Umsakazo okhula ngesivinini esimangalisa iNongoma FM iqophe umlando okusekude uphele ngesikhathi ibumba ubudlelwano bokusebenzisana nomsakazo iButtet American Radio
Ekhuluma ne NPG newsblog umphathisteshi seNongoma FM Umntwana uSiboniso Zulu uthe " inhloso ngqangi yalobubudlelwano ukuqhakambisa indawo yakwaNongoma nanendlela yesintu nosiko lwethu, sitshengise indlela esiphila ngayo kubantu baseMelika".
Lobubudlelwano sebuqalile buthela izithelo njengob lomsakazo ozinze Emelika usuqalile ukuzwakala bukhoma emsakazweni iNongoma fm njalo ngolwesihlanu ekuseni.
Eqhubeka uMphthisteshi uthe " sisezindlelweni zokuya Emelika nalapho sizofike sizinze khona inyanga yonke sisakaza bukhoma, okwamanje sisalungisa izinto ezithinta amaphepha kanjalo nokulungisa izinto eziphathelene nendawo ezizozinza kuyo Emelika".
Nakuba lomsakazo uzwakala uzigijimela kakhulu njengoba ukhonzwe yintsha nokwenza abaningi becabange ukuthi ufaka inzuzo kepha uMphathisteshi usamile ekutheni lomsakazo ungowomphakathi into edala ukuthi ubenewozawoza emphakathini ukuthi basika iphethini emsakazweni emkhulu ezweni kwazise ubephuma engena emisakazweni emikhulu ezweni lonkana kuqala lonyaka.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
No comments:
Post a Comment