Thursday, August 22, 2019

Kugcine kumenela umgadli wase Ghana

UMgadli wase Ghana owazenzela igama kumqhudelwano we AFCON ngo 2008 u Junior Agogo ugcine endela kweloyisemkhulu emva kokugula isikhathi eside ehlaselwe isifo sonhlangothi nesamhlasela eminyakeni embalwa eyedlule.

Ngokwemibiko lomdlali odlale emazweni afana no Egypt, England no USA udlule emhlabeni esesibhedlela sase England nalapho abengeniswe khona ngenxa yokuxinwa ilesisifo ebessimshiye engakwazi ukukhuluma kanjani nokubhala.

Tuesday, August 6, 2019

Kushiyane ukwenza kuma NATU Regional Games

uSihlalo weNATU olundi  Region uRev Mathabela no Kaputeni waMahlabathini
Bakhohlwe oshoki nezincwadi zokusebenza phecelezi olesson plan othisha abangaphansi kwenhlangano yothisha iNATU ngesikhathi kunemidlalo enhlobonhlobo ngempelasonto e Prince Mangosuthu Regional Stadium olundi.

Lemidlalo ebanjwa minyaka yonke ibe nedumela elikhulu kwazise cishe onke amagatsha phecelezi ama branch angaphansi ko Ulundi Region abemelelekile kuyona yonke imidlalo obekungeyebhola lezinyawo, ibhola lomqakiswano labesimame kanye nowenzinjulabuchopho nokuyi chess. Kuthe kugamandla ihora leshumi inkundla ibisithe shaye ngabalandeli bezemidlalo kwazise kwelezinyawo kuqale izinkunzi ezimalunda nokukade kwasa siphosana okuyi Mahlabathini no Nongoma nosekuwumlando ukuthi iMahlabathini iziphuzele isobho ngo 2-0  nokuthe kwelomqakiswano wavuka efile uNongoma wavuka efile wabhudluza i Mahlabathini ngo 20 - 8.

Ompetha bangokudlule kwelezinyawo nokuyi Ngwavuma badedele isicoco sabo emdlalweni wamanqamu bedlala neMahlabathini ngesikhathi beshaywa ngo 1-0 emva komuhle unyakazo ka thisha uMaduna nofundisa eMpumelelo nocwenga lonke udonga lwasemumva lweNgwavuma waze wayolithi khalakatha enethini nebiyigadwe uqweqwe oludala lukaNozinti ubaba u Chansa Mthembu nogcine ezizuzele umklomelo wokuba unozinti womqhudelwano (Goalkeeper of the tournament) ngenxa yekhono lakhe lokuvimba kwasani.

isiyonke imiqhudelwano ihambe kanje ompetha kwabesilisa kube iMahlabathini ishaya ingwavuma ngo 1-0, kwase kuthi ompetha bango 2011 okuwuPhongolo lwathola indondo yethusi emva kokushaya abalala isibili ngonyaka odlule nokuyiNkandla ngo 1-0. khona belu ngokuqhubeka kwalemidlalo kwelabesimame umhlanganiso udliwe ngu Nongoma ephuma ngembobo yenalithi ngo 9-7 eshaya Ingwavuma.

umpetha we Chess uMvungande ehalaliselwa nguShlalo uMathabela
nesekela sihlalolika NATU oLundi Region u Jiyane                                   
kowezincithabuchopho nokuyiChess umhlanganiso udliwe yi Maxhuma Branch emva kokushaya iQhudeni kowamanqamu.

Friday, August 2, 2019

ISIVELE YAWULAHLA UMTHWALO KU BAXTER

Lowo obengumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uMnuzane Stuart Baxter usevele wasula esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wesizwe, lezindaba siqinisekiswe nguye esithangamini abe naso nabezindaba namuhla ekuseni eGoli.

LOmqeqeshi odabuka ezweni lase England noneminyaka engu 65 ushiya kulesikhundla vele bekunongabazane ngekusasa lakhe kukesikhundla emva kokuthi iqembu lesizwe lingadlalanga kahle emqhudelwaneni we AFCON nobubanjwe ezweni lase Gibhithe nosekungumlando ukuthi liphume kwangu 8 asele nelazibekela indawo emva kokushaya osokhaya nokuyi Egypt kwayishumi nesithupha nakhona lalingene ngembobo yenalithi kwazise lalitomulwe kulawo enza kangcono naqede endaweni yesithathu.

Lomqeqeshi obesebuya isibili ekuqeqesheni iBafana Bafana Indlela akhuluma ngayo ebuya kulomqhudelwano yayivele isicacisa ukuthi umthwalo usobhokweni kwazise walibeka ngembaba elokuthi akawulambele umsebenzi ngakho uma exoshwa engeke ebenankinga.

Thursday, August 1, 2019

Uthathe umhlalaphansi uKhuzwayo ngenxa yeqakala

uNozinti we Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo umemezele ukuthi usethi khumu emdlalweni kanobhutshuzwayo emva kohlushwa iqakala isikhathi eside.

lomdlali odabuka Emlaza ufike kwezimnyama ethwele ngeqoma esuka kuzimbangi zayo ezinkulu okuyi Kaizer Chiefs ngesizini edlule, kepha lokhu efikile kwezimnyama akakaze adlala ngisho owodwa umdlalo weligi kanjalo nowomkhumulajezi kwazise ubehlezi elimele nodokotela bezama ukumnyanga.

Lonozinti onemnyaka ewu 29 noqale ukugqama eqenjini laMazulu kanjalo naku Thanda Royal Zulu ngaphambi kokuyodlala kuMakhosi bekulindeleke ebonakale ngempelasonto edlule emdlalweni we Carling Black label kepha uhoxiswe ngemizuzu yokugcina ngenxa yakho ukuthunukala eqakaleni.

Sifisa lindlondlobale ibhola labesifazane oPhongolo - Mphile Nxumalo

sithunyelwe
Isasasa nedumela eqale ngalo iligi yabantu besifazane ophongolo ekuqaleni kwalonyaka nesongwe phakathi nawo kulethe ithemba nogqozi lokuthi kukhulu okusazokwenzeka okuhle mayelana nalemidlalo.

Leligi engaphansi kuka SAFA nengqotshwe yi  Mpakama Ladies okuyiyona eqede iphezulu ku log ebinamaqembu ayisithupha ingeyokuqala ukuthi ibe khona kusifunda sika SAFA wase Zululand. Ngokusho koMgqugquzeli walemidlalo uNksz Mphile Nxumalo nongaphansi kweSAFA uthe isifiso sabo njengabahleli balemidlalo ukuthi ikhule ikwazi nokuthola abaxhasi ukuze bezokwazi ukuthi iqembu elingompetha likwazi ukwedlulela esigabeni sika zwelonke I Sasol league.

"Ziseningi izinto okumele sizilungise njengoku phumela ngaphandle sifune amaxhasi abazosixhasa ngezinto zokuhamba kanye nemidlalo yemikhumulajezi ezoba seceleni kwelgi ukuze abantu bezoba nomdlandla ,siyabanxusa abantu abeze bazongenela kwazise kumahhala" kusho uMphile

Njengoba izoqala maphakathi nenyanga leligi kulindeleke ukuba ebe esemaningi amaqembu azokwelama i Mpakama Ladies(ward 1) nengompetha nokuyiyona kanye na Mavolovolo FC(ward 4) nokuyibona  abazoyomela isifunda sase Zululand kumidlalo yesifundazwe kwabaneminyaka engaphansi kuka 17 no 19, First Touch(Ward 9),  Future Stars (Ward 2/10) kanye ne Baroka Ladies yaku ward 7.

"Sicela ukubonga kakhulu ku Department of Health njalo uma sidlala ibisilethela ithimba labo lapha sidlala khona, Umasipala wasoPhongolo, osehovisi lezemidlalo uMnumzane Mthandeni Buthelezi . ikomidi lonke lezemidlalo indlela abasinike ngayo uxhaso, SAFA Pongola Local Football Association neholwa uMnuz FF Simelane kanjalo nabobonke abaholi bezemidlalo kuwona onke amawadi ikakhulukazi uMdu Mathe kanye no Sisi Zodwa" kuphetha uMphile Nxumalo.


  • Sisekulo ibhola labesifazane iBanyana Banyana ibhudluze i Comoros ngo 17 - 0 izolo emidlalweni ye COSAFA CUP.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...