Friday, November 27, 2020

Uphinde waqokwa kweyomhlaba u Hlompho


 Umdlali nongumholi weqembu le Mamelodi Sundowns u Hompho 'Bra Hlompho' Kekana uqokwe kumklomelwane obizwa ngokuthi Best Fifa Awards nalapha engene kumunxa obizwa ngokuthi i Puskas Award nokusuka kukhethwa khona igoli elibe lihle kunawonke.


Lenkunzi emavava yakwa Kekana neyikazelayo izindodo zeligi nezemikhumula jezi ayiqali ukuya kulemiklomelo njengoba nango 2016 yayakulemiklomelo ngonyazi lwegoli eyalishayela iBafana Bafana idlala ne Cameroon. Kulonyaka u Bra Hlompo uqokwe ngegoli lakhe elaba yinguzunga yeshodi bebhekene neqembu le Cape town City koweligi ngesizini edlule.


Lomklomelo we Puskas usuvamile ukuthi ube nimele izwe lase South Africa kwazise no Sphiwe Tshabalala wake waya kuwo ngegoli lakhe alishaya ngo 2010 kundebe yomhlaba elakuleli libhene ne Mexico. Kwaphinda u Oscarine Masuluke nongunozinti weBaroka FC wamenywa futhi ngegoli lakhe leqethuka alishaya bebhekene ne Orlando Pirates.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...