Monday, March 7, 2022

Amalukuluku, ibeef, iChicken ibeef - Black Poison


Iqembu lebhola lakwashoba i Black Poison belibonakala ngathi liyenza kabusha ingoma ka MFR Souls ethi 'Amanikiniki' ngesikhathi libhuquzisa iqembu kaMalukuluku FC elingamanye abhekiwe ukudla umhlanganiso kuligi yakwashoba.

Lomdlalo obunesasasa nobese kuphele isonto lonke kukhulunywa ngawo ezinkundleleni zokuxhumana, ezindaweni zokuqeda ukoma, emavenini oMfanobomvu ngisho noMama abasebenza kwa EPWP bebexoxa ngawo nokuthe ngesonto ntambama lafika elingaliyo.

Omabili abaqembu angene enkundleni kwachwaza izihlwele ebezithe phama enkundleni yakwaShoba. Njengenjwayelo womabili amaqembu ebebophele izinkunzi zawo azethembayo njengoba i Black Poison bebekhona abadlali abafana no Mgayinga, Soh, Thanda 'Sgayigayi', Mankwa 'Pitbul' Mbokazi , Bhiva  no Yovu ukukha abambalwa kanti ku Malukulu FC bebekhona abadlali abafana no Mcijo, Sizo 'The General',  Yoh, Magamdela, Matiye, Mhlengi ukubala abambalwa bese abaqeqeshi bawo lamaqembu ngapha ku Malukuluku Fc ubekhona uChippa ' Englishman' Nkumane bese ku B Poison ebekhona u Ayanda ' Wire' Sibiya

Umdlalo uqale ngeyiya eliphezulu nokungathusanga ukuthi sithe siphela isiwombe sokuqala i Black Poison ibihamba phambili ngo 5-0 nokuthe mazibuya waqhubeka lapho ugcine khona uShevu omnyama wafaka amanye amahlanu umdlalo waphela ngo 10-0.

Amashaye amagoli kube ngu Mankwa 'Pitbull' Mbokazi washaya amahlanu, Griezman amabili, Lale elilodwa, Soh elilodwa kwase elilodwa kube umkhonto ogwazekhaya

Sisekuzo ezithinta ikwaShoba soccer league imidlalo elandelayo imi kanje

KwaShoba Fixture 
11 March 2022(Friday)
16:00 Piano vs Real Madrid 

12 March 2022 (Saturday)
12:00  Tigers vs Scopion 
14:00 Rangers vs Young Stars 
16:00 Atletico vs Black Poison 

13 March 2022(Sunday)
10:00 Bayern vs Westham 
12:00Juventus vs Russia 
14:00 Amalukuluku vs Shoe Shine 
16:00 Maluju vs Dortmund

Thursday, March 3, 2022

Ubaqwaqwade emakhanda uMasipala wasoPhongolo


 UMasipala wasoPhongolo udle umhlanganiso ngokuba nguMasipala ohlanzekile kunabobonke oMasipala basezindaweni zaseMakhaya esifundazweni sakwaZulu Natal.

Ngalokunqoba kwaloMasipala oholwa ngu Mayor uVM Sikhosane uzihlomulele ngesigidi samaRandi (R1 Million )

Tuesday, March 1, 2022

"Vuselela umlilo emshadweni" - Apostle ME Vilane


 Uthando luyisisekelo sazozonke izinto ezikhona emhlabeni, impilo esiyiphilayo emhlabeni iwuthando oluvela kuJehova yingakho nemishado ibangejabule uma umlilo wothando usavutha futhi uhlezi ukhwezelwa ngabaganene, lana kube ngamazwi ka Baba u Apostle uM.E Vilane webandla le AFM eNcotshane echaza kabanzi ngecwadi ayibhalile esihloko esithi 'Keep the sizzle alive in marriage' nokusho ukuhlala bejabule abashadile phezukwazozonke izingqinamba abadibana nazo.

Lencwadi ihlukene izigaba ezimbili esokuqala  sikhuluma ngqo nabantu abasha ukuthi bengalekeleleka kanjani ukuthola abalingani babo ababafanele. Esesibili sikhuluma ngalabo abashadile ukuthi bengahlala kanjani bejabule emva kwazozonke izinselelo abadibana nazo emshadweni.

"Kuningi okuqukethwe ilencwadi kepha nje ukukha okumbalwa ngayo ukuthi izobe ikhuluma ngokuthi kumele niwugcine kanjani umshado ujabulile ngabe ngakwezezemali, ukungahaleli izinto ezenzeka komunye umshado nokungagcina sekudala izikweletu ezingaphezu kwamandla enu, ukuxolelana emshadwei, ukuzibophezela nokuba Mnene ngasosonke isikhathi" kuphetha Apostle Vilane nongomunye wabaphathiswa bezwi owashada emncane kakhulu.

Ukukhwezela amalahle othando emishadweni noma sidinga iziluleko zokuthola umlingani okufanele zitholelelencwadi  ngo R140 shayela kulenombolo ethi 0788552979 








Saturday, February 19, 2022

Kusukile okwasuka embongolweni ngeligi yakwaShoba

 Ivulwe ngedili lamagoli imidlalo yeligi esungulwe Kwashoba nebizwa ngeKwashoba soccer league.

Lemidlalo ebunjwe ngamaqembu ayishumi nanhlanu akwashoba namathathu aseDeckville nokwenza inani lawo esewonke libe yishuminesishiyagalolunye (18) iqale namuhla enkundleni yakwashoba.

Imidlalo yosuku ihambe kanje.

1. Athletico 1 - 2 Westham

Surprise ⚽          Mbombho⚽⚽


 2. Shoeshine 3  -  4 Juventus

Doctor ⚽⚽           Mgwaja⚽⚽

   Asanda⚽              Sgidi ⚽⚽


3.  Piano fc 5           -      3 Russia

Manyama⚽⚽.               Madada⚽

mabhena⚽                      Qaphelani⚽⚽

Mihla ⚽

Bhengu⚽


4. Black Poison 4 - 1 Maluju FC

Selesele⚽

Mankwa⚽⚽

Griezeman⚽









Thursday, February 17, 2022

Kushone owaduma ku Bidvest Wits

 Kubikwa ukuthi kudutshulwe kwabulawa lowo owayengu Kaputeni weqembu le Bidvest Wits u Charles Yohane egoli nokusolakala ukuthi ubedunwa imoto.

UYohane nobengumqeqeshi weqembu elincane le Wits University udabuka ezweni lase Zimbabwe alokhu engena nhlangothi zonke amazwi enduduzo

Avivela iMangaung ngeyeligi awakwashoba

 Amaqembu ebhola lezinyawo akwashoba avivela umqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngeMangaung noma nge Mebra ngokuthi azisungulele iligi nezodlalwa ngamaqembu asesigcemeni sika wadi 15 ofaka uShoba ne Deckville.

Leligi ezoqala ngomgqibelo lowakusasa kulindeleke ize iyophela ngo November nalapha amaqembu ayobe esezihlomulela kusamba semali esingaphezu kuka R20000.

Omunye wabasunguli baleligi nobuye abe nguMsunguli we Mangaung u Bheki 'Pepe' Xaba uthe " Inhloso yaleligi ukuvuselela ibhola lakwashoba nokuthi silekelele abafana abancane ukuthi bekwazi ukuthola amathuba angcono okuyodlala ibhola mhlawumbe nathi kwashoba aingaba naye umdlali ozobonakala edlala esigabeni esikhokhelwayo".

Leligi kulindeleke ukuthi idlalelwe kwaShoba stadium ize iphele nakuba lenkundla ingekho esimweni esigculisayo ngenxa yokuguguleka nakuba isanda kulungiswa ngemali eshisiwe ngokusho kukaMasipala wasoPhongolo.

Akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi izozala nkomoni ngoba wonke amaqembu ayaviva anethemba lokuthi lemidlalo ye ligi izowenza efike esevutha engabaselwe ku Mangaung nosekungumlando ukuthi eyangonyaka ophelile yanqotshwa yeqembu lasemphafeni i Pongola Classic.

Esewonke amaqembu azodlala kuleligi ame kanje Atletico 

Arsenal 

Bayern 

Black Poison 

Man city 

Dortmund 

Westham 

Young Stars

Maluju

Rangers 

Scopion 

Russia

PSG

Juventus 

Shoe Shine 

Piano 

Tigers 

Amalukuluku.



Thursday, November 4, 2021

Ukuhlaziya ukhetho ngomasipala wasoPhongolo

. Inhlangano ka ANC iphutha elenzile oPhongolo ngale kwefu elihlasele lenhlangano eKZN lokulahlekelwa ngamavoti kube inakhu okulandelayo. 1. I ANC ifike yagqoka ibhantshi elalishiywe yi IFP ngo 2011 lokunethezeka lokungababoni abavoti bayo. Awubanga bikho umehluko ekuphathweni kukamasipala kanti abantu bashintsha i IFP ngenxa yokuthi base bediniwe indlela abaphethwe yiyo ngeshwa noma sekungene u ANC kubukeke kuwu part 2. 2. u ANC ushaywe kakhulu ilaba abebekade bekuma ward committee indlela abebephakeme ngayo uma kumele besize umphakathi esikhundleni sokusiza umphakathi bebevele bekhukhumalelwe amakhwapha. 3. Sekusondele ukhetho ubuholi buka ANC oPhongolo buyekele izidlova zabantu ezizibiza ngamalunga ayo zasebenzisa u Facebook ukwedelela abantu nabangekho kwaPolitiki kepha abangamalunga oMphakathi. Kanti kulezinsuku zethu i social media yiyona ephambili ekutheni ikubulale noma ikwakhe. Njengoba ngo 2018 kwakunamazwi angemahle ayebhalwa kufacebook okuklolodela umphakathi ngokuthi udla imali yeqolo ka ANC, usizwa isinziza zika ANC ophethe uhulumeni omkhulu. Iphutha lobuholi buka ANC oPhongolo kwaba ukungayikhalimi lento ngoba umphakathi imizi eminingi iphila ngaphansi kwalesimo okwakuklolodelwana ngaso. Eqinisweni ngishokuthiwa ulambe kanjani kepha ukudla okwehla namagama kuyayidala inzondo noma ngabe kuthiwa kusekhaya. 4. Ukuxega kobuholi buka ANC oPhongolo kube nomthelela angazi noma laba ababekhethiwe ukuwumela oPhongolo banela ukukhethwa base bejika nezitulo bangabheka umonakalo owenzeka phansi ngoba wona umonakalo wenzekile phansi omkhulu futhi ngenxa yeninabathumile masengikhuluma ngengozi ye IFP eyilengelayo ngeyokuthi uma ingayeka ukwenza lento eyayiyenza yokuthi uma isemandleni bese ibangoNkulunkulu kubantu yenze noma yini kubo kunalobaba engingeke ngimusho ngegama owayevele ephenduke isilwane ezeshaye abantu ngezimpama, kulokhu engingakusho ukuthi ninikwe amandla ngoba u ANC unidlise lokhu enanikwenza kubantu anivotelwanga amalunga enu odwa kepha namalunga amanye amaqembu anivotele ngoba enganelisekile okwenzekayo kungabe kwenziwayi khansela noma ngamalunga amakomiti eward. NB: lokhu kubhalwe yimi njengumuntu womphakathi ozimele

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...