Tuesday, September 27, 2016

BEZIWUSHAYA kumhleli wezindaba kuMaputaland Community Radio

Sithunyelwe
Ubophe elikasofa silahlane Umhlei wezindaba zomsakazo iMaputaland Community Radio uMnumzane Mthokozisi Manqele nesinqandamathe sakhe uNkosikazi Nolwazi Zulu odabuka eHluhluwe.

Lentatheli esimnkantshubomvu nedabuka endaweni yakwaHlabisa esigodini saseMpembeni igcagcelwe ngokwesintu ngosuku lwamagugu esontweni i Evangelic Church eJozini.

Ekhuluma ne NPG Newsblog uManqele nosahlabe ikhefu uthe "Iyaphuphuma injabulo kwazise  kwenzeke ebesikufisa ngoba sishade ngokwesintu sishada ngosuku lwamagugu". Kuphetha lentatheli ebuye ibhale izindaba kuphephandaba Isolezwe.





Monday, September 26, 2016

iNongoma FM iqophe umlando isakazela emsakazweni waseMelika

Umsakazo okhula ngesivinini esimangalisa iNongoma FM iqophe umlando okusekude uphele ngesikhathi ibumba ubudlelwano bokusebenzisana nomsakazo iButtet American Radio

Ekhuluma ne NPG newsblog umphathisteshi seNongoma FM Umntwana uSiboniso Zulu uthe " inhloso ngqangi yalobubudlelwano ukuqhakambisa indawo yakwaNongoma nanendlela yesintu nosiko lwethu, sitshengise indlela esiphila ngayo kubantu baseMelika".

Lobubudlelwano sebuqalile buthela izithelo njengob lomsakazo ozinze Emelika usuqalile ukuzwakala bukhoma emsakazweni iNongoma fm njalo ngolwesihlanu ekuseni.

Eqhubeka uMphthisteshi uthe " sisezindlelweni zokuya Emelika nalapho sizofike sizinze khona inyanga yonke sisakaza bukhoma, okwamanje sisalungisa izinto ezithinta amaphepha kanjalo nokulungisa izinto eziphathelene nendawo ezizozinza kuyo Emelika".

Nakuba lomsakazo uzwakala uzigijimela kakhulu njengoba ukhonzwe yintsha nokwenza abaningi becabange ukuthi ufaka inzuzo kepha uMphathisteshi usamile ekutheni lomsakazo ungowomphakathi into edala ukuthi ubenewozawoza emphakathini ukuthi basika iphethini emsakazweni emkhulu ezweni kwazise ubephuma engena emisakazweni emikhulu ezweni lonkana kuqala lonyaka.

impama ijiyise impi ka Black coffea no AKA

Kubukeka iya kude impi phakathi kwamaciko amabili akuleli ongumdidiyeli nobuye abe ngumklwebhimapuleti u Black coffea nomculi we hiphop u AKA emva kokuthi uBlack Coffea eshaye ngogesi wempama umphathi ka AKA komunye womcimbi obuse Limpopo.

Lomphathi ushaywa nje kuthiwa ungene esteji ehamba nabanye bafika baphazamisa umsindo sekudlala uBlack coffea nokuholele ekuqagulisaneni ngamazwi nokuphethe ngokuthi kuqhume ulabhabha.

Emva kwalesisigameko kuqale impi yamazwi kutwitter phakathi kuka AKA no Black coffea.

Sunday, September 25, 2016

inkondlo ka Senzo Mathebula

alwehlanga lungehlanga ma afrika sishaya phansi ngonyawo nkosi kulobunzima sicela us'khiphe"
laguqubala ilanga amafu ashintsha abamnyama"
yadindiliza yawufulathela owakwamhlaba indoda emnyama"
lasala limenyezwa igama layo omoyeni' wabhalwa umlando wayo emaphepheni"
nkosi ngabe senzeni"
sithi rest in peace mduduzi tshabalala abanye bambiza ngomandoza"
lokufa kufike ngokuzuma kwam'mboza"
__________________________
njengembali eqhakaza namhlanje kuse ksasa isibune nya"
ezulwini sobonana futhi zonke izinsizi seziphele nya"
_____________________
unyawo alunampumulo"
nathi siyok'landela kuleyo ndawo yokuphumula"
uyishiyile induku ebandla"
umduduzi tshabalala abanye abamazi ngo mandoza"
ugodoba"
ngyazi.angingabazi ma africa lendoda ewufulathele im sure niyayazi"
umlando.imisebenzi yayo im sure nisayikhumbula"
yahamba inkalakatha thina madoda ngesikhale sokhalel ngaphakathi"
indoda ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke"
mfoka tshabalala sok'khumbula"
_____________________
njengembali eqhakaza namhlanje kuse ksasa isibune nya"
ezulwini sobonana futhi zonke izinsizi seziphele nya"
______________________
kithi usizi lugcwele ebusweni"
izinyembezi ziyehla zigcwele emehlweni"
lendoda as'soze sayikhipha emcabangweni"
umculo wakho yiwona ozohlezi uphila emqondweni yethu"
indoda ingalala namhlanje kusasa iphinde ivuke"
pho bekungokwabani lokufa"
noma ungavuka mfoka tshabalala' uyochecka igama lakho emabhukwini seliyatholakala"
__________________________
njengembali eqhakaza namhlanje kuse ksasa isibune nya"
ezulwini sobonana futhi zonke izinsizi seziphele nya"
________________________
zola bong'nkosi dlamini"
yini enazi kancono lendoda ngokomculo eyakini"
igama lakhe ngilishiya ezandleni zethu selikini"
nami before la esihlalweni ngehle ngithanda ukudlulisa nanka amazwi rest in peace"
alwehlanga lungehlanga"
i.g@senzo_mathebula
e.g@senzohdapoet
p.n@0631644879

inkondlo abangani benkohliso isiyatholakala nansivi link
www.datafilehost.com/d/15a2e089

Thursday, September 22, 2016

umbhidlango wokwehlisa kwentengo yamaDATA

Umsakazi wesiteshi esitholakala ku internet uTbo Touch uphume umkhankaso wokuthi akuhliswe inani lokuthenga amadata kwazise iNingizimu Afrika yilonazwe elibiza kakhulu uma umuntu ethenga amadata.

Lomkhankaso obizwa nge #datamustfall ubukeka ushukumise izwe njengoba izolo bekukade kudingidwa wona ephalamende.

Tuesday, September 20, 2016

luyadlondlobala udaba lwezinwele zendalo ezikoleni

Umfundi wesifazane nowenza ibanga leshumi ofunda kwesinye sezikole zaseMahlabathini uphuthunyiswe esibhedlela emva kokuzam ukuzibulala ngokuphuza okusaketshezi ebizihlanganisele yona egumbini lezesayenzi elikulesikolwe.

Imibiko ithi lomfundi washaywa ngogesi wempama eshaywa ngomunye uthisha ngoba embuza ukuthi akagundile ngani ekhanda nokwaholela ekutheni lomfundi evuke indlobane nokwaholela ekutheni bemthathe beyomvalela kuleligumbi lezesayenzi nalapho azama khona ukuzibulala.

Ngokwemibiko uthisha nhloko kuthiwa akaze abikelwa ngaloludab.

Friday, September 16, 2016

seziqalile ukubonakala izithelo zokhetho kuwadi 15 oPongolo

emva kwenyanga eyodwa ekhethiwe amakhansela omaspala kubukeka umhakathi owakhele uwadi 15 ngaphansikukamaspala wasoPongolo usuqaile ukudla izithelo zamavoti awo.

lomphakathi okunngowasendaweni yakaShoba nase Deckville ulungiselwa inkundla yezemidlalo eyakhiwe endaweni yakwShoba,nokuthe ngolwesine kwazohlatshwa isoyikulenkundla iphelekezelwa iMeya kanjalo nezinye izikhulu zikamasipala. kubukeka ikhansela uMnu SgcinoMyeni ubukeka ekhuthele ngendlela eyisimanga njengoba uhlezi ebamba imihlangano nezigodi zaleli wadi elingaphansi kobukhosi bakwaSimelane.

Monday, September 12, 2016

Usekhokhile uMongameli imali athembisa ukuyikhokha

Umgcinimafa wezwe usememezele ukuthi uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma useyikhokhile imali elinganiselwa ku 7,81 Million okwathiwa akayikhokhe.

Lemali okuthiwa yasebenza budlabha ngesikhathi kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.

Bezibulala inyoka izintombi nto emhlangane

Beziphume ngothi lwazo izintombi nto zizothamela umkhosi womhlanga esigodlweni seSilo sesizwe samaZulu eNyokeni kwaNongoma ngempelasonto esiphuma kuyo.

Lomkhosi obanjwa njalo ngonyaka kubukeka ukhula unyaka nonyaka kwazise nakulonyaka bekungamakhulu ngamakhulu ezintombi ebezizobungaza lomkhosi osunesikhathi ukhona.

Nakuba ikhomishana yamalungelo abantu ithi lomkhosi uhlukumeza ilungelo lezingane kepha izintombi zilimise ngesihloko elokuthi aziyekwe zenze usiko lwazo futhi aziphoqwe muntu.

Sunday, September 11, 2016

Ukudla komphefumulo no Mbhishobhi BM Buthelezi

AMAHUBO 37:7
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

Nginibingelele bafundi balengosi.
Nhifisa ukudlulisa lelizwi njengesexwayiso kithina sonke. Ungabi nomona uma kukhona abaphumelelayo ngaphambi kwakho. Isizathu yikuthi awuyazi impumelelo yakhe ukuthi ifike kanjani. Abanye baze bawele ezihibeni zokungalungi ngenxa yokufisa izinto.

Yeneliswa yilokho uJehova akuphe khona. Enye impumelelo yabantu yeza sekugcitheke igazi. Ngabe nawe ufuna ukuya lapho?

Ungazikhathazi ngonenhlanhla endleleni yakhe!

Amen!!

Bishop B.M. Buthelezi
Zoe Christian Fellowship International
Cell. 0827546476

Sunday, September 4, 2016

Amathimbixo adelela umkhosi womhlangaqaaaqqaaaaqqaa

Ongangezwe lakhe isilo sesizwe samaZulu sikhala ngokudelelwa kwesiko lwesizwe samazulu lomkhosi womhlanga.

Ngokombiko okhishwe yiphephandaba isolezwe uBayethe ubekhuluma nezintombi ezizohambela umkhosi womhlanga esigidlweni saseMachobeni kwelasenyakatho eNgwavuma.

uBhejana uphuma esiqiwini ukhuluma kanjena nje uqondise kuphiko lwabesifazane lwe ANC nolwathi aluhambisani nalolusiko oseluneaikhathi eside lwenziwa esizweni samazulu nabathi luwukuhlukumeza izintombi.

Ugcotshelwe esobuBhishabhi ohlala esipha ukudla komphefumulo ku NPG Newsblog

Lithe lishona elayizolo ubese egcotshelwe esikhundleni sokuba uMbhishobhi webandla le Zoe Christian fellowship church uMnuzane Bhekithemba M buthelezi nobuye abe yingxenye yomndeni we NPG Newsblog.

Lenkonzo ebibanjelwe ehholo lomphakathi eSikhaleni izolo ntambama ubuhanjelwe abaholi abaningi bamabandla kanjalo nezinye izikhulu zeminyango ehlukene kahulumeni noaoPolitiki kwazise bekukhona noSolwazi Nhlanhla Khubisa obekuqembu le NFP.

UMbhishobhi uButhelezi noseyibambe iminyaka engaphezu kuka 23 impilo yokushumayela ivangeli ugcotshelwe kulesikhundla ubuholi obuphezulu benhlangano engamele amabandla angaphansi kwe Fellowship emhlabeni jikelele.

Friday, September 2, 2016

Kulindeleke ibuyise isithunzi kowamaswidi iBafana Bafana

Nakubo kuzobe kufana nokudlalela amaswidi emdlalweni ezowudlala ne Mauritania Ibafana Bafana izolwela ukubuyisa iithunzi sayo nokunyus umgqigqo ozoyisiza emidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba.

Lomdlalo wokuhlungela i Afcon awusasho lutho kubafana baka Shakes Mashaba kwazise abakwazanga ukuqoqa amaphuzu anele ukuze bayomela leli kulemidlalo esayinqob ngo 1996 nakhona ibanjelwe kuleli.

IBafana Bafana izozama nokubuyisa izinduku kazis yaphndulwa oMpushana ishaya yilelizwe ngonyaka ophelile emlenzeni wokuqala .

Thursday, September 1, 2016

Kubukeka amaqembu exoshwa ukubiza kuka Mfanakagogo

Kubikwa ukuthi amaqembu afana ne Kaizer Chiefs ne Wits abalekiswe ukubiza imali enkulu komdlali we Black Leopard uSphelele ' Mfanakagogo' Ntshangase.

Ngokwemibiko kubikwa ukuthi lamaqembu asegoli ebezimisele ngokumthenga lomdlali wasoPhongolo eNcotshane kepha imali efunwa yiqembu lakhe laseLimpopo iBlack leopard yiyona exosha lamaqembu. Lomdlali obuye abe ngukaputeni kuleliqembu lika David Thidiela uselelwe unyaka kunkontileka yakhe nokuzomnika igunya lokuqala izingxoxo neqembu alifunayo ngoJanuary nokubukeka kuzophoqa uThidiela ukuba amdayise engaze engatholi nendibilishi ngaye.

Luyaqala uhlelo lokunikeza imishanguzo yesandulela ngculazi

Namuhla siyaqala isinqumo sokuthi uma umuntu etholakale ensandulelangculazi eyiqale imishanguzo ngale kokulinda amasotsha omzimba ukuthi ehle emzimbeni.

Lesinqumo kulindeleke ukuba sisize ekutheni abantu baqale kusenesikhathi ukuthithibalisa leligciwane egazini. Kubukeka lesinyathelo sizosiza kakhulu eningizimu Africa njengoba babalelwa ngaphezu kwezigidi ezimbili abantu abahlomula ngamaphilisi okuthithibalisa lesisifo.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...