Sunday, April 9, 2017

Earthquake hits Pongola

Reports streamed in from across north of KwaZulu-Natal that another earth tremor on Sunday in uPhongolo.

uPhongolo was affected by the tremor – which lasted a few seconds and five seconds in Ncotshane township and other places at around 8:56pm.

The last time uPhongola was hit by 4.70 Magnitude mb earthquake was in March, 1982 which covered a distance of 10km. Before that, there had another one in 1970 for 3.70 magnitude mb. While there are no accident reportedly but many have taken to social media to express their experience.

Saturday, April 1, 2017

Inkantolo ivune ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ezweni

Lithe lishona elayizolo bekunuka igudu ezweni emva kwesimemezelo esenziwe inkantolo enkulu yezwe sokuvuna ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ngenkululeko kuleli.

Izolo kumenyezelwe ukuthi abantu sebengazishukela igudu emakhaya ayi ezindaweni ezivulelekile.

Iphinde yadliwa izembe iMoroka Swallows

Kube nomuzwa obuhlungu kubathandi bebhola ikakhulukazi beqembu elithathwa njengelidala eNingizimu Africa iMoroka Swallows emva kokudliwa izembe kusigaba esibizwa nge ABC Motsepe league nebiyaziwa ngokuthi ivodacom nokuyisigaba esiphakela isigaba esibizwa nge First Division.

Izinyoni zishaywe NGO 2-1 yi Vaal Processional nokuyiqembu elake lalunguza Ku PSL. Lomphumela ubeke izinyoni esigabeni sama amesha esibizwa nge SAB league. Kumasizini amathathu leliqembu selidliwe kathathu yizembe ezigabeni ezahlukene ngokulandelana.

Akubonakali kuzothusa ukugica leliqembu lase Soweto ligijima ezitekini ezibekwa ngamaholidi ogudi nawokhisimuzi kwazise vele umthetho uzobe ulivumela.

Sunday, March 19, 2017

Sekuphinde kwagadla ukufa embonini yezokuncebeleka ngo Joe 'Sdumo' Mafela

Sesiphinde sagubezelwa ifu elimnyama isizwe ikakhulukazi embonini yezokuncebeleka emva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni yenye yezinqalabutho zokulingisa uMnuzane Joe Mafela nobedume ngelika Sdumo.

UMafela udlule izolo ebusuku engozini yomgwaqo ebandakanya imoto yakhe eyi Ford Kuga neveni okuthiwa zishayisene nokuphethe ngokuthi athule Khona lapho uSdumo.

Lengwazi yaziwa kakhulu ngemidlalo efana no Sgudinace, Khululeka kanjalo me Generations, the legacy nalapha abedlala Khona.

Saturday, March 11, 2017

Bekuwusizi lodwa kungcwatshwa izingane ezimbili ezimize ewela.


Nakuba kade kuwusizi emindenini embili yaseWela emuva kwesigameko sokushona kwezingane ezimbili eziminze emfuleni okuyona le ndawo kodwa zigcine zingcwatshiwe ngemizamo yolekelelo lukaMaspala waSolundi izolo

Umkhandlu osoLundi izolo uhambele endaweni eseWela ngaphansi kuka ward 8 oLundi njengoba kade kungcwatshwa abafana ababili abamize bedlala emfuleni.

Lesisigameko sifaka phakathi umndeni wakwa Zondi nowakwa Makhoba. Kanti izisulu zineminyaka ewu 13 newu 14 ubudala.

Umeya womkhandlu wasoLundi wedkulisele amazwi enduduzo emindenini emibili elahlekelwe,wave esenxusa abazali ukuba baqaphele izingane zingadlaleli emifuleni nasemadanyini.

Ligcine limila ikluma leMpande yothando lokubhala kumbhali wezincwadi

Usezincinze kwaze kwaphuma igazi umbhali wezincwadi ngenxa yokuthi akakholwa ukuthi ngabe iphupho lakhe lokushicilela incwadi lifezekile

uMnuz Thulani kaPhumuza Seme nongowokudabuka kwaNongoma namanje akakholwa ukuthi ligcine lifezeka iphupho lakhe lokuba ngumbhali njengoba isiqalile itholakala ezitolo incwadi yakhe ebizwa ngokuthi Impande yothando nosekunesikhathi eside ezama ukunxenxa abashicileli ukuba bamshicilelele yona nokuphethe ngokuthi aqhume ephaketheni azishicelelele yona.

Lencwandi ayichaze njengencwadi equkethe ukuxwayisa nokugqugquzela abantu abasha kanjalo nezamabhizinizi kubantu besifazane ibivame ukuzwakala emsakazweni iNongoma FM nalapha ayifunda bukhoma njalo ngamasonto emini.

Nakuba kuyincwadi yakhe yokuqala Lena kepha uzibona engeke esasuka kulomgudu wezokubhala kwazise ubona kuyicebo likajehova ukumhambisa kuyo njengoba engafisi ukugcina ngokubhala izincwadi kepha ufisa nokugcina ebhala imidlalo kamabonakude eyofika ezingeni lomdlalo owawubizwa ngokuthi iTsotsi nowanqoba indondo phesheya kwezilwandle.

Kulabo abafisa ukuzitholela lencwadi ebiza ikhulu namashumi amahlanu ompondo (R150) bangayithola eThekwini e Adams Booksellers Ku Dr Pixley ka Seme Street (West Street) kanjalo nasesitolo sakwa Boxer Punch kwaNongoma kanti kwabangekho eduze kwalezindawo bengamthinta kumakhalekhukhwini kunazi izinhlamvuzokubala 0715202387.

Thursday, March 9, 2017

Kubuyiselwe emphakathini ezase Mpangeni enyakatho ye kwa Zulu Natal


Uthi uzoqhubeka nokubuyisela emphakathini ohlwempu uMnuz Sihle Cheese Boy Mthembu ongumsakazi emsakazweni womphakathi iZululand FM njengoba eqhuba uhlelo olubizwa nge" Dress A child Campaign Uthi lokhu kuwukubuyisela emphakathini oweswele.
uMthembu uhambele endaweni yakwesakwa Mthethwa ezikoleni ezahlukene, lokhu bekufaka phakathi isikole samabanga aphansi iMbabe Primary school kanye nesikole samabanga aphakeme uYengo High Scool. Nokuyilapho anikelele khina ngomfaniswano kubafundi abahlwempu. uCheese Boy wenza loluhlelo lokubuyusela emphakathini nje ubengahambi yedwa njengoba kade ebonakala ephelezelwa osomabhizinisi abehlukene. UMthembu ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi lolu uhlelo akade afisa ukulwenza njengoba eqale lapho akhulela khona. Kanti konke lokhu Uthi ukwenze ngenhloso yojugqugquzela nakwabanye esebepbumelele ukuthi bengakhohlwa ukukhumbula lapho bekhulele khona. uCheese Boy ubonge bonke ababambe iqhaza nokwenza loluhlelo lube impumelelo.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...