Tuesday, February 16, 2016
usenethemba ngebheke eRio uMfanakagogo
UNtshangase ogijima kuBlack leopard walimala kabuhlungu ngesikhathi iqembu lakhe libhekene ne Mbombela United.
Lensizwa engu kaputeni we Leopard izohlala amaviki ayisithupha ingalikhahleli ibhola. Ekhuluma ne NPG newsblog uthe " ayi njayami ngizobuya kungekudala ngoba sengigconywana akusafani".
Isimanga ngomlilo oqubuka enhlabathini emahlabathini
Umphakathi waseDlebe emahlabathini ubabaza isimanga somlilo ovele uqubuke ngaphansi komhlaba nosekuphele iviki lonke ulokhu usha endaweni eyodwa .
Lenkilabeyitheka yesehlo sesikhathaze umphakathi kwazise akwaziwa ukuthi ngabe lomlilo udalwa yini ngoba kuvele kushise umhlabathi bese kuqubuka umlilo nongacisheki kwazise usuka uphuma enhlabathini.
Amanye amalungu omphakathi asola intabamlilo (volcano) nakuba iNingizimu Africa ingelinye lamazwe akude kakhulu ekuhlaselweni intabamlilo, amanye amalunga omphakathi asola ukuthi kungenzeka ukuba isimo selanga esishisayo singaba nomthelela uma kuwukuthi leyandawo inomcebo wamalahle kwazise vele ikhona imayini yamalahle kwesinye sezigodi zakhona emahlabathini okuthiwa kusokhukho.
Wednesday, February 10, 2016
Ikhuze ibuya iJoyouse yodumo
Iqembu lebhola lezinyawo elalishisa izikhotha kuligi yasoPongolo iJoyouse FC likhuze ibuya emva kokuthatha ikhefu lonyaka ebholeni lama amesha.
Leliqembu elasungulwa nguMnuz Lindelihle Zikalala nodume ngelika Faya lalicoboshisa kwasani kuLigi yasoPhongolo laphinda layodla umhlanganiso kumaplay off nalapho lazizuzela khona igunya lokuyodlala ku SAB ngonyaka ngeseason edlule nokungenzekanga ngenxa yokuthola unxiwa olusha kukaZikalala nosezinze eRichards bay.
Ekhuluma ne NPG newsblog umfokaKhuze uqinisekisile ukuthi abafana bentokozo nokuyigama okuteketiswa ngalo iJoyouse FC bazohlala futhi ngeke besathatha ikhefu kwazise yonke into ime ngomumo nakuba bengasitholanga isitifiketi sokudlala ku SAB kodwa bazoqala laphaya phansi kuSuper league.
Lensizwa ezibambele yona kwesokuqeqesha kuleliqembu elinabadlali abangu 21 ithe kusazoba nesikhathi lapho kuzovuleka ithuba kubadlali abafisa ukuzozama inhlanhla.
Tuesday, February 9, 2016
Konke sekume ngomumo ngenkulumo yesizwe
Kubikwa ukuthi konke sekume ngohlelo mayelana nomcimbi laphi uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma azobe ethula khona inkulumo yesizwe kusasa ebusuku ephalamende eKapa.
Onke amehlo azobe ethe njo kuqembu le EFF ne le DA kwazise ngonyama ophelile lamaqembu aphazamisa uMongameli esathula inkulumo nokwaphoqa ukuthi kuze kubizwe abazekuphepha nabangena babakhipha bonke ababephazamisa.
Nakulonyaka uyezwakala umoyana ingathi kuzophinda esangonyaka nakuba lowo mahlebezi engakaqinisekiswa.
Friday, January 29, 2016
Uvele wathi nya u Erasmus kumabhakaniya
Isikhwishikhwishi somgadli wezimnyama uKermit Erasmus nebesiyintandokazi kubalandeli bezimnyama ngenxa yamandla neminyakazo emihle ebeshiya idide izitobha eziningi umangaze abalandeli kanjalo nomqeqeshi wezimnyama ngesikhathi ethulwa njengomdlali omusha weqembu eligijima esigabeni esikhulu se ligi yaseFrance I Rennes.
Umqeqeshi wamabhakaniya uEric Tintler uthuke koma namathe ngesikhathi ezwa kuthiwa kunedili likamkhipheni eFrance kwazise kumukelwa umgadli abezitshela ukuthi uzobulala ngaye Amakhosi emdlalweni womkhaya ngomgqibelo/ ngesabatha ntambama e Fnb emdlalweni weligi.
Ebuzwa umfokaTinkler ngokuhamba kuka Erasmus uthe "<mina ngazi ukuthi u Kermit uyolungisa izinto zomndeni eHolland ngiyakweshwama ukuthi usengumdlali we Rennes".
Sisekuzo ezithinta abadlali abayodlala pheshesha lowo obengukaputeni weminyaka we ajax Cape Town uGrandwald Scott usayine eqenjini lase Slovenia elibizwa nge SK Slovan Bratislava
Sunday, January 24, 2016
Bekungamathantala ezinyembezi eSoweto kulempelasonto
Kube impelasonto ebigcwele izinyembezi kubalandeli bamaqembu athathwa njengamakhulu ezweni laseNingizimu Africa okuyi Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates. Izinto ziqale ukuwabhedela lamaqembu ngomgqibelo ngesikhathi iOrlando Pirates ibhendula isitebhisi sokukhuphuka kuJomo Cosmos enqobe ngegoli elilodwa eqandeni nokuyigoli elishaywe ngu Mashumba ngomzuzu ka75.
Njengenjwayelo kuthe kuphela lomdlalo wezimnyama abalandeli bezimpofana bebehleka kuvela elomhlathi kwazise bese zishayiwe izimbangi zabo ezinkulu, kanti ababuzanga elangeni nokuthe ngesonto kwashintsha ukuhleka kwaba ukukhala ngenxa yokuthi iPlutnum Stars ibuye seliyoshona yashaya amagoli amabili okube ngaka eLeazer Rogers abegqiba elika Abraw nobese kuwashiya noduma lwengozi ka2-1 Amakhosi.
Sisekuzo ezithinta imidlalo yePSL iMamelodi Sundowns iqhubekile nokwenza kahle ngesikhathi ishaya omkhaya bayo I super Sport United NGO 2-0 ngomgqibelo ebusuku. Komunye umdlalo womkhaya I free State Stars idlule ngo 1-0 kuBloemfontein Celtic. IChippa United ibhudluze kabuhlungu I Ajax Cape Town ngo 3-1 ngesonto ntambama eBhayi. IBidvest Wits inike impama ka5-0 iPolokwane City mngolwesihlanu ebusuku. Kwase AmaTuks adonsa amatomu kuBlack Aces nebibonakala isigabavula kuLog nokube ngu1-0 kuwina Amatuks
Monday, January 11, 2016
Zisabhula amaphiko izikole ezisedolobheni opongolo
Zisebenze kanje izikole zasophongolo ngonyaka ophelile kumatikuletsheni (2015)
Pongola akademie-100%
Vusisizwe-100%
Landokwakhe-84.0
Bambanani-79.9
Dingukwazi-79.0
Mpindiso-73.3
Khulumeluzulu-72.3
Langa-71.1
Sibumbene-68.4
Magutshwa-68.1
Vukanimazulu- 66.7
Bonginhlanhla- 65.3
Masiphula-65.3
Dwaleni-63.6
Enhlanhleni- 60.9
Mtshekula-58.8
Mlomokazulu-57.7
Sozama-54.7
Ntonga- 53.8
Sigqamise-53.8
Siqalukubona-52.9
Sebenzakanzima-48.6
Opongolo H-44.9
Pongo LA inter-44.9
Magwegwana-41.2
Kwamzwentsha-36.5
Mbhekwa-35.0
Khoza-32.8
Umgnama-23.3
Somile-22.2
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
-
UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000 Lamakalishi azo...
