Monday, November 30, 2015

Owavundulula ikhono likaDeco uthi uzobe engcwaba kwasani kuFaya Soccer Challenge

UMnuz Kaizer Dladla ongumsunguli weqembu leCitizen nelaziwa ngokuvundulula ikhono kubadlali abaningi abagijima Ku PSL Baku NFD uthi uzobe engazele kusinisa amahleza kumqhudelwano obizwa ngeFaya Soccer Challenge nowasungulwa nguMnu Lindelihle Faya Zikalala nobuye abe kuthimba le NPG newsblog.

Lomqhudelwano ozobe udlalelwa endaweni yaseQwasha okuyindawo esezinzulwini zendawo yaseMahlabathini ngaphansi kwesigceme seshumi nesikhombisa phecelezi ward 17 neliphethwe ngukhansela uJomo Ngema nobekhona ngesikhathi kuqhathwa lamaqembu.

UKaizer uthe usewumbile umgodi wokugcwaba iqembu lokuqala adonswe nalo okuyi Young Stars nalapho ethembise Khona ukuthi uzobe ephethe izinti zokuvungula kwazise uzobe ezidlela nje kukho konke azobe edibana nakho.

UmfokaMgabadeli ubekhuluma ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayishumbi nesithupha esikoleni kwaNomzimane ngesonto lomhlaka 29 kuLwezi.

Lomqhudelwano ozungeza izindawo kwazise uke wabanjelwa egoli kanjalo nasoPhongolo kulindeleke ukuba ushise kusukela uqala ngomhlaka 12 kuZibandlela uze uyophethwa ngomhlaka 19 kuye uZibandlela.

Asewonke amaqembu aqhathwe kanje ngokwamabhodwe omkhumalajezi.

Pot A

Chelsea vs Green Mamba,
Young Chiefs vs Star Action
Young Stars vs Citizen,
Mphothi Rovers vs Democracy.

Pot B

All Blacks vs AmaRok
Talented vs Mbudle City
FC Barcelona vs Form Five
PK Stars vs Cosmos.

Lomqhudelwano uyayikazela yimiklomelo econsisa amathe kubadlali nakanjalo kubalandeli. Ngeke igcine enkundleni kuphela kodwa izobuye ilule isandla nasemphakathini.

URonaldo ujamelene nabeBarcelona ku Ballon D 'or yakulonyaka

Umdlali we Real Madrid nothathwa njengomunye
ophambili emhlabeni uChristian Ronaldo uzodlana imilala nezinsizwa ezimbili ezigijima eqenjini eliyizimbangi ezinkulu zeMadrid okuyiBarcelona.

URonaldo uzoncintisana noLionel Messi kanjalo no Neymar emncintiswaneni womdlali ovelele emhlabeni phecelezi Balloon D 'Or. Lomklomelo olokhu ushintsha izandla zabadlali ababili okungu Ronaldo noMessi kulindeleke ukuba kubonakale ukuthi kube ubani inkunzi kulonyaka kwazise uMessi usize iqembu lakhe leBacerlona ladla isicoco se Champions league ngeseason edlule ebambisane noNeymar.

Okuqaphelekayo kubona bobabthathu bahluleke bancama ukusiza amaqembu about esizwe ukuba awine I world cup ebidlalelwa eBrazil ngonyaka ofile.

Sunday, November 29, 2015

Lisenethini ne NPG newsblog

Sibheka umdlalo we Orlando Pirates ne Etoille du Sahel okuyi Final ye Confederations cup onamuhla eTunisia,

Ibhakaniya lingakwazi ukuwina uma lizoba nomqondo wokuthi indlela yokuvimba izitha ukuzihlasela.

Asikho isidingo sokudlalela emumva ngoba into edingekayo ukushaya amagoli.


Ukubuyekeza umdlalo

Sihalalisela iqembu lakuleli iOrlando Pirates ngokudlala ize ifike kowamanqamu. Naningi amaqembu asale endleleni kubalwa namanye okungasiwo awase Mzansi. Siphinde sihalalisele iqembu lase Tunisia ngokuhlabana ngendondo yeGolide kulo owe CAF,

Saturday, November 28, 2015

Ukudla koMphefumulo no Mphostoli uMandla Masango

Phakamisa uJesu konke kuzolunga

UJesu uthi encwadini Ku- John 3:14 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
15 ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.                        

La uJesu usikhombisa isixazululo esikhona kulo lelizwe esiphila kulo nakuzo zonke izimo esidibana nazo imihla ngemihla. Isixazululo nje kukho konke ukuthi siphakamise uJesu ngaphezu kwezimo esibhekene nazo. uNkulunkulu wanikeza uMose amandla okukhipha u-Israel eGibhithe ebase eKhenani, kodwa indlela yokuya eKhenani yayidlula ehlane elibi ngoba lalinezinyoka ezinesihlungu. Abanye bafela endleleni ngenxa yokulunywa yizinyoka. UNkulunkulu wathi mayekubona lokho wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; ukuze kuthi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wosinda. (Bona Ku-Numbers 21:8-9).

UJesu uziveza njengenyoka yethusi naye kulesisikhathi esiphila kuso. Okushukuthi noma ngabe yini ekuphazamisayo noma ekuhluphayo empilweni yakho, phakamisela amehlo akho kuJesu, zonke izimo azizukuba namadla phezu kwakho. Nokufa akunamandla uma uphakamisela amehlo akho kuJesu futhi ubeka ithemba lakho kuye. Beka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo ukuze kube nempumelelo. Akukho okungakwehlula uma ubeka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo. Noma ngabe abantu bathi Akwenzeki kodwa wena kumele wazi ukuthi, "Okungenzeki ngokwabantu, kuNkulunkulu kuyenzeka" (Bona Ku-Luke 18:27).
Empeleni kuya ngokuthi wena uphakamise ubani. Uma uphakamise izinkinga obhekene nazo esikhundleni sokuba uphakamise uJesu, izinkinga zizoba namandla okuba zihlale zikhona. Phakamisa uJesu, konke okumelene nawe kuzothoba. Nguwena kuphela ophethe ukhiye wayo yonke iminyango okumele uyingene empilweni. UJesu uthi kuwe namuhla, 'Njengalokhu uMose aphakamisa inyoka ehlane, kanjalo umele ukuba umphakamise naye'. Phakamisa yena konke kuzolunga, Amen!

Thursday, November 26, 2015

Sinethulela umhlaziyi wezemidlalo uMelusi Malinga ohlelweni esilubiza ngokuthi Lisethini ne NPG newsblog

Ohlweleni olusha nesilubiza ngokuthi "Lisenethini ne NPG newsblog" sinethulela umhlaziyi webhola likanobhutshuzwayo uMelusi Malinga.
Ngabe ungubani uMelusi
Lensizwa engu igama layo lempela nguMelusi Malinga wasendaweni yakwaShoba oPongolo, yaqala ukudlala ibhola njengonozinti eqembini elibizwa ngePongola Black Tigers ngonyaka ka 1997. Nokwathi nginyaka ka 1999 kuya ku2001 yaba seqenjini elalimela yPhongoli kumiqhudelwano ehlukahlukene kugakwa neyakwaNaloga.
Nokwathi ngonyaka ka 2004 kuya Ku 2005 yayiseqenjini le Lamontville Golden Arrows ingunozinti eqenjini lesibili labafana besithende phecelezi Reserve team.
Thokozela lensizwa njalo ngolwesihlanu nangomsombuluko lapha izobe ihlaziya iphinde ibuyekeze imidlalo ezobe idlalwa oPhongolo, ezweni lonke kanjalo nasemhlabeni wonke jikelele
Halakashaaaa lisenethini ne NPG newsblog

Thola ezobumnandi zaseMpumalanga namaPhethelo no Dj Sbali ku gig with us

INPG Newsblog inethulela umethuli wengosi ebizwa nge Gig guard in Mpumalanga ezobe ithulwa ngu Andrew Mathebula odume ngo Dj Sbali.

Ngabe ungubani uDj Sbali
Insizwa yaseyase Nelpruit eMpumalanga Province inguDj, unhleli wemicimbi, unenkampani yokuwopha umculo ebizwa nge Sbali Records bese iba ngumethuli wemicimbi yobumnandi kuma Radio Stations amaningi eMpumalanga Province.

Welcome Sbali let the party begin!!!!!!!!!!!

Tuesday, November 24, 2015

Usinde ngokulambisa uMatoho ebanjwa inkunzi

Imibiko ye phephandaba lezemidlalo ikick off likhiphe imibiko ethi lowo ongumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana usinde ngokulambisa ngesikhathi imigulukudu emithathu ivele yaqhamuka yamkhomba ngesibhamu ngesikhathi ehamba elokishini lase Atteridgeville ePitoli.

UMatoho ubehamba nodadewabo nomfowabo. Nakuba ithathiwe imoto yakhe nezinye izimpahla ibuye yatholakala imoto.

Monday, November 23, 2015

Liphinde lagixabezwa ngenye ingqayizivele yethuba iTheku

Idolobha laseThekwini liphinde lazithola selihleka lodwa ngesikhathi isigungu esingamele ibhola kuleli okuyi PSL simemezela ukuthi umdlalo wamanqamu we Telkom Knockout uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium.

Lomdlalo ozodlalwa iKaizer Chiefs ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka 16 kuzibandlela nalapho amehlo ayobe ethe njo kubafana bezambane likaMpondo okuyiSundowns ebukeka idlala kahle kulezinsuku kanti ngakolunye uhlangothi iKaizer Chiefs ibukeka ibuthakathaka kwazise izinto aziyizeli kahle njengoba ishisa ibuye ibande.

Kanti akukapheli maseko abafana basePhefeni bashaywa izingane zase Kapa kowamanqamu eMTN 8.


Sisekuzo ezithinta ibhola usule isigubhukane umqeqeshi we Bloemfontein Celtic uMnu Clinton Larsen, lomqeqeshi obesekhuza ibuya kuMaselesele usule namuhla imininingwane egcwele ngokusulankwakhe ibingakatholakali.

U Wayde van Niekerk uwole emqoka kuma SA Awards

Isthandwa sabalandeli bezokusubatha eMzansi uWayde van Niekerk uwole yonke imiklomelo ebithathwa njengemikhulu izolo ebusuku eSand due Plessis Theatre eMangaung kwelase Free State.

Lensizwa eneminyaka engu 23 ibiqokwe emkhakheni emithathu okungowe Sports stars of the year, Sportsman of the year kanye nomunxa omusha obizwa nge Sport star of the year nakhale wemuka NATO yonke umfoka van Niekerk.

Lensizwa izizuzele izimoto ezimbili zakwa Mercedise Benz n nesizumbulu semali elinganiselwa kusigidi samaRandi nazothatha isigamu sawo bese enye ingxenye anikele ngayo esikhungweni esithandwa nguye.

Friday, November 13, 2015

Ibafana bafana ethubeni elingcono emidlalweni yokuhlungela iWorld cup

Iqembu lesizwe iBafana Bafana izehlisele umthwalo wokungena emidlalweni yamaqoqo okuhlungela I world cup nalapha izodlala namaqembu amane ezobe iqhathwe nawo.

Abafana bakaMashaba bashaye kabuhlungu izwe lase Angola NGO 3-1 emdlalweni obudlalelwa ezweni lase Angola nalapha amagoli eshaywe uThamsanqa Gabuza, Rantie no Andile Jali nobuye wathola ikhadi elibomvu
Umlenze wesibili ungolwesibili eMoses Mabhida Stadium nalapho kumele iAngola ishaye amagoli amathathu kwelingekho mayifuna ukuyongena kweyamaqoqo neyindlela ebheke eRussia NGO 2018.

UTokyo kwabahlanu abazoqokelwa esobungameli beFIFA

Isiqumama salaphabeNingizimu Africa uMnu Tokyo Sexwale ube kwabahlanu abasele abazoqhudelana esikhundleni sokuba umongameli wenhlangano ephethe ibhola emhlabeni wonke jikelele iFIFA.

Lesikhundla sivuleke emva kokusula kwalowo obengumongameli uMnu Sepp Blatter nosaphenywa ngamacala enkohlakalo ebikwayo ukuthi idla lubi kulenhlangano njengoba ziziningi izikhulu eseziboshiwe ngamacala okugwazisa.

Lolukhetho luzobanjwa ngonhlolanja wangonyaka ozayo. USexwale uzobe eqhudelana nabanye abane

Sunday, November 8, 2015

UZikalala ungusihlalo omusha kakhongolose eKZN

Inhlangano ye African National Congress esifundazweninsakwaZulu Natal ikhethe uMnuzane Sihle Zikalala ukuba abe nguSihlalo walesifundazwe esithathwa njengesiyinsika kakhongolose noyiqembu elibusayo ezweni. UMfoka Khuze ubebangisana nobengusihlalo uMnuz Senzo Mchunu nongundunankulu wesifundazwe.  Ngehlandla eledlule uMnu Zikalala ubengunobhala wesifundazwe.

Lengqungquthela eqale ngolwesihlanu eMphithi (Pietermaritzburg) iphothulwe izolo ebusuku nalapha Zonke izikhundla zobuholi besifundazwe zihambe kanje.

USihlalo : Sihle Zikalala
Usekela shlalo : Willies Mchunu
Unobhala : Super Zuma
Sekela nobhala: Mluleki Ndobe
Umgcinimafa : Nomsa Dube-Ncube

Saturday, November 7, 2015

Ubekwe kweyokugcina uNgwenyabeyidonsa

UBekiwe endlini yakhe yokugcina uMzikayifani 'Ngwenyabeyidonsa' Ngwenya odlule emhlabeni ngeviki eledlule emva kokugula.

Lensizwa ebizakhele olukhulu udumo ngokuhlala izwakala emsakazweni nakwezinye izindawo lapho kuxhunywana Khona ifihlwe ekhaya kubo kwaShoba oPongolo namuhla.

Ageze igama Amakhosi ehlula eZimnyama

Iqembu leKaizer Chiefs lilwe kwaze kwaba sekugcineni emdlalweni we Telkom Knockout nalapho belibhekene Khona me Orlando Pirates eFnb Stadium egoli.

Lomdlalo obundulelwe ukuklolodelana okuningi obekuvela kualandeli balamaqembu kwazise ezimnyama zabukisa ngamakhosi ngempelasonto edlule emdlalweni weligi.

Àmakhosi anqobe NGO 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi kwazise umdlalo uphele ngo 0-0 emizuzwini engu 120 edlaliwe. Kulomdlalo kugqame unozinti we Kaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo obevimba kwasani okuza ngakuye nokuholele ekutheni aqokwe njengomdlali ovelele kulomdlalo.

Ngalomphumela Amakhosi aselinde ozonqoba namuhla ebusuku phakathi kwe Mamelodi Sundowns me Supersport United nalapha oyonqoba useyodibana namakhosi emdlalweni wamanqamu.

Thursday, November 5, 2015

Kukhonozolahla ngempelasonto kweye Telkom Knockout

Liuothi lishona elakusasa kukhona abayobe bekhala abanye bayoba bejabule, indaba enkulu nexoxwayo kuzozonke izindawo lapha kuhlangene Khona abathandi bebhola imidlalo emibili emikhulukazi ebholezi lasemzansi

Lemidlalo yomkhumulajezi owokuqala ukusasa phakathi kwe Orlando Pirates neKaizer chiefs, uMbhashomnyama uhambela phezulu kulezinsuku kwazise ngempelasonto eyedlule wayishaya waze wayibeka umunwe esweni ikaizer Chiefs NGO 3-1 emdlalweni weligi. Lusasa kuzobonakala ukuthi azoqhubeka yini amabhakaniya nokunika Amakhosi amagofo.

Umdlalo wesibili ukhona kusasa ebusuku phakathi kwezinkunzi sasePitoli okuyiMamelodi Sundowns ne Supersport United. Nakuwo lomdlalo kulindeleke ukuthi kuqhashe izinhlansi kwazise womabili lamaqembu afuna ukutshengisa ukuthi ngubani inkunzi yasePitoli.

Abazonqoba kulemidlalo sebeyodibana emdlalweni wamanqamu nokuyomenyezelwa Khona kusasa emva kosePitoli umdlalo.

Tuesday, November 3, 2015

Iyolala ibonene kowe Arrows naMakhosi

Kulindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaiser Chiefs neGolden Arrows namuhla ebusuku emdlalweni we ligi.

Kulomdlalo kulindeleke ukuthi kubonakale amacebo amasha azosentshenziswa ngumqeqeshi we Kaizer Chiefs uMbuyiselo Steve Kompela kwazise amaqhinga ayewaphethe ngempelasonto awamsebenzelanga njengoba washaywa waze wenaba eshaywa I Orlando Pirates emdlalweni weligi.

Ngakolunye uhlangothi abafana besithende bezanokukhulu ukuzethemba kwasize batalabhe wona amabhakaniya evikini eledlule nalapha kwakubhilide Khona umdlalo obolekiswe yiwona amabhakaniya Ku Arrows u Shitolo.

Sunday, November 1, 2015

ayisekho ingwenyabeyidonsa oPongolo

ingwenyabeyidonsa oPongolo" Lana ngamazwi abevame ukuzwakala kuzozonke izinhlelo lapha kuvulelwe abalaleli ukuba baphawule oKhozini Fm.

Insizwa ebidume ngeleNgwenyabeyidonsa oPongolo nogama layout langempela Ngumuzikayifani Ngwenya ayisekho emhlabeni indlule ezintatha namhlanje ngesonto. Lezindaba ziqinisekiswe nguMnu Mbongwa Simelane nothe "yiqiniso impela akasekho umfethu usishiye namuhla ekuseni ngezithuba zehora lesine ekuseni, ngiye ngafika khona ekhaya kwaNgwenya ngiyodelisa inhliziyo, ukufa kuyinuku ngoba lezinsizwa zakwaNgwenya zifana nabafowethu Mimi" kuphetha uMbongwa nodume ngoMbongwa Simelane OPongolo naye ongomunye wezilomo ezipjawulayo oKhozini FM kanjalo nakuyo iNPG Newsblog.

Abaningi bazomkhumbula uNgwenyabeyidonsa ngesikhathi isaqala iNPG Newsblog evame ukuphawula kakhulu isekuFacebook kuphela

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...