Thursday, March 10, 2016

limenyezelwe elizobhekana ne Cameroon

Umqeqeshi we Bafana Bafana u Shakes Mashaba ulimemezele elizobhekana ne Cameroon emdlalweni wokuhlungela iWorld cup nozodlalwa imilenze emibili ekuhambeni naseKhaya.  
IBafana Bafana kumele inqobe noma kanjani kwazise ayihleli kahle kuqoqo layo. uMashaba umangaze abaningi efaka onozinti ababili abakhuhla ibhentshi emaqembini abo okungu Khune no Mabokgwane.

Selilonke iqembu lime kanje 
Goalkeepers: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane and Darren Keet. 
Defenders: Siyabonga Nhlapo, Asavela Mbekile, Anele Ngcongca, Thabo Matlaba, Cheslyn Jampies, Erick Mathoho, Sifiso Hlanti, Rivaldo Coetzee and Thulani Hlatshwayo.
Midfielders: Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Thulani Serero, Themba Zwane, William Twala, Jabulani Shongwe, Mpho Makola, Mandla Masango and Hlompho Kekana.  
Strikers: Thamsanqa Gabuza, Prince Nxumalo, Tokelo Rantie and Dino Ndlovu.  

uzolala ebaliwe owabulala uFlava

uSindi Manqele uzolala ebaliwe emva kokugwetshwa iminyaka eyishumi nambili (12) ngecala lokubulala owayeyisoka la Flava.

Lesigameko senzeka ngonyaka ophelile lapha kubikwa ukuthi lezithandani zabanengxabano neyaholela ekutheni kugwaze kubulawe uFlavo nobeyilungu leqembu lomculo elashisa izikhotha iskwatacamp

aseqhathiwe ku Nedbank cup

Aqhathiwe azodudulana emzuliswaneni olandelayo we Nedbank cup.

Izinkundla nezinsuku kusazomenyezelwa
 Mpumalanga Black Aces vs Maritzburg United
Platinum Stars vs Polokwane City
Santos vs Free State Stars
Golden Arrows vs Baroka FC
Mamelodi Sundowns vs Mbombela United
Magesi vs Bidvest Wits
SuperSport United vs University of Pretoria
Jomo Cosmos vs Orlando Pirates.

sivele sacisha umndondo isitimela samakhosi eRoyal Bafokeng

Avele aphela nya swe amathuba okuthi IeKaizer Chiefs likwazi ukuvikela isicoco seligi izolo ngesikhathi lishaywa kabuhlungu iPlatnum Stars ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium ePhokeng.

Leliqembu ebelibizwa nge Gautrain ngesizini edlule ngenxa yokubhaxabula kwasani elidibana nalo kulonyaka izinto zigaya ngomunye umhlathi kwazise uthi lucobhoza kancane empumelelweni selokhu kuthathe izintambo zokuqeqesha uSteve Khompela ezithatha ku Sterward Baxter.

Amakhosi aye kulomdlalo wayizolo ebusuku izinhliziyo zisabhibha kwazise aphuma endukwini ka 2-0 ku Orlando Pirates emdlalweni we Nedbank cup ngempelasonto eyedlule.

Kucace bha okwempukane obisini ukuthi Amakhosi kuzophela isizini imilomo imhlophe qwa kwazise akukho sicoco abazobe besinqobile njengoba ashaywa ngo 1-0 i Ajax Cape Town kowamanqamu e MTN8 abuya athola enye induku ka 3-1 ku Mamelodi Sundowns kowamanqamu e Telkom cup.

Sekubukeka sibheke ePitoli lesicoco seligi kwazise iMamelodi Sundowns ihlezi ngokunethezeka phezulu ngamaphuzu angu 52 emidlalweni engu 22 bese ilandelwa iWits ngamaphuzu awu 45 emidlalweni engu 22 nokuthi aAmakhosi ethi coshosho endaweni yesithathu ngamaphuzu awu 39 emidlalweni engu 22.


Tuesday, March 8, 2016

uzophela umbuso ka Whatsapp wamahhala kwabasebenzisa iBIS

Amaphathi benkundla yezokuxhumana edume uhlaba wonke ebizwa ngo Whatsapp bakhiphe isinqumo esithi angeke usasebenza uwhatsapp komakhalekhukhwini bakwablackberry abasebenzisa iBIS.

Banxenxe abantu ukuba uma seziqalile lezinguquko bethenge ama data ukuze bekwazi ukusebenzisa lenkundla yezokuxhumana neqeda iminyaka eyisikhombisa yabakhona emhlabeni.

Kulindele lezinguquko ziqale ekupheleni kwalonyaka u2016

Thursday, March 3, 2016

ubhodla umlilo uKelly Khumalo ngathi ukhuleliswe u Arthur

Umzwilili we Afro pop ubhodla umlilo emva kokusabalala kwamahlebezi okuthi njengoba ukhuleliswe umakadebona we Kwaito uArthur Mafokate.

Lezindaba zokukhulelwa kuka Kelly ziphume kuwebsite ye Imzansi.co.za ekhiphe isithombe salomculi nodaba lokukhulelwa kwakhe.

Ebhala ku Instagram yakhe uKelly uthe "angithi yihlaya leli? Ngiyathemba yilo ngoba makungelona wezinja ngabe nangifunani, kulokhu ngizonibonisa unyoko nijwayele ukubhala amasimba ngami ngithule,nizonginikeza usuku ,isikhathi nendawo lapha angikhulelisa khona u Arthur nokuthi kanjani. Noma kufuze ukuba nginguMariya ngikhuleliswa ngumoya oyingcwele. Ngiyethemba kunkulunkulu ninabo ubufakazi balento eningisola ngayo"

Lomzwilili ohlala esematheni ngezigigaba ezithinta abesilisa kwazise eminyakeni emibili edlule kwabulawa owayengunozinti weqembu le Orlando Pirates uSenzo Meyiwa ekhaya kubo wakhe lomzwilili, kwathi kungakapheli nsuku ngaki kwaqubuka amahebezi okuthi usenike ucu inyanga yaseThekwini u Bhaka nakuba ubudlelwano babo baphela sebumuncu emva kokuthi kwasabalala izindaba zokuthi uKelly udlokodle lenyanga iso

kusuke isidididi owesifazane ejikitshela e office ngamatshe

Owesifazane osethe ukuqina udale okukhulu ukuphazamisa ehhovisi aqashisayo oLundi ngesikhathi eqonda elinye lamahhovisi omshwayilense eliqashe kulendawo wafika wabhodloza ngamatshe isivalo.

Lowesifazane obebukeka ephazamisekile emqondweni ubephethe izinguzunga zamatshe abezijikijela kuzamazame lamahhovisi ayezitezi ebe engazibekile ngaphansi kwekhala ekhipha lonke uhlobo lwenhlamba oluyamaniswa ngaphansi kweziketi.

Kuze kwasiza ukufika kwamaphoyisa nokuthe uma ezama ukumbambha wagadla nokuphoqe ukuthi amaphoyisa aze amlalise phansi, okuthe eselele phansi wathola ithuba lokuvula imilenze nalapha okuvike khona bonke abantu kwazise sivele sahlala sonke obala isibaya somnumzane.

Abese emshiya amaphoyisa Ngaphandle kwesizathu nokuthe makuqhubeka isikhathi wathi uzama ukubuya wahhahhamezwa ngabasebenzi abakulamahhobisi


Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...