Nakuba ebopha kunxeba lozomthetho uChristiana Ronaldo lokugwetshwa iminyaka emibili ebhadla ejele noma ekhokhe imali elinganiselwa Ku £18.8 Million kumacala abebhekane nawo okungahambisi kahle kwezentela.
Lomdlali wezwe lasePortugal uyishayele amagoli amathathu emdlalweni wabo wokuqala kuqoqo labo lesibili nalapho bebedlala nezwe elaba ngompetha bendebe yomhlaba ngo2010 neyayibanjelwe lapha emzansi okuyizwe lase Spain. Lomdlalo obuthandwa njengezinkani zababili upheld zibambene ngo3-3 uRonaldo uqobele amagoli amathathu nokube I penalty nedalwe uNacho odlalise kabi yena umfoka Rinaldo novuke wayibeka isisefeni kwandela elinye elibeinguzunga yeshodi nephunyeke ezandleni Ku De Gea nelokugcina okube I free kick nangayifanisanga nokuyifanisa uDe Gea kanti kwawe Spain anqomfelwe phakathi u Costa amabili nobengamuzwa nokuthi uyini u Pepe noyisitobha se Portugal kwase kuba umgundatshani oshaywe uNacho.
Kweminye imidlalo kuqoqo lokuqala iRussia ivule ngedili likamkhipheni ngesikhathi ibhaxabula I Saudi Arabia ngo 5-0, kwase kuthi iGibhithe nemele izwekazi lase Africa ilale ngemizuzu yokugcina yangenelwa igoli neliweze I Uruguay ngo1-0.
Kuphinde kwaba muncu futhi kuzwekazi lase Africa ngesikhathi kuqoqo lesibili iMorroco nenyamanambane kulelizwekazi ibhaxabulwa seliyoshona ngo1-0 ishaywa izwe lase Iran neliqeqeshwa ilowo owake waqeqesha iBafana Bafana u Carlos Qiuroz.
Kubukeka iMorocco ibenonyawo olubi kuleliviki njengoba ngolwesithathu ikhale ngaphansi emkhankasweni wayo wokusingatha indebe yomhlaba ngo2026 nokugcine ngokuthi inikwe amazwe amathathu asenhla neMelika okuyi USAUSA iCanada kanye neMexico
Friday, June 15, 2018
Unkanise emgwaqeni umphakathi ngenxa kaphethilolo
Umphakathi wasoPhongolo usuvele wazijuba wankanisa ngezimoto emgwaqeni omkhulu u N2 endaweni ebizwa ngomlogo.
Lomphakathi ukhethe ukuqhinqa ngezimoto nangamatekisi ngoba uhlaba ikhwele kuhulumeni mayelana nendaba yokunyuka ngamandla kwenani lika phethilolo kulelizwe njengoba ilitha selibiza uR15 noma ngaphezulu nokusenamahemuhemu athi kusengenzeka inyuke lemali.
Ilunga lomphakathi elikhulume ne NPG newsblog lithe "sifuna ukuzwakalisa ukungenami kwethu ngendlela uphethilolo onyuke ngayo futhi sikwenze ngebomu ukuqhinqa kanjena njengoba kunephalamende lentsha Khona bonke ongqongqoshe"
Nakuba lokuqhinqa kusheshe kwahlakazeka njengoba amaphoyisa afike avulela ngezinhlamvu zenjoloba kumphakathi.

Sunday, February 18, 2018
Ifu elimnyama embonini yezokuncebeleka oPongolo
Kukhalwa nxazonke embonini yezokuncebeleka oPongolomva kokudlula ngokukhulu ukuzuma kukaDj obese mncane uMthokozisi Zwane nobedume ngelika DJ Mthoko nodlule izolo engozini yemoto.
Abantu abafana no Dj Blaqvnomous nobuye aziwe ngelika Feleba kanjala nomhleli wemicimbi yobumnandi bangabanye yabantu ababonakale bezwakalisa ukushaqeka ngalezindaba zokudlula kwalensizwa bebla emakhasini about kafacebook

Thursday, February 15, 2018
Akasekho emhlabeni uMorgan Tshangarai
Lowo ongumholi weqembu eliphikisayo ezweni lase Zimbabwe uMnuzane Morgan Tshangarai udlulile mhlabeni kwesinye sezibhedlela zalapha eNingizimu Afrika.
Kubikwa ukuthi ubesenesikhathi eside ephethwe isifo somdlavuza nokuze kwaba yiso esimnqobayo. Umndeni wakwaTshangarai kuzokhumbuleka ukuthi awuqali ukuba semanzini njengoba eminyakeni eyedlule kwadlula emhlabeni engozini yemoto uNkosikazi wakhe uMorgan Tshangarai neyenzeka ezweni laseZimbabwe.

Ufungiswe njengebamba lokungamela izwe uRamaphosa
UMnuzane Cyril Ramaphosa ufungiswe njengomengameli wesikhashana wezwe lase Ningizimu Africa ngolwesine lomhlaka 17 kunhlolanja.
Nakuba amaqembu afana ne DA kanye ne EFF ephume aduba ephalamende ngoba engahambisani nokuqokwa kuka Ramaphosa ngoba ekhala ngokuthi akuhlakazwe iphalende kuqalwe phansi ukhetho kepha inhloko yamajaji kuleli uMnuzane Mogoeng Mogoeng uqhubekile nokufungisa lenkinsela engusihlalo we nhlangamo ka ANC ngene kulesikhundla sokuba ngusihlalo emva kwenqunquthela ebisePitoli ngoZibandlela nalapha ahlula khona uNkosazane Dlamini-Zuma naye owayegaqele lesikhundla egabe ngamava okuhola inhlangano yamazwe ase Africa nake ake aba nguMongameli wayo.

Usesulile esikhundleni sokuhola izwe okaNxamalala
Emva kwensukanayikeyi ngodaba lokuthi uMongameli wezwe uMnuzane Jacob Zuma esule esikhundleni ekugcineni ugcine ehlela ngezansi njengoba ngolwesithathu ebusuku ememezele ukuthi uyasula kulesisikhundla ebesesiphathe iminyaka eyisishiyagalolunye nokube ngamahlandla amabili engumongameli walelizwe elizobe liqeda iminyaka engamashumi amabili nane (24) ngombasa (April) nonyak.
Nakuba ekugcizelela uMsholozi ukuthi akanikezwanganga izizathu zokumhoxisa kodwa uzokwehla kulesikhundla. Indlela ebesehleli ngesinqa esisodwa kulesihlalo ifakazelwe ukuhlehliswa kwenkulumo yesizwe nobekumele eyethule makuqala lenyanga kwazise amaqembu aphikisayo abeshaya phansi ngonyawo ethi awamfuni ethule inkulumo yesizwe.

Inqume ukumhoxisa kwesokungamela izwe uZuma i ANC
Isigungu esiphezulu senhlangano kaKhongolse sithathe isinqumo sokumhoxisa ekubeni uMongameli wezwe uMnuzane Jacob Zuma emva komhlangano wangesonto walesigungu.
UMnuzane Zuma uzithola esebizwa nje ngenxa yencindezi eningi ebhekiswe kuye yokuthi akasule esikhundleni ngoba esoleka ekudayisweni kombuso emndenini wezimpunyela zasedinyà zomndeni wakwaGupta.
Lesimemezelo sokwehla esikhundleni kukamnumzane Zuma senziwe nguNobhala jikelele walenhlangano ngomSombuluko uMnumzane Ace Magashule ekomkhulu lalenhlangano eqeda ikhulu neminyaka eyisishagalombili lasungulwa.

Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
-
UHulumeni wesifundzwe sase North west uthule intuthuko yokuxhasa umphakathi ngamakalishi adle imali elinganiselwa ku R780000 Lamakalishi azo...