Monday, November 30, 2015
Owavundulula ikhono likaDeco uthi uzobe engcwaba kwasani kuFaya Soccer Challenge
Lomqhudelwano ozobe udlalelwa endaweni yaseQwasha okuyindawo esezinzulwini zendawo yaseMahlabathini ngaphansi kwesigceme seshumi nesikhombisa phecelezi ward 17 neliphethwe ngukhansela uJomo Ngema nobekhona ngesikhathi kuqhathwa lamaqembu.
UKaizer uthe usewumbile umgodi wokugcwaba iqembu lokuqala adonswe nalo okuyi Young Stars nalapho ethembise Khona ukuthi uzobe ephethe izinti zokuvungula kwazise uzobe ezidlela nje kukho konke azobe edibana nakho.
UmfokaMgabadeli ubekhuluma ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayishumbi nesithupha esikoleni kwaNomzimane ngesonto lomhlaka 29 kuLwezi.
Lomqhudelwano ozungeza izindawo kwazise uke wabanjelwa egoli kanjalo nasoPhongolo kulindeleke ukuba ushise kusukela uqala ngomhlaka 12 kuZibandlela uze uyophethwa ngomhlaka 19 kuye uZibandlela.
Asewonke amaqembu aqhathwe kanje ngokwamabhodwe omkhumalajezi.
Pot A
Chelsea vs Green Mamba,
Young Chiefs vs Star Action
Young Stars vs Citizen,
Mphothi Rovers vs Democracy.
Pot B
All Blacks vs AmaRok
Talented vs Mbudle City
FC Barcelona vs Form Five
PK Stars vs Cosmos.
Lomqhudelwano uyayikazela yimiklomelo econsisa amathe kubadlali nakanjalo kubalandeli. Ngeke igcine enkundleni kuphela kodwa izobuye ilule isandla nasemphakathini.
URonaldo ujamelene nabeBarcelona ku Ballon D 'or yakulonyaka
URonaldo uzoncintisana noLionel Messi kanjalo no Neymar emncintiswaneni womdlali ovelele emhlabeni phecelezi Balloon D 'Or. Lomklomelo olokhu ushintsha izandla zabadlali ababili okungu Ronaldo noMessi kulindeleke ukuba kubonakale ukuthi kube ubani inkunzi kulonyaka kwazise uMessi usize iqembu lakhe leBacerlona ladla isicoco se Champions league ngeseason edlule ebambisane noNeymar.
Okuqaphelekayo kubona bobabthathu bahluleke bancama ukusiza amaqembu about esizwe ukuba awine I world cup ebidlalelwa eBrazil ngonyaka ofile.
Sunday, November 29, 2015
Lisenethini ne NPG newsblog
Sibheka umdlalo we Orlando Pirates ne Etoille du Sahel okuyi Final ye Confederations cup onamuhla eTunisia,
Ibhakaniya lingakwazi ukuwina uma lizoba nomqondo wokuthi indlela yokuvimba izitha ukuzihlasela.
Asikho isidingo sokudlalela emumva ngoba into edingekayo ukushaya amagoli.
Ukubuyekeza umdlalo
Saturday, November 28, 2015
Ukudla koMphefumulo no Mphostoli uMandla Masango
Phakamisa uJesu konke kuzolunga
UJesu uthi encwadini Ku- John 3:14 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
15 ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.
La uJesu usikhombisa isixazululo esikhona kulo lelizwe esiphila kulo nakuzo zonke izimo esidibana nazo imihla ngemihla. Isixazululo nje kukho konke ukuthi siphakamise uJesu ngaphezu kwezimo esibhekene nazo. uNkulunkulu wanikeza uMose amandla okukhipha u-Israel eGibhithe ebase eKhenani, kodwa indlela yokuya eKhenani yayidlula ehlane elibi ngoba lalinezinyoka ezinesihlungu. Abanye bafela endleleni ngenxa yokulunywa yizinyoka. UNkulunkulu wathi mayekubona lokho wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; ukuze kuthi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wosinda. (Bona Ku-Numbers 21:8-9).
UJesu uziveza njengenyoka yethusi naye kulesisikhathi esiphila kuso. Okushukuthi noma ngabe yini ekuphazamisayo noma ekuhluphayo empilweni yakho, phakamisela amehlo akho kuJesu, zonke izimo azizukuba namadla phezu kwakho. Nokufa akunamandla uma uphakamisela amehlo akho kuJesu futhi ubeka ithemba lakho kuye. Beka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo ukuze kube nempumelelo. Akukho okungakwehlula uma ubeka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo. Noma ngabe abantu bathi Akwenzeki kodwa wena kumele wazi ukuthi, "Okungenzeki ngokwabantu, kuNkulunkulu kuyenzeka" (Bona Ku-Luke 18:27).
Empeleni kuya ngokuthi wena uphakamise ubani. Uma uphakamise izinkinga obhekene nazo esikhundleni sokuba uphakamise uJesu, izinkinga zizoba namandla okuba zihlale zikhona. Phakamisa uJesu, konke okumelene nawe kuzothoba. Nguwena kuphela ophethe ukhiye wayo yonke iminyango okumele uyingene empilweni. UJesu uthi kuwe namuhla, 'Njengalokhu uMose aphakamisa inyoka ehlane, kanjalo umele ukuba umphakamise naye'. Phakamisa yena konke kuzolunga, Amen!
Thursday, November 26, 2015
Sinethulela umhlaziyi wezemidlalo uMelusi Malinga ohlelweni esilubiza ngokuthi Lisethini ne NPG newsblog
Thola ezobumnandi zaseMpumalanga namaPhethelo no Dj Sbali ku gig with us
INPG Newsblog inethulela umethuli wengosi ebizwa nge Gig guard in Mpumalanga ezobe ithulwa ngu Andrew Mathebula odume ngo Dj Sbali.
Ngabe ungubani uDj Sbali
Insizwa yaseyase Nelpruit eMpumalanga Province inguDj, unhleli wemicimbi, unenkampani yokuwopha umculo ebizwa nge Sbali Records bese iba ngumethuli wemicimbi yobumnandi kuma Radio Stations amaningi eMpumalanga Province.
Welcome Sbali let the party begin!!!!!!!!!!!
Tuesday, November 24, 2015
Usinde ngokulambisa uMatoho ebanjwa inkunzi
Imibiko ye phephandaba lezemidlalo ikick off likhiphe imibiko ethi lowo ongumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana usinde ngokulambisa ngesikhathi imigulukudu emithathu ivele yaqhamuka yamkhomba ngesibhamu ngesikhathi ehamba elokishini lase Atteridgeville ePitoli.
UMatoho ubehamba nodadewabo nomfowabo. Nakuba ithathiwe imoto yakhe nezinye izimpahla ibuye yatholakala imoto.
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
-
UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000 Lamakalishi azo...

