusesifundeni esibizwa ngokuthi Ulundi Region okuyisona sifunda esimumethe umthamo omkhulu wamalungu alenyunyana ezweni.
Abantu bebebulala kulomhlangano noqale ngomviliyelo wothisha abebeshaya izigubhu wena owabona amaphoyisa, nokuthe sekufika ubuholi obuphezulu obuholwa umhlonishwa uMongameli uMnu Siphosethu Ngcobo bamukelwa iqembu lengoma yengomane.
Kuke kwaba nomuzwa womunyu ngesikhathi uMongameli walenyunyana ekhumbuza amalungu owayengusekela mongameli uMnu BMX Sikhakhane odlule emhlabeni ekuqaleni kwalonyaka, uMongameli uMnu Ngcobo ucela ukuthi akhululwe uMnu Sikhakhane ngokuthi kuculwe kwazise ubeyigagu uMfoka Mbomo, akuphola
nga maseko yasha ingoma nokubonakale uMongameli eviliyela namalungu.
Kubese kungena iphini lika Mongameli uMnu Allan Thompson nofika wahluba udlubu ekhasini mayelana nezakamumva ezithinta amaholo neminye imihlomulo kahulumeni, nobekuchwaza indlu yonke uma echaza umfo kaThomson kwazise uphinde ethi phohlo amahlaya kanjalo nokwenza izibonelo ezicace bha.
Lomhlangano obuhanjelwe izikhulu eziphezulu zezemfundo njengoba bekukhona abahloli bezifunda obekukhona owase Mkhanyakude kanjalo nowaso Thungulu nomhloli osewathatha umhlalaphansi wesekethi yaseMahlabathini uMnu SAB Nsele. uphele liyogamanxa ihora lokuqala emini.
Imiviliyelo yothisha kufika ubuholi be NATU |
Abantu bebebulala kulomhlangano noqale ngomviliyelo wothisha abebeshaya izigubhu wena owabona amaphoyisa, nokuthe sekufika ubuholi obuphezulu obuholwa umhlonishwa uMongameli uMnu Siphosethu Ngcobo bamukelwa iqembu lengoma yengomane.
UMongameli we NATU uMnu Siphosethu Ngcobo |
nga maseko yasha ingoma nokubonakale uMongameli eviliyela namalungu.
Kubese kungena iphini lika Mongameli uMnu Allan Thompson nofika wahluba udlubu ekhasini mayelana nezakamumva ezithinta amaholo neminye imihlomulo kahulumeni, nobekuchwaza indlu yonke uma echaza umfo kaThomson kwazise uphinde ethi phohlo amahlaya kanjalo nokwenza izibonelo ezicace bha.
Lomhlangano obuhanjelwe izikhulu eziphezulu zezemfundo njengoba bekukhona abahloli bezifunda obekukhona owase Mkhanyakude kanjalo nowaso Thungulu nomhloli osewathatha umhlalaphansi wesekethi yaseMahlabathini uMnu SAB Nsele. uphele liyogamanxa ihora lokuqala emini.
Wednesday, September 2, 2015
ingqayizivele yethuba edolobheni leTheku
Idolobha leTheku lithole ingqayizivele yethuba lokubamba imidlalo yama commonwealth games ngonyaka ka 2022. Lenqophamlando ithulwe ezweni lase New Zealand namuhla ekuseni. Lemidlalo yamazwe ayengaphansi kobukoloni bamangisi azobe ese Australia ngonyaka ka 2018. Lemidlalo izobe iqala ukuzodlalelwa e Africa
Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
-
Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqoth...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...