Tuesday, January 30, 2018

Obemataniswa ne Chiefs uzogijima kusupersports United

Abalandeli beChiefs babuyele kwamhlaba emva kokuthi bebephakeme kwazise iqembu labor lisayinisa abadlali abanohlonze kulezinsuku abamataniswa naleliqembu lika Kaizer Motaung.

Emva kweside isikhathi umdlali odabuka ezimbabwe u Evans Rusike obemataniswa neChiefs ugcine esayinde iminyaka emithathu ku Supersports United nokubikwa ukuthi inkontileka yakhe ingalulwa ngeminyaka emibili kube ngemihlanu.

Lomgadli obeyisethenjwa eqenjini le Marizburg United nelishisa lingabaselwe kulezinsuku uzohlangana nozakwabo abasha nabadonsa kanzima kulezinsuku nokubonakala ukuthi bakhandlwe imidlalonye Caf cenfedaration cup nabadliwe emidlalweni yamanqamu ngonyaka ophelile.

UCapitec uyimpisi embethe isikhumba semvu

Inkampani eyenza uphenyo ngokusebenza kwezamabhange i viceroy ibika ukuthi ibhange i Capitec lifana nse nobaba wasendaweni obolekisa ngemali bese eyifuna ngehheshe inzalo.

Ngokutholwe ilenkampani inzalo ekhokhiswa ababoleka imali iyafana nse nekamashonisa nokwenze ukuthi kube nesigungu sesikhashana esibhekele ukusebenza kokubolekwa kwemali kulelibhange elithathwa njengelinozwelo kubantu kuleli.

Sunday, January 28, 2018

Anqobe eyesihlanu I Grammy Awards Amambazo amnyama

Izinqalabutho zomculo wesichathamiya kuleli iLadysmith Black Mambazo liphinde ladla umhlanganiso kumiklomelo ethathwa njengephezulu emhlabeni ebizwa ngama Grammy Awards.

Leliqembu elasungulwa ubaba uJoseph Shabalala oneminyaka engama 76 nosewathatha umhlalaphansi kwezokucula linqobe indodo yesihlanu izolo eMelika nalapho bekubanjwe khona lomcimbi osunesikhathi eside ukhona.

Tuesday, January 23, 2018

Enye ingqalabutho yezomculo uBra Hugh Masekela sewendela kwelaphakade

Iphinde yagqemeka uduma lengozi imboni yezomculo kuleli ngokudlula kwengqalabutho yomculo weJazz uHugh Masekela obeseneminyaka engu 78.

UBra Hugh nobedume kanjalo kubathandi bomculo udlule emhbeni ngokusa kwanamuhla ngenxa yesifo somdlavuza kapopopo. Lenqgalabutho neyake yaganwa uMiriam Makeba naye osewendela kwelimagade ahlabayo naye owayengumculi we Afropop.

"Usabophela amadiya emva kwendlu uBennie" Ertugral

Umqeqeshi we Ajax Cape Town uMuhsin Ertugral ubize uMqeqeshi we Cape Town City uBennie McCarthy ngomfana omncane osazokhula.

Labaqeqeshi bahlohlolozane ngeminwe kwashoda ozogadla ngesikhathi kunomdlalo wabakhaya baseKapa lodumo phakathi kweAjax Cape town he Cape Town city nosekuwumlando ukuthi uphele 1-0 ngegoli elishaywe ngu Martin.

Lempi yamazwi equbuke kulabaqeqeshi idaleke ngesikhathi umdlali we City uKwanda Mngonyama engena enkundleni engakaphumi uMartin ngesikhathi beshintshana nalapha ethe uErtugral badlalisa abadlali ababayishumi nambili.

Friday, January 19, 2018

Iwusizo olukhulu emphakathi i Angels Charity

Nakuba ematasa ngimsebenzi wokuba ngumfundi wezindaba emsakazweni iNongoma FM kepha akumvimbi ukuba alule isandla kulaba abadinga usizo uNkosazane Nonhlanhla Nxumalo ongumsunguli wenhlangano engenzinzuzo ebizwa nge Angels Charity.

Lentokazi edabuka endaweni yase Vryheid esigodini sakwaFuduka miningi imisebenzi emihle eyenzela umphakathi njengoba ngenyanga edlule ubevakashele esibhedlelkwaNongoma nalapha ayenokhisimuzi okhethekile nezingane ezihlala ngaphakathi kulesibhedlela ngenxa yezimo ezahlukene zezempilo. Kulomcimbi odado bazititilizela izinto zokudlala, izimpahla zokugqoka kanjalo nezinto eziningi ezishiywa kubo.

Ekhuluma ne NPG news uNonhlanhla uthe kusasekuningi asafisa ukukwenzela labo abadinga usizo kwazise akabuthi quthu ubuthongo uma eke wabona umuntu edinga usizo.

Angeke eliqede ihlandla lesibili lokuba umongameli wezwe uZuma

Isigungu sokuphatha senhlangano ehola izwe I African National Congress kubikwa ukuthi sithathe isinqumo sokuthi lowo owanikwa isikhundla sokungamela izwe uMnuzane Jacob Zuma ngeke eliqede ihlandla lakhe lesibili lokuhola izwe neliphela ngonyaka ozayo.

Lesinqumo sithathwe emhlanganweni walesigungu obuyizolo ePitoli nobekuwumhlangano wokuqala walesigungu esikhethwe ngenyanga edlule okhethweni lobuholi nolwadonsa amehlo omhlaba kwazise kwakuqhudelene uNkosazane Dlamini Zuma nowake wahola inhlangano yobumbano lwase Africa kanjalo noMnumzane uCyril Ramaphosa nosekuwumlando ukuthi wadla ukhetho lokuba uMongameli ka ANC.

Nakuba kungakaqinisekiswa ukuthi uzokhishwa nini esikhundleni uZuma kodwa kubikwa ukuthi kuzoba nganeno kokuqala kwemikhankaso yokhetho lukahulumeni lukazwelonke noluzoba ngonyaka ozayo. Kubukeka kuzobe sekufana nokhondolo ukuthi lowo osuke ekhethwe njengoMongameli wezwe kuKhongolose engaliqedi ihlandla lesibili njengoba no Thabo Mbeki waphuma sekusele izinyanga ebeke phansi kwangena uKgalema Motlathe njengebamba likaMongameli.

Monday, January 15, 2018

Kungabe kufakaza umakatshane ngamaZulu Fc

Kubukeka kufakazeleka isisho sesilungu esithi okuza kalula kuhamba kalula ngesimo seqembu lakwaZulu Natal eligijima esigabeni sePSL Amazulu Fc nathenga ilungelo lokudlala kulesigama emva kokuthenga ubulungu beThanda Royal Zulu neyadla umhlanganiso wokuba ngompetha beNFD ngesizini edlule.

Amazulu abukeka ewukudla enduku kulesizini njengoba nayizolo aphinde aguqiswa ngo2-0 esgaywa iqembu ke Baroka FC emdlalweni obuse Peter Mokaba Stadium eLimpopo izolo ntambama.

Usuthu nokuyigama okuteketiswa ngalo Amazulu ayibambe indaweni Ka 14 ngamaphuzu angu15 emva kwemidlalo ewu 15. Bese kungoka 6 luthola induku kulesizini leliqembu eliqeqeshwa uCalvin Johnson wodumo lokuvundulula ikhono lika Steven Pinaar nosanda kukhonjwa indlela iBidvest Wits emva kwezinyanga eziyisithupha engumdlali waleliqembu elibhinjelwa izinto emva kokunqoba isicoco seligi ngesizini eyedlule.

Friday, January 12, 2018

UMONGAMELI WASEMELIKA UBIZE ABASE AFRIKA NGEBHODWELENJA

UMNUMZANE uDonald Trump nonguMengameli wasezweni lase Melika uqhubekile nokuveza imizwa yakhe ngokucwasa ngokwebala ngesikhathi ekhuluma komunye umhlangano obukuleliviki khona eMelika nalapha efanise yabantu abaphuma ezwenikazi lase Afrika kanjalo nasemazweni ayiziqhingi zabamnyama ngembobo ephuma indle phelezi (Shithole).

Nakuba ephike wahlanza okwayizolo ebhala ekhasini lakhe likaTwitter ukuthi ubengaqondile lokhu okucatshangwa yabantu kodwa akukona okokuqala ezidalela amazinyo abushelelezi ngokucwasa yabantu bakwamanye amazwe njengoba ake abiza yabantu baseMexico ngabadlwenguli nababulali nokwafakazelwa ukwakhiwa komthangala kakhonkolo ohlukanisa lamazwe amabili.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...