uMfundisi Bheki Sithole webandla le AFM church esifundazweni saseMpumalanga zimphelele izinsuku zokubizwa ngo Brother esontweni njengoba kuthe ngempelasonto esiphuma kuyo wabopha ifindo lomshado nesithandwa sakhe uNkosikazi Lerato Sithole umaMotshwenr ongowakhona eWitbank.
UMfu Sithole nobizwa phecelezi iJunior Pastor ebandleni ungowokuzalwa endaweni yakwaShoba oPhongolo kodwa usezinze eWitbank, lomshado obuyindumezulu ubuhanjelwe abantu abaningi bebandla kanjalo nabanyr abebephuma oPhongolo.
Lezithandani zibopha ifindo lomshado nje kuthe ngo April nonyaka kwaba nomthembiso nokwakudweba isithombe esicace bha ukuthi kungekudala kuzobe kuthiwa shanelani amabala zingane emzini wakwaSithole.
Tuesday, May 31, 2016
Kungahle kubonakale i Cape Town Spurs ku PSL ngesizini ezayo
Ukuqinisekiswa kwezindaba zokudayiswa kweqembu le Mpumalanga Black Aces ngabanikazi bayo kunyuse izinhloze kubathandi bebhola kwazise ebeseqalile ukuzwakala amahemuhembu okuthi lowo owayephethe iqrmbu le Ajax Cape Town u John Commits ufuna ukuthenga leliqembu ukuze ezovusa i Cape town Spurs.
Ngokwesitatimende esikhishwe ilabo abebengambanikazi be Aces okungumndeni wakwa Mourfor ukuqinisekisile ukuthi iqembu selidayiselwe lenkinsela yase Kapa lodumo. Kusazozwakala ukuthi kuzoqhubrka kanjani.

Isikole saseMlimisi singompetha bomncintiswane wakwaBuilt it
Iqembu lebhola lezinyawo labafanyana abafunda esikoleni sakwaShoba iMlimisi Primary School sibe ngompetha bomncintiswano wabangaphansi kweminyaka engu 13 obubekwe isitolo sezimpahla zokwakha sakwaBuilt it oPongolo.
Lomcintiswano obubanjelwe elokishini laseNcotshane ngempelasonto ubudlalelwa izikole zamabanga aphansi nogcine unqotshwa iMlimisi ngo 6-5 ishaya iSiyethemba sekukhahlelwa amaphenathi emva kokubambana ngo 0-0 emdlalweni.
iMlimisi izizuzele inkomishi nezikhwama umdlali nomdlali kanti futhi nomdlali wemncintiswano uphume kuso lesikole esiqeqeshwa uJacky Mavuso nobuye ebe nguthisha kulesikole esaziwa kakhulu ngokukhiqiza abantu abaningi abavelele emkhakheni eminingi ezweni.

Monday, May 30, 2016
Uwuqophe kabusha umlando we Comrades Marathon owakuleli
uDavid Gatebe ongumgijimi wamabanga amade uwubhale kabusha umlando kulomqhudelwano ngesikhathi ebeka isikhathi esingu 5:18:19 nokube isikhathi esisha esike sabekwa onqobe lomjaho obusuka ePitermarizburg uya eThekwini ngomgqibelo.
Lomgijimi odabuka kwelase North West ubegqiba ingqophamlando yesikhathi engu 5:20:21 eyabekwa ngu Rashiya u Leonid Shvetsov ngonyaka ka 2007.
uGatebe ubebonakala ewuthakasele lomqhudelwana ulandelwe ngu Ludwick Mamabolo nowake wawunqoba lomqhudelwano nobebonakala ezikhululekele ngoba uthe engaqeda ukushaya intambo washaya ingoma kanti no Gatebe uthe engaqeda washaya ama Push-up.
Sisekuwo lomqhudelwano obalwa neminye emikhulu emhlabeni kubese kuthi kwabesilisa kwaphuma u Bongumusa Mthembu endaweni yesithathu nowake waba ngumpetha ngonyaka ka 2014. Kanti kwabesifazane kunqobe owakuleli uNkszn Charne Bosman nodlule seziyela kumaliyede lowo onqobe ngonyaka ophelile u Nkszn Caroline Wotsmann nobesehlaselwa amajaqamba .

Saturday, May 28, 2016
Livuleke gengelezi isango lokuphuma u Tinkler kushaywa amabhakaniya kowe Nedbank Cup
Zizolala zibuhlungu zifutha bhe izinhliziyo zabathandi nabalandeli beqembu le Orlando Pirates ngesikhathi bebhaxabulwa kabahlungu iqembu le Supersports United ngo 3-2 emdlalweni wamanqamu we Nedbank cup.
Ezimnyama ngenkani ziphuthwe ithuba lokubuyela emidlalweni ye CAF Confederations cup ngonyaka obuyayo, lomphumela kubukeka uzolivula gengelezi isango lokuphuma komqeqeshi wezikamagebhula u Eric Tinkler olukhu ehlezi ngesinqa esisodwa kulesihlalo sokuqeqesha leliqembu lika baba u Irvin Khoza nelaba ngompetha be CAF Champions league ngo 1995.

sebeqalile ukufaka umsakazoi PCR kubantu
umsakazo osusemome ngokusho komphathi wayo uMnu Vincent Gwebu i Pongola Community Radio isiqalile ukuvakashela izindawo zomphakathi ezifana nezikole kanjalo namasonto.
lomsakazo osekunesikhathi eside ubikezelwa ukuthi uzovulwa uphinde wakuqinisekisa uMnu Gwebu ukuthi kungekudala uzobuqala uzwakala emoyeni.
lomsakazo osekunesikhathi eside ubikezelwa ukuthi uzovulwa uphinde wakuqinisekisa uMnu Gwebu ukuthi kungekudala uzobuqala uzwakala emoyeni.
Thursday, May 26, 2016
Akasekho u Ted 'Makepisi' Dumitru
Lowo owaduma ngokudla izicoco zeligi neqembu le Mamelodi Sundowns ne Kaizer Chiefs uMnu Ted Dumitru nomedume ngelika Makepisi akasekho emhlabeni kubikwa ukuthi uhlaselwe isifo senhliziyo esenxanxatheleni yezitolo egoli.
Lomqeqeshi ongowokudabuka ezweni lase Romania ubaziwa kakhulu ngokuba ungcweti ezifundweni ezithinta abadlali bebhola nomdlalo webhola ngobubanzi.
Lomqeqeshi ongowokudabuka ezweni lase Romania ubaziwa kakhulu ngokuba ungcweti ezifundweni ezithinta abadlali bebhola nomdlalo webhola ngobubanzi.
Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...