Monday, December 14, 2015

Lisenethini - Kuthakandize"umfana kagogo"

Injini yeqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu23 uSphelele Ntshangase uthi ujabule njengengane ibona amaswidi kwazise amabombho abheke emidlalweni yama Olympics engonyakabozayo edolobheni elibizwa nge Rio de Janeiro kwelase Brazil.

UNtshangase nobuye ayihlikihle kuBafana Bafana naku Black Leopard ubekhuluma me NPG Newsblog eseSenegal nalapha bebeqeda kushaya kabuhlungu yona iSenegal nebingosokhaya balemidlalo nalapha ishaywe NGO 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi nokuthe uFebruary ongunozinti we south Africa waxhakathisa amathathu.

Lomphhumela ubeke iSouth Africa endaweni yesithathu ilandele iAlgeria ne Nigeria kwabaya kuma Olympics

Kuphinde kwashintsha umshovo kwesikangqongqoshe wezezimali

UMnu David van Rooyen Ubesabeke isinqa esisodwa wathi esebeka esesibili kwathiwa engabe esahlala akadedele uMnu Paving Gordhan esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezezimali kukhabinethi kazwelonke.

UMnu van Rooyen ususwa nje kulesikhundla ubesabezinsuku ezine eqokiwe emva kokususwa isigubhukane kukaMnu Nhlanhla Nene obephethe lomnyango nobese egixabezwa ngesinye isikhundla ebhange lamazwe angaphansi kwe Brics.

Inkonyane izobe ingathuki sidings Ku Mnu Pavin Gordhan kwazise uyena obeqhoqhobele lesikhundla ngehlandla lokuqala Lima Mnu Jacob Zuma kwesobungameli bezwe.

Friday, December 11, 2015

Izindaba zomphakathi - ugwetshiwe owabulala wahlinza ingane eNcotshane

Inkantolo yesifunda sasoPhongola igwetshwe udilikajele neminyaka engu 20 ngaphezulu uSbongiseni Magagula ngamacala amane okungelokubulala amabili okuthumba nelilodwa lokuzama ukubulala.

Lendoda ilahlwe ngamacala abandakanya elokulawa komfanyana waseNcotshane uLungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zesidumbu zakhe esontweni laseNcotshane ngonyaka odluke.

Thursday, December 10, 2015

Izindaba zomphakathi - kuzophuma isigwebo ngolahlwe ngamacala ezicubu zamfanyana wasencotshane

Sizokhishwa kusasa isigwebo mayelana nesigameko sokutholakala kwezicubu zomzimba zomfanyana waseNcotshane esenzeka ngonyaka ophelile.

Indoda engu Sbongiseni Magagula nebivele namuhla enkantolo yesifunda oPhongolo izogwetshwa kusasa ngamacala amane ebekwe wona okungawokuthumba amabili elokuzama ukubulala nelokubulala umfanyana ongu Lungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zomzimba wakhe  esontweni elisencotshane kusigceme sakwa B ngo Ntulikazi wangonyaka odlule.

Lesigameko nesazamazamisa izwe nalapho kwaboshwa kwabuya kwadedelwa uMfundisi walelisonto ngenxa yobufakazi obungahlangananga. Umphakathi wavuka umbhejazana washisa isonto wabuya wayothungela amahhovisi kandabazabantu Khona encotshane.

Wednesday, December 9, 2015

Lisenethi - Ayamfimfa amathuba okuya e Rio kuma Glug glug

Aya ngokuba luvindi amathuba eqembu lebhola lezinyawo labeminyaka engaphansi kuka 23 okuyomela izwe emidlalweni yama Olympics ezodlalelwa ezweni laseBrazil kudolobha elibizwa nge Rio de Janeiro.

Abafana Baka Owen Da Gama bashaywe kabuhlungu yizwe lase Algeria NGO 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu izolo ebusuku eSenegal nalapha kuqhubeka khona umidlali ye CAF 8 nations tournament.

Amaglug glug nabophele umfana wasoPhongolo uSphelele 'Mfanakagogo' Ntshangase azolwela ukufa nokuphila emdlalweni wokubanga indawo yesithathu nalapha bezogijimisana nezwe laseSenegal nelingosokhaya elishaywe kabuhlungu yi Nigeria ngo1-0 komunye umdlalo owandulela owamanqamu khona izolo ntambama. Kulindeleke lomdlalo ube ngowamagqubu kwazise lamazwe azobe edibana okwesibili kulomqhudelwano walonyaka njengoba kwaba yiwona avula lomqhudelwano nosekungumlando ukuthi kwanqoba iSenegal ngo 3-1.

Sunday, December 6, 2015

sekuphinde kwagadla ukufa Emzini wezinsizwa

Singakalaleli noqweqwe isilonda esivuleke kushona uRonald Mqwebu owayedlala indawo kaMkhize emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi kuseMzini wezinsizwa sekuphinde kwadlula olunye uqweqwe lomlingisi walomdlalo uMnu Shadreck Bhekinkosi Ngema owayedlalà indawo yenyanga eyayibizwa ngoMagubane.

UMadlokovu nowayengumsakazi webhola emsakazweni uKhozi fm udlule emhlabeni ngokusa kwanamuhla emva kokugula isikhashana. Imininingwane yokufihlwa nesikhumbuzo sakhe ibingakacaci.

UNgema uzokhumbuleka ngegalelo alibambile emidlalweni yemoya kwazise ubebuye adlale nakuyo imidlalo yomoya yomsakazo uKhozi fm.

Friday, December 4, 2015

Lisenethini - aseyibukà buqamama iRio amagluglu

Iqembu lakuleli labangaphansi kweminyaka engu 23 lizenzele umthwalo olula ngesikhathi libhaxabula iqembu lase Tunisia sekuvalwe amehlo ngegoli likaMenzi Masuku
Nelingene usiyophela umdlalo nelenze kwaba u1-0.

Lomphumela uthathe abafana Baka Owen Da Gama wayobathi qithi kumdlalo eyandulela eyamanqamu kwazise alale endaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha kwathi iSenegal yaqwakela ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwazise inqobe yonke imidlalo kuqoqo layo kulemidlalo ye CAF 8 Nations edlalelwa kwelaseSenegal.

Amagluglu azodlala nozoba sesicongweni seqowo lesibili nokuzothi amazwe amathathu azosala kulemidlalo alibangise eBrazil kuma Olympics ngonyaka ozayo.

Tuesday, December 1, 2015

Current Location,Clouds and sun,17°~28°Humidity:48%,Wind Speed:3.1m/s,UV:Moderate http://goo.gl/IgxjJu

lisenethini - Azibeke ethubeni elingcono ama glug glug

Sihalalisela iqembu lase Mzansi labaneminyaka engaphansi kuka 23 emqhudelwaneni we CAF U23 AFCON 2015 ngokuguqisa iqembu lase lase Zambia ngamagoli ama 3 kwamabili. Lamagoli ashaywe Masuku no Motupa amabili kwathi aweZambia wona ashaywa uLuchanga no Katema. Lokhu kubeka ezaseMzansi ethubeni lokuqhubekela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano. Uma nje bezowina futhi emdlalweni olandelayo

lisenethini - Azibeke ethubeni elingcono ama glug glug

Sihalalisela iqembu lase Mzansi labaneminyaka engaphansi kuka 23 emqhudelwaneni we CAF U23 AFCON 2015 ngokuguqisa iqembu lase lase Zambia ngamagoli ama 3 kwamabili. Lamagoli ashaywe Masuku no Motupa amabili kwathi aweZambia wona ashaywa uLuchanga no Katema. Lokhu kubeka ezaseMzansi ethubeni lokuqhubekela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano. Uma nje bezowina futhi emdlalweni olandelayo

Umdlalo olandelayo uzodlala mhla zingu 4 December neqembu lase Tunisia


NPG News

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...