Tuesday, December 1, 2020

Ulandulele leli u Papa Diop wodumo


 U Papa Bouba Diop wasezweni lase Senegal nowazakhela igama ngo2002 kundebe yomhlaba ngesikhathi eshaya igoli nokuyilona elanqoba umdlalo wokuqala bedlala nezwe lase France ulandulele leli emva kokugula isikhathi eside.

Lensizwa eyayibuye iteketiswe ngelika Wardrop ngenxa yobude bayo nokondleka ilishiye leli elimagade ahlabayo ngokusa kwayizolo isineminyaka engama (42).

Angase avumbuke kuMazulu uMahlambi


Umdlali odabuka eNgoje uPhakamani Mahlambi angahle ethulwe njengomdlali woSuthu okungezinye zeziteketiso zeqembu Amazulu FC. Lensizwa edle ngejubane neke yathi qu ezweni lase Gibhithe ku Al Ahly yasibuyela ku Sundowns nalapha ilizwa ngephunga ithuba lokudlala kulindeleke ithulwe namuhla kanye nonozinti obevimba ku Chippa United nobebuye abe nguKaputeni uVeli Mothwa.


Amazulu FC alokhu eqhubekile nokuthola abadlali abathathwa njengabaphezulu selokhu izintambo zithathwe nguMnuzane Sandile Zungu. Njengoba abadlali abafana no Amigo Memela, Linda 'ten ten ' Mlambo, Clirford Mulenga, Simphiwe  Tshabalala nabanye abaningi belaphaya kunyokana eluhlazana.

Friday, November 27, 2020

Kuzobe kudedelwa owakudala e FATS


Umhleli wemicimbi yobumnandi uDJ Histo nobuye abe ngu DJ uqhamuke neqhinga lokukhumbuza ukuthi ngaphambi kokufika kwe Gqomu, IDurban Kwaito namapiano kwakudlalwa ikwaito.

Lomcimbi obizwa ngokuthi yi Old School Music Festival  nalapha athe inhloso yawo ukuthi ngikhumbuze abantu lasibuya khona ngomculo wakudala, nokujabulisa abantu abawuthandayo lomculo.

Lomcimbi uzobe use Ncotshane namuhla nozoqala ngo 6 ntambama endaweni yobumnandi ebizwa ngokuthi Fats Leisure House kungenwa ngo R50 emnyango. Kuzobe kuboshelwe osondonzima bo DJ basophongolo singabala yena u Histo,Fannie, Ashora,Dambai, Mr P LYFV, Lucky Boeteng kanye no Blaq Venomous.

Uphinde waqokwa kweyomhlaba u Hlompho


 Umdlali nongumholi weqembu le Mamelodi Sundowns u Hompho 'Bra Hlompho' Kekana uqokwe kumklomelwane obizwa ngokuthi Best Fifa Awards nalapha engene kumunxa obizwa ngokuthi i Puskas Award nokusuka kukhethwa khona igoli elibe lihle kunawonke.


Lenkunzi emavava yakwa Kekana neyikazelayo izindodo zeligi nezemikhumula jezi ayiqali ukuya kulemiklomelo njengoba nango 2016 yayakulemiklomelo ngonyazi lwegoli eyalishayela iBafana Bafana idlala ne Cameroon. Kulonyaka u Bra Hlompo uqokwe ngegoli lakhe elaba yinguzunga yeshodi bebhekene neqembu le Cape town City koweligi ngesizini edlule.


Lomklomelo we Puskas usuvamile ukuthi ube nimele izwe lase South Africa kwazise no Sphiwe Tshabalala wake waya kuwo ngegoli lakhe alishaya ngo 2010 kundebe yomhlaba elakuleli libhene ne Mexico. Kwaphinda u Oscarine Masuluke nongunozinti weBaroka FC wamenywa futhi ngegoli lakhe leqethuka alishaya bebhekene ne Orlando Pirates.

Monday, November 23, 2020

Usemisiwe yiFIFA uMongameli we CAF


UMongameli wenhlangano engamele ibhola jikelele ezwenikazi i Africa u Ahmad Ahmad usegwetshwe yinhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA iminyaka emihlanu engazibandakanyi nomdlalo webhola lezinyawo, uphucwe isikhundla sakhe sokuhola iCAF njengomongameli nesokuba isekela likaMongameli kuFIFA.

LoMongameli odabuka ezweni lase  Madagascar nobethathe izintambo zokuqhoqhobala lesikhundla ku Mnuzane Issa Hayatou wase Cameroon utholakale enamacala okungaphathi kahle ngakwezezimali nokusebenzisa isikhundla sakhe sokungamela budedengu nokwamukela izipho ngasese.

ICAF ibingakaphenduli ngalesigwebo saloMongameli nosikhundla sakhe sigaqelwe ngu Patric Motsepe kukhetho oluzayo gonyaka ozayo.

Akasekho emhlabeni u Anele Ngcongca


 Isiqonqwane somdlali wasemumva obedlalela iSundowns nobebolekiswe kuqembu laMazulu FC u Andile Ngcongca(33) udlulile mhlabeni emva kwengozi yemoto  eyenzeke ezintatha zanamuhla endaweni yase Fearbreeze kwaZulu Natal. Kubikwa ukuthi u Andile ubehamba nomunye owesifazane okubonwa ngokusa kuye esibhedlela.


UNgcongca nowake waba sematheni ngokuphumela obala ukuthi unobudlelwano bezothando no Mshoza naye odlule emhlabeni ngesonto eledlule, ulandele abanye abadlali abaningi kuleli abedlule emhlabeni ngezingozi zemoto njengabadlali abafana no Gift Leremi, Lesly Manyathela, Cecil Lolo, Nado Matola nabanye abaningi.


UNgcongca odabuka eCape town waqala ukudlala ibholeqenjini lika Quinton Fortune i FC Fortune eyayidlala isigabeni esingaphansi kuleli ngaphambi kokuthi eyozakhela igama emaqenjini ase Europe ikakhulukazi eBelgium ku Gent naku Troyes yase France. Ugijimile eqenjini lesizwe iBafana Bafana amahlandla 53, wayekhona elakuleli lidlala ku Confederation Cup ngo 2009 wabuya wabakhona ngesikhathi elakuleli liqopha umlando wokuba yizwe lokuqala lasezwenikazi i Africa ukusingatha imidlalo yendebe yomhlaba

Ijazi ligcwale umoya kuTinkler


IMarizburg united isiqome ukudedele u Eric Tinkler nobengumqeqeshi wayo emva kokuphikwa yimiphumela selokhu kuqale lesizini. U Tinkler nowayeyibamba eswini kuBafana Bafana ulandela u Kerr okhonjwe indlela yiBaroka nobuye waqashwa yi Black Leopard kwathi u Patrick Aussems obeku Leopard wakhonjwa afika ngayo.

Thursday, November 19, 2020

Unethemba lokuphinda akhonye kumiklomeko yaso Pongolo


U Mculi nobuye ahlanganise umsindo u Andile Ntshangase niwaziwa ngelika DJ Ashora kwezikaqedisizungu endaweni yasoPhongolo unethemba lokuthi nakulonyaka uzophinda anqobe kumiklomelo ebizwa ngokuthi Pongola Community awards naqale ngonyaka ofile.

Lensizwa eke yasebenza neqembu lase Goli elibizwa ngeSoulful Sound kulonyaka iqokelwe kumkhakha we Most influential male ngengoma yakhe ethi push through ayicule ngokuhlanganyela ni Sphe beno Qandachofoka.

Akasekho emhlabeni uMshoza


Kukhalwanxazonke kwezikaqedisizungu ngokudlula emhlabeni kuka Nomasonti Maswanganyi (37) nobedume ngelika Mshoza embonini yezomculo. Lentokazi eyaduma ngenoni elalithi 'Kortes' idlule emhlabeni ngokusa kwanamuhla (Ngolwesine) esibhedlela esibizw nge Eastrand nesisegoli.

Lentokazi eyake yasusa igidigidi ngokuzishintsha isikhumba ishiye emhlabeni abantwana bayo ababili.

Thursday, November 12, 2020

Ibolekwe isibabuli sogadli Ibhakaniya


Iqembu le Orlando Pirates lilokhu liqhubekile nokuthula abadlali abasha njengoba namuhla lethuli umgadli odabuka ezweni lase DRC u Jean-Marc Wakusu(28) nemboleke eqenjini  i AS Vista Club yakhona eDRC.

Lomgadli obolekiswe ngombandela wokumnika inkontileka egcwele ngesizini ezayo. kulindeleke ayisize kakhulu iBhakaniya kwazise isahlalelwe umqansa wokuyodlala e Africa nokubukeka amava akhe ezikhulumela wona kwazise udlalile ku CAF champions league naku CAF confedaration Cup.

Ugaqele esokungamela iCAF uMotsepe


Impunyela nenguMongameli weqembu i Mamelodi Sundowns ugaqele isikhundla sokuba nguMongameli wenhlangano engamele ibhola e Africa i CAF.

Isithangami sezindaba senhlangano engamele ibhola kuleli i SAFA neholwa nguMnumzane Danny Jordan kumenyezelwe ukuthi u Patrice Motsepe uzongenela ukhetho lokuba nguMongameli walenhlangano ye CAF nokuyisikhundla esiphethwe ngu Ahmad Ahmad obebukeka engezukubangiswa muntu kepha emva kwezinsolo zokungahambisi kahle ngakwezezimali ikhona okwenze umbango walesikhundla wasujiya njengoba nezwe lase Ivory Coast limemezele ukuthi uMnumzane Jacques Anouma uzolungenela ukhetho noluzobanjwa ngoMarch ngonyaka ozayo edolobheni iRabat ezweni lase Morocco.

Wednesday, November 11, 2020

Ubuyiselwe ngo Elethu uDokotela u Khoza kwese NSL


 Uhlalo we Orlando Pirates uDokotela u Irvin Khoza uphinde waqokelwa ukiba ngusihlalo wekomidi elibhekele iligi yakuleli iNSL nefaka amaligi amabili okuyi PSL ne sigaba esingaphansi nesibizwa ngeGlad Africa Championship. U Iron Duke nokuyisiteketiso sika Irvin uzohola eminyaka emine nalapha azobe ebambisene nekomidi elakhiwe ngu  Kaizer Motaung, Stan Mathews, John Comitis, Manto Madlala, David Thidiela, Dr Rejoice Vakashile Simelane no Robert Benadie

Usengene kwezengqephu obaziwa ngomculo


Insizwa yasendaweni yakwashoba eyaziwa ngokuba umculi womculo wokholo uMxolisi Mbokazi nobuye aziwe ngelika 'Kaka' usencelisa amawele njengoba esesheba umculo nezenqephu.
Lensizwa esizinze kwelikaBanana okuyiTheku isungule izimpahla zayo ezibizwa ngokuthi yi Ngidi ezifaka phakathi isikipa ,amatracksuit,izigqoko nezimpahla zabantuo besifazane. Ekhuluma ne NPG online news uthe" ngiyayngibe nesifiso sokuqala izinto ezintsha ngasosonke isikhathi nokufisa ukuthi ngiphakamise indawo yangakithi oPhongolo ikakhulukazi indawo yakwaShoba langizalelwe ngakhulela khona".

Mayelana nalaba abafisa ukuba nakezimpahla eziseqophelweni eliphezulu ziyatholakala ngokuthi umshayele yena siqu sakhe kuzinhlamvuzokubala zakhe zikamakhalekhukhwinci ezithi 0733776787

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...