Wednesday, August 31, 2016

Udle ubhedu oweNongoma Fm kowama young achievers awards

 umklomelo omkhulu wokuba ngumsakazi ovelele phecelezi Best Radio Presenter kuma Young Achievers award nabebanjelwe eThekwini ngempelasono. namanje  usalokhu ezincinza ngenxa yokuthi akakholwa uMnu Chris Ndamase ongumsakazi wosakazo okhula ngesivinini iNongoma FM.

Lensizwa esencane nedabuka eMondlo ikhuluma ne NPG newsblog ithe "kuyangijabulisa kakhulu ukuqokwa njengomsakazi ovelele namanje angikholwa, ngijabule kakhulu ngoba ukusakaza ngikhule ngiyithanda neyiphupho lami".

Umfoka Ndamase nosakaza uhlelo lwasekuseni ubonge wanconcoza kuMphthisteshi uMntwana Sbo Zulu namchaze ngokuthi uyena muntu angasoze amkhohlwe empilweni yakho ngomnika ithuba lokusakaza.

Kubukeka eya kude ngokuba ngemumva kombobho njengob ethi isifiso sakh ukugcin esakaze emisakazweni engenisa inzuzo ngelinye ilanga.







Sunday, August 28, 2016

Kudlule omunye wabasakazi ababamba iqhaza kumsakazo iMaputaland

Lowo owayesakaza uhlelo lwezingoma zamzukwana u Nkosazana Thembeka Mafuleka nowayedume ngelika Evwrsmiling udlule emhlabeni emva kokugula iaikhathi eside.

Lentokazi ebalwa nabanye bezinsika zalomsakazo wasenyakatho nekwaZulu Natal yazeyathatha izinqumo sokuyeka ukusakaza ngenxa yakho ukugula lokhu okugcinw kuyihambise koyise mkhulu.

Saturday, August 27, 2016

Ukudla komphefumulo no Apostle BM Buthelezi Zoe Christuan Fellowship International

U-ISAYA 40:29-31 Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.

UNkulunkulu akanayo inkinga ngokuphendula imikhuleko yethu kodwa unenkinga ngabantu abangakwazi ukulinda. Miningi imikhuleko osuyikhulekile kodwa kubonakala kuhamba isikhathi. Ungakhathazeki.
 Linda kuJehova. Abanye impendulo yabo ifika sebesukile endaweni abebekindele kuyo. Ungasuki endaweni yakho isicelo sakho siyalungiswa.

Ne orlando Pirates ilale isiliwashile ijezi kowe MTN8

Kungakapheli namahora angemangaki kuphume iKaizer Chiefs ne Platnum Stars emqhudelwaneni we MTN 8 ne Orlando Pirates nayo ibalandelile yayofola lakuwashwa khona amajezi.

Ezimnyama zibhabhadiswe iBidvest Wits ngo 2-1 izolo ebusuku. Sekulindeleke iqembu elilodwa elizodlala kowandulela amanqamu kwazise iWits, Chippa ne Cape town city sebezibekele indawo kweyandulela owamanqamu alomqhudelwano onesigidi sika 8million.

Namuhla kuzodudulana iSundowns ne Supersports United ePitoli ngehora lesithupha.

IPlatnum Stars nansiya iklele neChiefs endishini yokuwasha ijezi

Ngesikhathi isathi ithatha isigezugezu sensipho ikaizer Chiefs iwasha ijezi emdlalweni we MTN 8 kwazise iphume kusaphuma ilwezi kumqhudelwano ikhishwa iqembu elisasekwa ngendishi ukuze lihlale i Cape Town City ngo 1-0 izolo ebusuku kubonakale iPlatnum stars izofaka isinqe kuklele oluwashiswe amajezi alomqhudelwano onesizumbulu sika 8million kowunqobile.

IDikwena nokuyisiteketiso sePlatnum stars ikhishwe i Chippa united ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium nokuyinkundla yalliqembu lasebukhosini babafokeng.
Amagoli avulele iPlatnm stars okleleni lwendishinyejezi ashaywe ngu Rhulani Manzini no Menzi Masuku ochithwe i Orlando Pirates

Friday, August 26, 2016

Umkhankaso wokuqwashisa ngama yellow bone

Umnyango wezempilo oholwa ngu Dokotela u Sbongiseni Dlomo uzohola imashi ewumkhankaso oqwashisa ngomkhub ongenisile ezweni kubantu besifazane nabesilisa okukhanyisa isikhumba. Lemashi izoba namuhla eThekwini.

Lomkhuba osuwandile ezweni kubikwa ukuthi usuza ukapakela nasezinganeni ezincane ukusebenzisa leziphaquli okubikwa ukuthi zinobungozi obuningi obungaholela ekutheni umuntu ahlaselwe izifo ezifana nomdlavuza wesikhumba

Thursday, August 25, 2016

Kuphakanyiswe elesibhuda futhi kwesokuvikela umphakathi

Kubukeka uzophinda uphathwe ngowesimame umnyango wezokuvikela kuleli ngesikhathi ithimba lamaqembu ezepolitiki elitshutshwe ukuba lipheke ngemibuzo abangenele inhlolokhono yalesikhundla esiwumgogodla wezwe bephakamisa igama lika Mmeli wesifazane u Busisiwe Mkhwebana ukuba kube nguyena ozongena ezichathulweni zikammeli uThuli Madonsela ozoshiya ngo November nonyaka.

Igama lika Mmeli umaMkhwebana kulindeleke ukuba liyonikwa uMongameli wezwe nokuyoba nguye oshoyo ukuthi ukuyamqoka noma cha.

Nakuba kusalindelwe uMongameli ukuba aliphefumulele leligama lika Mmeli ukaMkhwebana kodwa kubukeka vele kungekho okungavimba ukuqokwa kwakhe.

Kancane nje ngo Mmeli uBusisiwe Mkhwebana kumanje usebenza njengomqondisi ophikweni lwe Country Informatin and co-operative management emnyangwenibwezazekhaya noholwa ngu Mnuzane Malusi Gigaba kanti uke wasebenza njengenxula lakuleli ezeni laseChina kanjalo uke wasebenza emnywangeni wezangaphandle egxile ophikweni oluqondene nabangaphandle.






Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...