Wednesday, September 1, 2021

Useqome impempe owayenguNozinti we L Golden Arrows


Ngeminyaka yango 2004 abathandi bebhola basoPhongolo ikakhulukazi abakwaShoba uma bexoxa ngabadlali abashaya into ephezulu lalingasali igama lika Melusi  Malinga owayengu Nozinti wabafana abancane be Lamontville Golden Arrows. 

Lensizwa yakwaShoba oPhongolo seliphinde laba sematheni igama layo ngenxa yekhono eliyisimanga lokuba nguNompempe phecelezi u(Referee), elandisa i NPG Online news uthe "Eqinisweni ngiyalithanda kakhulu ibhola ngesikhathi ngiyeka ukudlala ibhola ngase ngizitshelile ukuthi ngizoyoba ngu Nompempe, lokhu kuzongisiza ukuthi ngikwazi ukufundisa intsha ngemithetho yebhola kwazise umdlali noma engaba nekhono elinjani kepha uma engayazi imithetho yebhola ngeke eyendawo kwazise zonke izinqumo ezizothathwa ngaye uzozibona zimcindezela".

" lomkhakha ubiza ukuthi ubewumqemana uphinde ubemehlomane ngokwenzeka enkundleni kanjalo uza nezingqinamba eziningi kepha ngizimisele ukuthi ngikhule ngiyephambili kuwo , ngiyafisa ukuzibona ngolunye usuku ngiphethe imidlalo ezingeni likazwelonke okungu SAFA elase Africa (CAF) nelomhlabawonke(FIFA), ngiyazi akulula kepha ukuzimisele nokuphokophelela ikhona okuyodala impumelelo" kuqhuba lensizwe egabe ngeziqu zobunjiniyela.

Njengoba imiqhudelwano ilokhu ithe chithi saka oPhongolo lonkana ulokhu ebonakala ephakathi nenkundla ephethe imidlalo kepha osagqame kakhulu kube ngowe Pongola Classic ne Pongola Juventus okungamaqembu athathwa njengezinkunzi oPhongolo ngenxa yeqophelo eliphezulu labadlali bawo nezinga eliphezulu lokuhleleka indlela aphethwe ngawo nakuwo lowomdlalo wawuphatha ngobunyoninco nangokukhulu ukuzimisela .

"Ngibukela kakhulu ku Khulekani Thusi onguNompempe we PSL nosuka lapha kusifunda sethu se Zululand, kanti nabantu abafana no Victor Gomez kanjalo no Makadebona waseNtaliyane u Pierluigi Collina" kuphetha uMelusi


Lalela nansi interview nalensizwa 


No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...