Tuesday, June 27, 2017

Seligqabukile igoda phakathi kuka Teko Modise me Sundowns

Emva kweminyaka engaphezu kwemihlanu engumdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise lufike esiphelweni uhambo lwakhe kuleliqembu lase Pitoli emva kokungavumelani ngenkontileka yonyaka owodwa abenikwa yona iSundowns. Lezindaba zokugqhashuka kocu ziqinisekiswe iyona qobo iMamelodi Sundowns kusitatimende esanda kusikhipha.

UModise nowafika ku Bafana bestayela esuka ku Orlando Pirates udle isicoco se Caf Champions league, eseligi amahlandla amabili, iNedbank cup ukukha phezulu kuleliqembu lempunyela uMnumzane Patric Motsepe.

Nakuba eseneminyaka ewu 34 kubikwa ukuthi amaqembu afana ne Kaizer Chiefs, Cape town City kanjalo ne Orlando Pirates ayanyamaniswa nokumsayinisa kwazise azomthola bhusende.

Monday, June 26, 2017

Kumisiwe ukudayiswa koLamthuthu kuleli

Umnyango wezolimo kuleli izolo umise ukudayiswa kolamthuthu abaphilayo kuleli ngenxa yokwesabela umkhuhlane okuthiwa uphethe lezinkukhu nezithathwa njengezidliwa kakhulu kuleli.

Ngokwemibiko lomkhuhlane uqale ukubikwa ezweni laseZimbabwe emavikini edlule.

Zikhohlwe iNombolo iziboshwa kutheleka abadansasakuhalisa

Kubikwa ukuthi kujajuliswe iziboshwa zasejele elibizwa ngokuthi I Johannesburg Medium B Prison ngesikhathi kunombungazo wenyanga yentsha ngempelasonto edlule.

Kubikwa ukuthi kutheleke izintokazi ezimbili ebezigqoke izimpahla eziveza umzimba zazodansela iziboshwa. Kuthe kusa namuhla bekusabalele izithombe zalaba besifazane bebonakala bethintathinta isiboshwa ezinye zibukela. Okhulumela umnyango wezokuhlumelelisa isimilo uMnuzane Logan Miestry usiqinisekisile lesigameko waphinda wabalula ukuthi kunabasebenzi abayishumi nantathu abazophoswa imibuzo ngalezithombe neziqale ukuvezwa ngu DJ Fresh ekhasini lakhe Lika Twitter.

Saturday, June 24, 2017

Bekungathi aphoswa ngesandla amagoli kushaywa I Pirates kuNedbank

Ubungafunga ukuthi kulolongwa uNozinti we pirates uSyabonga Mpontshane ngendlela abegalakadela ngawo epalini amagoli eshagwa yi Supersport emdlalweni wamanqamu we Nedbank izolo ebusuku eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Nakuba iqale yethembisa i Orlando Pirates esiwombeni sokuqala sisasuka kodwa uBradley Grobbler uvele wayicisha yonke lento evalela ngebatha igoli lokuqala nokuthe ngewombe sesibili yabuya kwangathi isixhunywe ogesini iSupersport ivalela phakathi amagoli amathathu ashaywe nguyena Grobbler nobese kungelesibili kwaba elikaJeremy Brockie noke wathola iphenathi wabanjelwa ngumfoka Mpontshane elesine lishaywe ngu Kingston Nkatha nobesuka ebhentshini.

Ezimnyama zithole elokubika nokube iphenathi engine ngonyawo lukakaputeni uOupa Manyisa. Ezika Iron Duke kubonakala lesizini kube ngembi kunawonke selokhu kwasungulwa iPSL ngo1996 njengoba iqede endaweni ka 11 kuligi kanti nakhu isishweba ne nkomishi yakwa Nedbank nobese kuyithemba lokuthoba abalandeli izinhliziyo.

Saturday, June 3, 2017

Ikhuluma kuningi I DA ngokumiswa kuka Helen Zille

Iqembu le Democratic Alliance likhiphe umbiko wokuthi lowo owayengumholi walo uNkosikazi Helen Zille umisiwe emva kokuthi abhala encoma uhulumeni wamakhamandela ukuthi wasebenzi umbuso wakhe kwazise iningi inqala sizinda eyakhiwa ngalesosikhathi.

Imibiko ekhishwe ileliqembu ngomlomo womholi wayo uMusi Maimane ithe kumiswe umaZille kuzonazonke izinhlaka zeqembu ngaphandle kwesikhundla sokuba uNdunakulu wesifundazwe saseNtshonalanga kapa. Nakuba bese kusabalele ukumiswa kuzona zonke izinhlaka zaleliqembu kukaZille kuphinde kwavela eminye imibiko ethi unikwe iziƱsuku ezintathu ukuthi aphendule ukuthi kungani angeke emiswe eqenjini.

Friday, June 2, 2017

Kukhalwa ngobugebengu edolobheni lase melmoth

Umphakathi wase Melmoth namaphethelo usunxuse izinhlaka zonogada, amaphoyisa kanye npphiko olulwisana nobugebengu iCPF ukuba zingenelele ekunqandweni kobugebengu obuhlalise lubhojozi umphakathi osebenzisa leli dolibha.

Lokhu kulandela izigameko zokubanjwa kwenkunzi abantu nosekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba kulesi sigameko kufaka phakathi ukubanjwa inkunzi kowesifazane obengaphakathi esitolo esikhulukazi sakwa Shoprite kulona lelidolobha.
Isisulu e since zoku da buka endaweni eseShowe sithe sibikele onogada bakulesisitolo kodwa bazithela ngabandawo umenzi wokubi kuthiwa use waphuma esitolo wabuya eseshintshe izimpahla zokugqoka" sikhathele ubugebengu edolobheni elincane nakangaka onogada abenzi lutho ekubeni izigameko zenzeka phambu kwabo okungenani ubezwa bencoma bethi ilokhu kusile abantu babanjwa inkunzi lapha esitolo" kusho lona wesizane obethuthumela. Kulesisitolo kutheleke ebebehamba nesisulu banikela ehhovisi lemenenja bacela ukuba kubhekwe umfanekiso ogciniwe othwetshula amakhamera lapho lungena noma kuphuma ama khasimende kulesi sitolo, nokuyilapho umfanekisi uveze khona lesisigilamkhubu sikwenza lokhu maqede saphumu esitolo
Isisulu sivule icala esiteshini samaphoyisa eMelmoth kodwa akekho umuntu osaboshwe.

Kwenzeka lokhu nje kulelidolobha wethuka izanya umphakathi waseThubalethu elokishini njengoba sekuze kwatholakala izidumbu zabantu ababulawa maqede bagqitshwe kulendawo. Lezi dumbu kuthiwa zatholwa abafundi beya esikoleni ngesonto eledlule nakhona kwavula amacala esiteshini samaphoyisa esise Melmoth kodwa akekho umuntu osaboshowe. Umphakathi uthi izinhlaka ezilwisana nobugebengu mazingenelele ngokukhulu ukushesha.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...