Thursday, October 20, 2022

kungabe ukusuza sekukhonga ukunya ngo Shalulile

Emva kwemidlalo emithathu engabonakali esikimini se Mamelodi Sundowns kuqubuke imvunge ngokunyamalala isigubhukane kuka Peter Shalulile. Omunye wesixaxa sabaQeqeshi be Mamelodi Sundowns uthe uShalulile unyamalele ngoba elimele isicubu sethanga. Kodwa oManalaphongikutshele bathi lomgadli wase Namibia udubile kuleliqembu ngoba kunamaqembu amfuna uthuli phesheya kwezilwandle.

Monday, October 17, 2022

Sithi Halala Mkhulandle ngokuphephezelisa uPhongolo ebalazweni

UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yababhali bezincwadi nebizwa nge The Book behind awards. Imcwadi ka Mfundisi u Vilane ethi 'Keeping the sizzle alive in marriage' izibhokle zonkee ebiqhudelana nazo kumunxa we Best relationship Analyst . Halala Mkhulandle halala!

Kuphele ukuqagela egixabezwa esikaSihlalo olaxaze i DA

Iqembu le Action SA neliholwa ngu Herman Mashaba limthule ngokusemthethweni uMnumzane Zwakele Mncwango njengelunga laleliqembu nophinde wagixabezwa ngesikhundla sokuba ngu Sihlalo kwaZulu Natal.

Sunday, October 9, 2022

Ube yimpumelelo uMkhuleko wasoPhongolo

Ukhukhulelangoqo womkhuleko wamabandla wonke asoPhongolo uhambe kahle kakhulu nobubanjelwe eNtabeni yasoPhondo esendaweni yakwaShoba. Lomkhuleko bekungowokukhulekela izingozi ezidla lubi ku N2, udlame olubhekisee kwabesifazane nezingane, ubugebengu nokunye okuningi okuhlalise kabi uMphakathi wonkana wasoPhongolo. UShlalo waBafundisi ngaphansi kukaMaspala waso Phongolo uBhishop SE Malinga ubonge wonke amabandla aphume ngothi lwawo kanjalo noMphakathi wonke wasoPhongolo ophumile wazoba yinxenye yalenkonzo

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...