Monday, November 23, 2020

Akasekho emhlabeni u Anele Ngcongca


 Isiqonqwane somdlali wasemumva obedlalela iSundowns nobebolekiswe kuqembu laMazulu FC u Andile Ngcongca(33) udlulile mhlabeni emva kwengozi yemoto  eyenzeke ezintatha zanamuhla endaweni yase Fearbreeze kwaZulu Natal. Kubikwa ukuthi u Andile ubehamba nomunye owesifazane okubonwa ngokusa kuye esibhedlela.


UNgcongca nowake waba sematheni ngokuphumela obala ukuthi unobudlelwano bezothando no Mshoza naye odlule emhlabeni ngesonto eledlule, ulandele abanye abadlali abaningi kuleli abedlule emhlabeni ngezingozi zemoto njengabadlali abafana no Gift Leremi, Lesly Manyathela, Cecil Lolo, Nado Matola nabanye abaningi.


UNgcongca odabuka eCape town waqala ukudlala ibholeqenjini lika Quinton Fortune i FC Fortune eyayidlala isigabeni esingaphansi kuleli ngaphambi kokuthi eyozakhela igama emaqenjini ase Europe ikakhulukazi eBelgium ku Gent naku Troyes yase France. Ugijimile eqenjini lesizwe iBafana Bafana amahlandla 53, wayekhona elakuleli lidlala ku Confederation Cup ngo 2009 wabuya wabakhona ngesikhathi elakuleli liqopha umlando wokuba yizwe lokuqala lasezwenikazi i Africa ukusingatha imidlalo yendebe yomhlaba

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...