Friday, November 27, 2020

Kuzobe kudedelwa owakudala e FATS


Umhleli wemicimbi yobumnandi uDJ Histo nobuye abe ngu DJ uqhamuke neqhinga lokukhumbuza ukuthi ngaphambi kokufika kwe Gqomu, IDurban Kwaito namapiano kwakudlalwa ikwaito.

Lomcimbi obizwa ngokuthi yi Old School Music Festival  nalapha athe inhloso yawo ukuthi ngikhumbuze abantu lasibuya khona ngomculo wakudala, nokujabulisa abantu abawuthandayo lomculo.

Lomcimbi uzobe use Ncotshane namuhla nozoqala ngo 6 ntambama endaweni yobumnandi ebizwa ngokuthi Fats Leisure House kungenwa ngo R50 emnyango. Kuzobe kuboshelwe osondonzima bo DJ basophongolo singabala yena u Histo,Fannie, Ashora,Dambai, Mr P LYFV, Lucky Boeteng kanye no Blaq Venomous.

Uphinde waqokwa kweyomhlaba u Hlompho


 Umdlali nongumholi weqembu le Mamelodi Sundowns u Hompho 'Bra Hlompho' Kekana uqokwe kumklomelwane obizwa ngokuthi Best Fifa Awards nalapha engene kumunxa obizwa ngokuthi i Puskas Award nokusuka kukhethwa khona igoli elibe lihle kunawonke.


Lenkunzi emavava yakwa Kekana neyikazelayo izindodo zeligi nezemikhumula jezi ayiqali ukuya kulemiklomelo njengoba nango 2016 yayakulemiklomelo ngonyazi lwegoli eyalishayela iBafana Bafana idlala ne Cameroon. Kulonyaka u Bra Hlompo uqokwe ngegoli lakhe elaba yinguzunga yeshodi bebhekene neqembu le Cape town City koweligi ngesizini edlule.


Lomklomelo we Puskas usuvamile ukuthi ube nimele izwe lase South Africa kwazise no Sphiwe Tshabalala wake waya kuwo ngegoli lakhe alishaya ngo 2010 kundebe yomhlaba elakuleli libhene ne Mexico. Kwaphinda u Oscarine Masuluke nongunozinti weBaroka FC wamenywa futhi ngegoli lakhe leqethuka alishaya bebhekene ne Orlando Pirates.

Monday, November 23, 2020

Usemisiwe yiFIFA uMongameli we CAF


UMongameli wenhlangano engamele ibhola jikelele ezwenikazi i Africa u Ahmad Ahmad usegwetshwe yinhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA iminyaka emihlanu engazibandakanyi nomdlalo webhola lezinyawo, uphucwe isikhundla sakhe sokuhola iCAF njengomongameli nesokuba isekela likaMongameli kuFIFA.

LoMongameli odabuka ezweni lase  Madagascar nobethathe izintambo zokuqhoqhobala lesikhundla ku Mnuzane Issa Hayatou wase Cameroon utholakale enamacala okungaphathi kahle ngakwezezimali nokusebenzisa isikhundla sakhe sokungamela budedengu nokwamukela izipho ngasese.

ICAF ibingakaphenduli ngalesigwebo saloMongameli nosikhundla sakhe sigaqelwe ngu Patric Motsepe kukhetho oluzayo gonyaka ozayo.

Akasekho emhlabeni u Anele Ngcongca


 Isiqonqwane somdlali wasemumva obedlalela iSundowns nobebolekiswe kuqembu laMazulu FC u Andile Ngcongca(33) udlulile mhlabeni emva kwengozi yemoto  eyenzeke ezintatha zanamuhla endaweni yase Fearbreeze kwaZulu Natal. Kubikwa ukuthi u Andile ubehamba nomunye owesifazane okubonwa ngokusa kuye esibhedlela.


UNgcongca nowake waba sematheni ngokuphumela obala ukuthi unobudlelwano bezothando no Mshoza naye odlule emhlabeni ngesonto eledlule, ulandele abanye abadlali abaningi kuleli abedlule emhlabeni ngezingozi zemoto njengabadlali abafana no Gift Leremi, Lesly Manyathela, Cecil Lolo, Nado Matola nabanye abaningi.


UNgcongca odabuka eCape town waqala ukudlala ibholeqenjini lika Quinton Fortune i FC Fortune eyayidlala isigabeni esingaphansi kuleli ngaphambi kokuthi eyozakhela igama emaqenjini ase Europe ikakhulukazi eBelgium ku Gent naku Troyes yase France. Ugijimile eqenjini lesizwe iBafana Bafana amahlandla 53, wayekhona elakuleli lidlala ku Confederation Cup ngo 2009 wabuya wabakhona ngesikhathi elakuleli liqopha umlando wokuba yizwe lokuqala lasezwenikazi i Africa ukusingatha imidlalo yendebe yomhlaba

Ijazi ligcwale umoya kuTinkler


IMarizburg united isiqome ukudedele u Eric Tinkler nobengumqeqeshi wayo emva kokuphikwa yimiphumela selokhu kuqale lesizini. U Tinkler nowayeyibamba eswini kuBafana Bafana ulandela u Kerr okhonjwe indlela yiBaroka nobuye waqashwa yi Black Leopard kwathi u Patrick Aussems obeku Leopard wakhonjwa afika ngayo.

Thursday, November 19, 2020

Unethemba lokuphinda akhonye kumiklomeko yaso Pongolo


U Mculi nobuye ahlanganise umsindo u Andile Ntshangase niwaziwa ngelika DJ Ashora kwezikaqedisizungu endaweni yasoPhongolo unethemba lokuthi nakulonyaka uzophinda anqobe kumiklomelo ebizwa ngokuthi Pongola Community awards naqale ngonyaka ofile.

Lensizwa eke yasebenza neqembu lase Goli elibizwa ngeSoulful Sound kulonyaka iqokelwe kumkhakha we Most influential male ngengoma yakhe ethi push through ayicule ngokuhlanganyela ni Sphe beno Qandachofoka.

Akasekho emhlabeni uMshoza


Kukhalwanxazonke kwezikaqedisizungu ngokudlula emhlabeni kuka Nomasonti Maswanganyi (37) nobedume ngelika Mshoza embonini yezomculo. Lentokazi eyaduma ngenoni elalithi 'Kortes' idlule emhlabeni ngokusa kwanamuhla (Ngolwesine) esibhedlela esibizw nge Eastrand nesisegoli.

Lentokazi eyake yasusa igidigidi ngokuzishintsha isikhumba ishiye emhlabeni abantwana bayo ababili.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...