Friday, January 29, 2016

Uvele wathi nya u Erasmus kumabhakaniya

Isikhwishikhwishi somgadli wezimnyama uKermit Erasmus nebesiyintandokazi kubalandeli bezimnyama ngenxa yamandla neminyakazo emihle ebeshiya idide izitobha eziningi umangaze abalandeli kanjalo nomqeqeshi wezimnyama  ngesikhathi ethulwa njengomdlali omusha weqembu eligijima esigabeni esikhulu se ligi yaseFrance I Rennes.

Umqeqeshi wamabhakaniya uEric Tintler uthuke koma namathe ngesikhathi ezwa kuthiwa kunedili likamkhipheni eFrance kwazise kumukelwa umgadli abezitshela ukuthi uzobulala ngaye Amakhosi emdlalweni womkhaya ngomgqibelo/ ngesabatha ntambama e Fnb emdlalweni weligi.

Ebuzwa umfokaTinkler ngokuhamba kuka Erasmus uthe "<mina ngazi ukuthi u Kermit uyolungisa izinto zomndeni eHolland ngiyakweshwama ukuthi usengumdlali we Rennes".

Sisekuzo ezithinta abadlali abayodlala pheshesha lowo obengukaputeni weminyaka we ajax Cape Town uGrandwald Scott usayine eqenjini lase Slovenia elibizwa nge SK Slovan Bratislava

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...