Tuesday, December 1, 2020

Ulandulele leli u Papa Diop wodumo


 U Papa Bouba Diop wasezweni lase Senegal nowazakhela igama ngo2002 kundebe yomhlaba ngesikhathi eshaya igoli nokuyilona elanqoba umdlalo wokuqala bedlala nezwe lase France ulandulele leli emva kokugula isikhathi eside.

Lensizwa eyayibuye iteketiswe ngelika Wardrop ngenxa yobude bayo nokondleka ilishiye leli elimagade ahlabayo ngokusa kwayizolo isineminyaka engama (42).

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...