Friday, May 12, 2017

UNCUKE ABALANDELI UMOTAUNG NGESIMEMEZELO

KUKHEXE izihlathi kubalandeli beKaizer Chiefs emva kqesimemezelo esenziwe umphathi weqembu leKaizer Chiefs ubaba uKaizer Motaung izolo emini esithangamini sezindaba egoli.

Kuse izolo sskusabalale izindaba zokuthi kuzoba nesithangami saleliqembu esiphuthumayo nokuthe uma sesihleli wathi uMotaung uzomemezela abaxhasi abasha abazobhekelela ezempilo zabadlali nabasebenzi beqembu nokuyinkampani yakwa Medshield.

Iningi labalandeli lisale lidangele kwazise bebelindele ukuthi kumemnyezelwe ukuxoshwa komqeqeshi walelileqembu uSteve Komphela noziqophele umlando kuleliqembu ukungalinqobisi neyodwa indebe kumasizini amabili selokhu kwathi nhlo emlandweni we PSL.

USHIYE PHANSI IPHALAMENDE WABUYELA KWA ESKOM UMOLEFE

LOWO obeyilunga lephalamende nokungekudala efungisiwe uMnuzane Brain Molefe ushiye phansi lesikhundla sasephalamende wabuyela enkampanini yokuphehla ugesi kuleli u Eskom, uMolefe ubuyela nje kwa eskom vele wayesuke khona emva kokuthi kwaba khona ukuthinteka kwegama lakhe embikweni walowo owayenguMvikeli womphakathi u Advocate Thuli Madonsela.


Wednesday, May 10, 2017

ABUKEKA EFIPHALA AMATHEMBA E CAPE TOWN CITY OKUDLA ESE PSL

EMVA komdlalo wayizolo lapha I Cape Town City ithole isibhaxu sika 4-2 idindwa iSupersports United abukeke elimala amathuba okuthi ingaba ngompetha besicoco we Ligi.

Leliqembu elinezinyanga lakhiwe limangaze abaningi ngebhola elilidlalayo ngaphansi kobuholi buka Eric Tinkler vele selingompetha be MTN nalapha lashaya I Bidvest Wits nababangisana nayo isicoco seligi nokuyimanje yiyona eqwakele ngamaphuzu angu 57 bese ilandelwa iSundowns ngamaphuzu Angu 54 emva kwemidlalo ewu 27 kanti ezika Tinkler zinamaphuzo angu 52 emva kwemidlalo ewu 28 nokubonakala sekungaba umlingo ukuthi igudluze lamaqembu amabili base Gauteng.

Sisekuzo ezithinta iPSL uMqeqeshi wesikhashan weMarizburg United u Fadluresman Davids uqokwe njengomqeqeshi wenyanga ka April kwasekuthi uDennis Onyango nongunozinti we Mamelodi Sundowns uqokwe njengomdlali ovelele wayo belu inyanga ka April.

Tuesday, May 9, 2017

ZIBAKHALELE BEYOTITINYA EWEBE IZINKOMO ABESIKEBHE

KUBOSHWE abaholi abane benhlangano elwa nobugebengu, ISKEBHE emgwaqweni u-N2 besuka Empangane nowesilisa obeyoshayelwa ukukhipha iqiniso ngezinsolo zokweba izinkomo. Bobane laba baholi babekwe icala lokuthumba umuntu. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane uthe owesilisa obethunjiwe usizwe ngamaphoyisa abenze isivimbamgwaqo. "Amaphoyisa avimbe imoto eyiloli lohlobo lwe-Hundai bafica abesilisa abahlanu kuyo. Kuthe besayisesha bezwa owesilisa ekhala ememeza kule moto ecela usizo emaphoyiseni. Uthe uthunjwe yilama doda esiKebhe amthathe Empangeni amsola ngokweba izinkomo." kuchaza uZwane. Uqhube wathi amaphoyisa abophe laba besilisa babekwa icala lokuthumba, bazobuyela eNkantolo yaseMpangeni ngoLwesibili oluzayo sebezofaka isicelo sebheyili. Akwaziwa ukuthi ubesiwaphi lona wesilisa kodwa Iiskebhe sidume ngokuthela induku abasolwa baze bakhiphe iqiniso ngobugengu abasuke besolwa ngabo.

Sunday, April 9, 2017

Earthquake hits Pongola

Reports streamed in from across north of KwaZulu-Natal that another earth tremor on Sunday in uPhongolo.

uPhongolo was affected by the tremor – which lasted a few seconds and five seconds in Ncotshane township and other places at around 8:56pm.

The last time uPhongola was hit by 4.70 Magnitude mb earthquake was in March, 1982 which covered a distance of 10km. Before that, there had another one in 1970 for 3.70 magnitude mb. While there are no accident reportedly but many have taken to social media to express their experience.

Saturday, April 1, 2017

Inkantolo ivune ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ezweni

Lithe lishona elayizolo bekunuka igudu ezweni emva kwesimemezelo esenziwe inkantolo enkulu yezwe sokuvuna ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ngenkululeko kuleli.

Izolo kumenyezelwe ukuthi abantu sebengazishukela igudu emakhaya ayi ezindaweni ezivulelekile.

Iphinde yadliwa izembe iMoroka Swallows

Kube nomuzwa obuhlungu kubathandi bebhola ikakhulukazi beqembu elithathwa njengelidala eNingizimu Africa iMoroka Swallows emva kokudliwa izembe kusigaba esibizwa nge ABC Motsepe league nebiyaziwa ngokuthi ivodacom nokuyisigaba esiphakela isigaba esibizwa nge First Division.

Izinyoni zishaywe NGO 2-1 yi Vaal Processional nokuyiqembu elake lalunguza Ku PSL. Lomphumela ubeke izinyoni esigabeni sama amesha esibizwa nge SAB league. Kumasizini amathathu leliqembu selidliwe kathathu yizembe ezigabeni ezahlukene ngokulandelana.

Akubonakali kuzothusa ukugica leliqembu lase Soweto ligijima ezitekini ezibekwa ngamaholidi ogudi nawokhisimuzi kwazise vele umthetho uzobe ulivumela.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...