Sunday, October 16, 2016

Sishiye kukhalwa isiphepho oPhongolo

Isikole iMasithokoze 
Umoya obuvunguza ngamandla ezunzulwini zobusuku bangomgqibelo zishiye kumapeketwane emizini eminingi oPhongolo.

Lezindawo okubalwa eyakwashoba kunemizi ephephukelwe uphahla kwathi nasendaweni yaseMagengeni sashiya kukhalwa njengoba isikole sasendaweni iMasithokoze sipheshukelwe uphahla.

Akugcinanga ngokuphephuka kophahla kepha nogesi uphazamisekile njengoba kunezintambo zikagesi ezilimeld.

1 comment:

Unknown said...

Kodwa yini isiphepho sizosukela izingane zesikole ngalesisikhathi sonyaka? Izovelaphi imali yokulungisa isikole ngokushesha ukuze abantwana bahlalele izivivinyo zabo zokuphela konyaka njengoba othisha babo bebehlelile singakafiki lesisiphepho? Ayikho phela into ezoqhubeka kulamagumbi okufundela angasenalo uphahla. Sesithemba ukuthi uMnyango wezeMfundo uzokhipha ithimba labahloli bomnyango wezemisebenzi kanye nalabo bezinhlekelele ukuba bayobheka umonakalo ukuze basheshe baluthole usizo eMasithokoze.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...