Sunday, October 23, 2016

Iqede ishobolo leminyaka iSundowns ithatha iChampions League

Emva kweminyaka engu 22 lagcina iqembu lasemazansi ne Afrika ukuphakamisa indebe ye Champions league kuthe kulalwa izolo iMamelodi Sundowns igeze izinhliziyo zabathandi bebhola bakulamazwe asezansi ne Afrika phecelezi Southern Africa  ngesikhathi ithatha lenkomishi enkulu kunazozonke ezwenikazi lase Afrika.

Abafana bestayela balwe ngandlela zonke kwazise iqembu le Zamalek belisebenzisa yonke inhlobo yobudlova ebeyikwazi ukuyisebenzisa ukuze ikwazi ukushaya amagoli amane kwazise yathola isibhaxu sika 3-0 ngeledlule nakuba abafana be Zamalek benqobile ngo 1-0 kufane nokudlalisa inyosi ngoju ngoba igcine ikhala phansi ngo 3-1 sekuhlanganiswa yomibili imidlalo.

Leliqembu lasePitoli lingelesibili ukunqoba lendebe kuleli kwazise yanqotshwa i Orlando Pirates ngo 1995 ishaya i Asec Arbijan ngo 2-1, ukuphumelela kwe Sundowns kusho ukuthi ngonyaka ozayo webhola amaqembu azomela iNingizimu Afrika azoba mane ku Champions league bese elizobe lilele endaweni yesihlanu liphelezele eliyoba linqobe i Nedbank cup beyodlala kumqhudelwano we Confederations cup neyagcina inqotshwa iKaizer Chiefs ngonyaka ka 2001 kumaqembu alapha eningizimu Africa.

Kulindeleke idowns itheleke kuleli nalapha izobe ilindwe esikhumulweni sezindiza izindimbane zabathandi bebhola kanjalo nezikhulu zebhola, izothi qubasha amaviki ambalwa iphinde ihambe iyodlala kundebe yomhlaba yamaqembu ngoZibandlela.


No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...