Thursday, September 2, 2021

"ngiyabathanda abantu yikho ngibabongaba besaphila" - Nqoba


Uzibona eyothola isikhathi sokuphumula mhla eselele umlalela wafuthi okwamanje usuku nosuku uzizwa efanelwe ukwenzela uMphakathi wasoPhongolo okuhle nokuqhakambisa abantu bakhona lowo insizwa esencane ewumaphokophelela uNqobizitha 'Nqoba' Thabede.

Uma kukhulunywa ngo Nqoba oPhongolo kuningi akwenzela umphakathi njengokuxhasa imindeni ngokuya ngasethunjini, ukulekelela izingane zesikole ngemifaniswano nangezicathulo, ukuqongelela imali ukuze kusizakale abathile abanokugula kuningi angeke ukuqede njengoba kuyimanje usungule umkhakha wokuklomelisa abenzakahle emphakathini wasoPhongolo.

Umuntubongwesaphila Awards asungulwe yilensizwa echaza kabanzi ngawo uthe " lomklomeliso (Awards) enzelwe ukuqhakambisa iqhaza labo emphakathini nokubabonga besaphila nazokwenzeka inyanga nenyanga njengoba siqalile nje ngo August sizimisele ukuqhubeka siwenze ". 

"Indlela esibaqoka ngayo abanqobayo siyaye sifake umunxa othile bese umphakathi uyasho ukuthi ufuna kube ngubani konke lokhu sikwenza ngo Facebook, lendlela yokwenza nje sizama ukukhombisa abantu ukuthi izinkundla zokuxhumana zingasentshenziswa ukwenza izinto ezinhle " kuqhuba lensizwa enamakhono ayisimanga njengoba ibuye ibengu Thisha wesingisi, uMqondisi wokuphathwa kwezinhlelo, umlingisi kaMabonakude njll.

Kulabo abanqobile kulindeleke beyokwamukela izitifiketi zokubaqhakambisa ngalomgqibelo nalapha umcimbi wabo uzobe utholakala bukhoma enkudleni yokuxhumana uFacebook.





No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...