Sunday, December 1, 2019

Uvele walala amagenu uTete eNgilandi

Umshayibhakela wakuleli nobethwelengeqoma uZolani Tete ukuthi uzolivikela ibhande le WBO Bantamweight ku Filipino Casimero wase Philliphines empini ebise Birmingheim kwelase Ngilandi ngomGqibelo ebusuku.

uTete nodabuka e East Londan  ubegcine ukulwa nyakenye uyiqale kahle impi kumijikelezo emibili yokuqala nokuthe kowesithathu wazithola eselele ebheke phezulu nagcine ngokuhluleka ukuvuka nokuphoqe ukuthi unompempe awuqede umdlalo.



Saturday, November 30, 2019

unxenxa amavoti owaseMadanyini - Dj Nox

Cishe uma kukhulunywa ngendawo yaseMadanyini kwabaningi kuvuka ukuthi yayidume ngokuba nabadlali bebhola abaningi abadumile njengbadlali ababefana no Mthabeleni, Gorowa, Nzoyi, Ndumane nabanye abaningi. Kepha uthando lomculo kuMuzi Mhlongo odume ngelika Dj Nox lwamenza wangafuna ukuduma ngebhola.

Lensizwa yaseMadanyini iqokiwe kumklomelo ye Live your dream SA Awards nalapho ingenele khona ngengoma yakhe ethi 'NGIFUNINTOMBEYODWA' napike kuyo u Alla D beno Lavisa neqokwe kumunxa we Best upcoming artist. ekhuluma ne NPG Online news uthe "ngicela umphakathi wakithi oPongolo ungivotele, ukuze uvote kumele uthumele i SMS ethi LDYD526 kunombolo ethi 45633".

kulindeleke ukuthi ube namuhla ebusuku eThekwini umcimbi wokumemezela abanqobile.


Tuesday, November 26, 2019

Wakhetha ukubalapha ngokomoya kunokubalaphangomjovo

Cishe emhlabeni wonke jikelele uma ukhuluma ngegama lika Nkululeko Khanyi wonke umuntu ujikanawe kungakhathalekile ungowaliphi ibala kwazise izinkulumo zakhe ezakhaya kulabo abafuna ukuzibulala azikhethi bala lamuntu. iNPG Online news ikwazile ukuxoxisana nalensizwa ebiqokiwe kweminye yemiklomelo yama Crown Gospel awards. inxoxo yethu ihambe kanje. (Qonda u NPG umele uNPG online News bese u NK umele uNkululeko Khanyi)

NPG : Ngabe ngubani uNkululeko Khanyi?
N.K:    Unkululeko khanyi ungusaziwayo endimeni kamabonakude kwezokusakaza
Ophinde abe usomabhizimisi odume umhlaba wonke ngezinkulumo zakhe ezakhayo.usehambe amazwe anjengoMalawi,Ghana,Botswana and Swaziland e Africa bese phesheya kuba iLondon, Australia nase America. ngineminyaka engamashumi amane 40 ) ngidabuka esifundazweni saKwaZulu Natal kusifunda saseZululand endaweni yasoPhongola .
Ngifunde Ibanga eliphansi eMasithokoze primary school opongola ngendlulela ekhulumeluzulu ilapho ngaqeda umatikuletsheni.ngaqhubeka ngayofundela ubuhlengikazi Easter Nursing College ngonyaka ka2003 ngaqeda ezobuhlengikazi.ngisebenze laa esouth Africa naseGauteng njengomhlengikazi kwaze kwaba inkosi iyangikhipha .

NPG: Uzizwe kanjani njengoba ubuqokelwe kweminye imikhakha kuma Crown Gospel awards?
NK: Kube intokozo enkulu kimi nethimba engisebenza nalo ukufakwa ohlwini lwamaSabc crown award 2019 ebenzeka ngomhlaka 24 November e inkosi Albert Luthuli .okungokuqala kowaseZululand owokuqala owasoPongola .kungikhombisa ukuthi umsebenzi engiwenzayo umhlaba uwubonile angiqhubeke ngenze kakhulu ukushintsha izimpilo zabantu sibuyise ithemba sibe isibuko nesibonelo emphakathini kwasakhula abasibhekile njengesibuko kubo.
NgoOctober kulonyaka ngigqokiwe Emalawi yinhlangano ezimele njengenxusa laseAfrica  yonkana kumkhankasoobizwa nge Face Man of Africa kwangithinta ukuthi ngize ngiyobonwa kude kodwa ke ngiyimele iAfrica yonke kakhulu abantu besilisa abadala nabancane abasakhula.
Ngo 2011 ngiqale iNgqungquthela ehambela umphakathi nezifundazwe zonke eAfrica ukuzofundisa ukuthi abantu abangazibulali bengabulalani .kube nezehlakalo eziningi kakhulu kulonyaka kubulawa abesifazane nabantwana.nozakwethu kwezikaqeda isizungu benencindezi enkulu bezibulala Hhp,Nichume,Thami Shobede abanye babo abasishiye ngenxa yedepresion and Suicide okungithinta kakhulu ngabo abasaba ukuphumela obala ngezimo zabo baphila impilo enepressure nezimo ezibacindezelayo bekulomkhakha okuyibona abazibulala kakhulu.

NPG: Ngaphandle kokugquqguzela isizwe yikuphi okunye obuye ukwenze?
NK: Okunye engikwenzayo ngiwusomabhizinisi ngibuye ngibe nestolo esithengisa izimpahla Esesinamahhovisi eGoli kanjalo naseMpumalanga
Okunye engikwenzayo uma ngingenzi lutho, Ngiyaye ngiziphumule nomndeni wabi abantwana abathathu inkosi engibusise ngabo amantombazane amabili nomfana oyedwa 14 Amanda & Meloh 13 and Andiswa 12. nezingangane zabafowethu abasishiye emhlabeni  ababili kabuhlungu ngiba adoptile nabo.ngiwumuntu womndeni .ngikhonze ukuvakasha kakhulu ngibuke imvelo ngiyawesaba amanzi ulwandle ngilusaba kabi nenyoka kodwa ngingayibulala uma ngiyithola endleleni ngihamba ebusuku ingafuni ukuqhela noma kungathiwa inkulu kanjani ngigaqunga isibindi .ngithanda izintaba .Nginabangani abaningi manje angikhoni ukubanelisa bonke uma bengidinga ngenxa yomsebenzi wami.yingakho ngithi kungcono umndeni wami.

NPG: Kungabe zikhona izizathu ezake zakwehlakalela empilweni nowagcina uzigqugquzela kwanawe uqobo?
NK: Ngike ngazama ukuzibulala kabili ngisobishini lwezikoloto ngadlelwa imoto nomuzi ngashonelwa abazali kanye kanye kanye okwangishiya ngisebuhlungwini obukhulu bempilo .kwashona nabafowethu belandelaba  okwangiholela ekutheni ngithi ukwatalala isona sizathu nokuzibulala kwaba impendulo kanti angazi ukuthi ngiyoba ithemba lomhlaba wonkana.

NPG: Kunomuntu osekhaya ocabanga ukuzibulala ungathini umlayezo wakho kuye?
NK: Umlayezo enginawendlulisela bonke abazizwela ithemba lempilo lingekho ngingathi abangalahli ithemba ababuke kimi ngiyisibuko zonke izimo ziyafika kodwa azifikeli ukukuqeda kunalokho ukuzokwakha ukuthi ube umholi omqotho
Ukwendlulisa ubufakazi nakwabanye ukuthi impilo ifuna ukuqinisela.

Monday, November 25, 2019

izoke ithathe ikhefu iGenerations the legacy

Umdlalo kamabonakude nosuneminyaka uyintandokazi kubabukeli kuleli nobizwa ngokuthi iGeneration the legacy kubikwa ukuthi uzoke uthi nya ukuveza iziqephu ezintsha kusukela kuleliviki nokuzokwenzeka isikhathi esingangenyanga. Yize isazoqhubeka ukubonakala ngesikhathi esijwayelekile kepha izobe iveza iziwombe zakudala ezahlabahlosa kulomdlalo.

Ngokwemibiko evelayo kuthiwa u SABC nenkampani iMorula production basavalelene emhlanganweni ngenxa yokungavumelani ngesivumelwano sokusebenzisana phecelezi i contract, Lomdlalo kaMvundi Vundla ozobe uqeda unyaka ka 28 waba semoyeni awuqali ukuthi unqamuke emoyeni njengoba eminyakeni eyedlule uke wangavezwa ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi kuka Vundla nabadlali balomdlalo nokwaphetha ngokuthi baxoshwe bonke ababedlala ngaleso sikhathi okwakufaka phakathi abantu abafana no Menzi Ngubane owayaziwa ngelika Sibusiso Dlomo.

azodedela unqambothi amawele akwaQwabe

Amawele alethe igidigidi kumncintiswano wama Idols walonyaka u Vigirnia no Viggy kulindele bethule ngokushesha ingoma yabo ethi HAMBA.

Lamawele abe sematheni kulenzisuku ngesikhathi uViggy eduba lomcintiswano wama Idols ephuma emva kokuphuma kukawele wakhe uVirginia nokwavela amahemuhemu athi bebengezwani no Sneizy Msomi nosekungumlando ukuthi uhlulwe ngu Luyolo Yiba ngeludlule. Ngeviki eledlule kube nokujabula kubalandeli balamawele ngesikhathi kusabalala ivideo ku Instagram eyayifakwe uqweqwe lomculi uMondli Ngcobo nowazakhela udumo ngengoma ethi 'Kozekuse" ayepike kuyo ngu Dj Merlon.

Ngokuthola kwe Npg Newsblog lengoma yalamawele akwaQwabe ididiyelwe ngu Dj Tira 

Uzomela uPhongolo kowokuklwebha u Blaq Venomous

Uzobe eyophephezelisa ifulege lasoPongolo u Dj Blaq Venomous kumqhudelwano wakwa  Red Squere Dj Knockout Challege 2019  emva kokubaqwaqwada emakhanda bonke oDj abeqhathwe nabo ePorras ngomgqibelo womhlaka 23 ku November.

Lensizwa ogama layo langempela engu Sfiso Dlamini izobe iyomela uPhongolo eNewcastle kulindeleke ukuthi ahambe noMnikazi wePorras uMadakini, nalapho kuzobe kuhlungwa khona ozoyomela isifundazwe saKwazulu-Natal kundumezulu yomcimbi ozobe use Dickison Park eVereeniging ngomhlaka 16 kuze kuyoba umhlaka 17 ku December.

UBlaq Venomous ubuye wathembisa ukuthi uzodedela i EP ngonyaka obuyayo kwazise kulonyaka ubematasa nenkampani yakhe yokuqashisa ngezinsimbi zomsindo nebizwa iSelimathunzi .

Sunday, November 24, 2019

Uyikhaphele uJudas iChiefs kwe Telkom

Kuthele izithelo ukuba uhlupho komdlali weMariztburg United uJudas " Nkunzi" Moseamedi emdlalweni owandulela owamanqamu  we Telkom knockout nalapho ibidlala khona ne Kaizer Chiefs eMbombela Stadium eNasipoti izolo ntambama nosekungumlado ukuthi iMariztburg inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa.

uMoseamedi nosezitholele igama elithi Nkunzi kwazise ufana noMasoja Msiza odlala emdlalweni kamabonakude uZalo, ubeso ukuyiqeda iChiefs njengoba emaningi amathuba angoqekelele abewathola nobekulamula unozinti we Chiefs uBvuma, igoli lokuqala lePeople's Choice nokuyisiteketiso seMariztburg lishaywe nguJudas emva kephutha lika Cardoso ohlulekile ukukhipha ibhola ngaphandle ngesiwombe sokuqala.

kuthe ngesiwombe sesibili yakwazi ukuthola igoli lokulinganisa iChiefs ngegoli lika Sassman obeqedela ibhola ebeliphebezwe unozinti we mariztburg u Ofori, akuphelanga sikhathi esingakanani wabuya uJudas lowo wanqomvela elesibili ngomzuzu ka 84 nokubese kuba ngeliweza abafana bowayeyinjini yeBafana Bafana u Eric Tinkler okunguyena oqhoqhobele isikhundla sokuqeqesha kuleliqembu lase Mphithi. ngalomphumela weMariztburg isizotholana phezulu ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka ngenyanga ezayo, iDowns iguqise Lamontiville Golden Arrows ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ngomgqibelo ntambama.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...