Thursday, November 4, 2021

Ukuhlaziya ukhetho ngomasipala wasoPhongolo

. Inhlangano ka ANC iphutha elenzile oPhongolo ngale kwefu elihlasele lenhlangano eKZN lokulahlekelwa ngamavoti kube inakhu okulandelayo. 1. I ANC ifike yagqoka ibhantshi elalishiywe yi IFP ngo 2011 lokunethezeka lokungababoni abavoti bayo. Awubanga bikho umehluko ekuphathweni kukamasipala kanti abantu bashintsha i IFP ngenxa yokuthi base bediniwe indlela abaphethwe yiyo ngeshwa noma sekungene u ANC kubukeke kuwu part 2. 2. u ANC ushaywe kakhulu ilaba abebekade bekuma ward committee indlela abebephakeme ngayo uma kumele besize umphakathi esikhundleni sokusiza umphakathi bebevele bekhukhumalelwe amakhwapha. 3. Sekusondele ukhetho ubuholi buka ANC oPhongolo buyekele izidlova zabantu ezizibiza ngamalunga ayo zasebenzisa u Facebook ukwedelela abantu nabangekho kwaPolitiki kepha abangamalunga oMphakathi. Kanti kulezinsuku zethu i social media yiyona ephambili ekutheni ikubulale noma ikwakhe. Njengoba ngo 2018 kwakunamazwi angemahle ayebhalwa kufacebook okuklolodela umphakathi ngokuthi udla imali yeqolo ka ANC, usizwa isinziza zika ANC ophethe uhulumeni omkhulu. Iphutha lobuholi buka ANC oPhongolo kwaba ukungayikhalimi lento ngoba umphakathi imizi eminingi iphila ngaphansi kwalesimo okwakuklolodelwana ngaso. Eqinisweni ngishokuthiwa ulambe kanjani kepha ukudla okwehla namagama kuyayidala inzondo noma ngabe kuthiwa kusekhaya. 4. Ukuxega kobuholi buka ANC oPhongolo kube nomthelela angazi noma laba ababekhethiwe ukuwumela oPhongolo banela ukukhethwa base bejika nezitulo bangabheka umonakalo owenzeka phansi ngoba wona umonakalo wenzekile phansi omkhulu futhi ngenxa yeninabathumile masengikhuluma ngengozi ye IFP eyilengelayo ngeyokuthi uma ingayeka ukwenza lento eyayiyenza yokuthi uma isemandleni bese ibangoNkulunkulu kubantu yenze noma yini kubo kunalobaba engingeke ngimusho ngegama owayevele ephenduke isilwane ezeshaye abantu ngezimpama, kulokhu engingakusho ukuthi ninikwe amandla ngoba u ANC unidlise lokhu enanikwenza kubantu anivotelwanga amalunga enu odwa kepha namalunga amanye amaqembu anivotele ngoba enganelisekile okwenzekayo kungabe kwenziwayi khansela noma ngamalunga amakomiti eward. NB: lokhu kubhalwe yimi njengumuntu womphakathi ozimele

Thursday, October 28, 2021

Ikaizerf chiefs iphinde yagaxa inombolo emgibeni


 Iqembu le kaizer Chiefs liphinde lenza elidume ngakho lokugaxa inombolo emgibeni nebona ukuthi ifanekwe ukuhlonishwa kuleliqembu nokungunombolo 20 owawugqokwa ngu Howard freeze.

UHoward Freeze niongomunye weziqonqwane zamakhosi wabanegalelo ngo 1985 mhla i Kazer Chiefs izenzela kumiqhudelwano efana ne Castle Premiership, Mainstays cup, Bob save Superbowl, Iwisa spectacular challenge kane ne Ohlson Challenge.

UFreeze ulandela ezinyathelweni zika Doctor Khumalo eyanquma ukuthi inombolo yejezi lakhe ingasentshenziswa kuKaizer Chiefs nokungu nombolo 15 ngenxa yamagalelo akhe.


ZInkani zababili kwabagaqele esobukhansela ku Ward 15 - Ophongolo

 


Kusadliwa ngoludala insizwa mayiqomisa intombi yayenza isiqiniseko sokuthi ingakayithembisi izulu nomhlaba intombi leyo yayiqala izicwale yona, ichophe inqakala nemvunulo yayo ihlobe kanjalo nesikhwili sayo sasiyikhulumela ingakawuvuli umlomo. Kanjalo nakulolukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya kubukeka amaqembu amabili okuyi IFFP ne ANC enza isiqinisekiso sokuthi ayichophile inqakala nemvunulo yawo ihlobile kepha kakwaziwa mbatshi kujiya ukuth ngabe izikhwili zawo zihlome ngokuphelele yini ukuheha intombi engumphakathi ukuthi iwavotele ngomsombuluko.

Leli wadi elihlanganisa indawo yakwaShoba ne yase Deckville lisezandleni zika ANC nokuyiwona osaqhoqhobele izintambo kuMasipala wasoPhongolo, UKhongolose walihlwitha ezandleni ze IFP ngo 2016 nakulokhu usafuna ukulinqoba kwazise uphinde waphakamisa oyikhansela u Mnuzane Sgcino Myeni kanti ngakolunye uhlangathi iqembu le IFP ligadla ngo Mfundisi Eric Mlipha nodume ngelika Madlala.

Lamaqembu womabili abukeka ewuqinisile umkhankaso wawo njengoba ngempela sonto esibuya kuyo ebenemidlalo yebhola lezinyawo. nokuthe ngoMgqibelo/ Sabatha u ANC waqedela  isiteki nalapho ukhiphe khona amajezi amahlanu atholwe ngamaqembu amane aqede phezulu nokuthe umanqoba nokube yi Black Poison yakwashoba izinqobele amajezi amabili nezindondo nomcimbi wezindodo ubuhanjelwe ngomakadebona be Kaizer Chiefs abafana no Cyril Nzama no Chaklas Shongwe. Kanti evikini bebehambise izicelo zabathile ababecele ukuxhaswa ngezimbuzi yaphinda yahambisa nemishini yokuthunga.

ngesonto Iqembu leNkatha yenkululeko i IFP ngamafuthi ibenesiteki samaqembu amayisithupha nalapha ikhiphe khona amajezi amabili kwabadlale ifinal okuyi Maluju FC ne Russia FC. Okunge ebonakala iqinisa kakhulu ekukhunkaseni i IFP indaba yamanzi emphakathini njengoba lowo elifolose ngaye nobonakala esigxotsheni uMfundisi Mlipha elekelela ekuletheni kwamanzi kanjalo nokuthegela izinkulisa izihlalo.


imihlahlandlela yalamaqembu amabili ime kanje 


    ANC                                                



















IFP



Wednesday, October 27, 2021

Limbingelele ngamabili ibhubesi u Jingles

 


Intandokazi yomgadli wakuleli uPercy 'Lion of Judah' Tau ubingelele abalandeli beqembu le Aly Ahly ngamagoli amabii ngsikhathi leli qembu eliqeqeshwa ngu Pitso Jingle Mosimane libhaxabula i Smaily nedlalelwa ngowayengumgadli we Orlando Pirates u justin Shonga ngo 4-0 emdlalweni we Ligi izolo ebusuku kwelase Gibhithe.

uTau nobekuwumdlalo wakhe wokuqala kulezinkunzi zase Africa kubukeka ezogculisa abalandeli kwazise ungomunye wabadlali abahola kakhulu kuleliqembu kwasize bamthenga ngemali eshisiwe eNgilandi ku Brighton & Hove Albion. Akungabazisi ukuthi lomdlalo wayizolo ka Tau umjabulisile noMqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos nosanda Kumfaka uTau eqenjini azotomula kubo abadlali abangu 23 abazobhekana ne Ghana ne ZImbabwe emidlalweni yokuhlungela imidlalo yendebe yomhlabaezoba se Qatar ngonyaka ozayo.

Sisekuzo ezeBafana Bafana nampa abadlali okuzotonyulwa kubo abazomela elakuleli kulemidlalo ezayo.

Goalkeepers: Ronwen Williams (SuperSport United), Veli Mothwa (Amazulu FC), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs), Oscarine Masuluke (Baroka FC)

Defenders: Sydney Mobbie (Sekhukhune FC), Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns), Luke Fleurs (SuperSport United), Terrence Mashego (Cape Town City), Njabulo Blom (Kaizer Chiefs), Siyanda Xulu (Hapoel Tel Aviv), Njabulo Ngcobo (Kaizer Chiefs), S’fiso Hlanti (Kaizer Chiefs), Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns), Thibang Phete (Belenenses), Tercious Malepe (AmaZulu FC), Sbonelo Cele (Golden Arrows FC)

Midfielders: Teboho Mokoena (SuperSport United), Thabani Zuke (Golden Arrows) Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns), Jesse Donn (SuperSport United), Sphelele Sithole (Belenenses), Yusuf Maart (Sekhukhune), Ethan Brooks (TS Galaxy), Mduduzi Mdantsane (Cape Town), Siyethemba Sithebe (AmaZulu FC), Nqobeko Dlamini (Golden Arrows)

Strikers: Evidence Makgopa (Baroka FC), Luther Singh (Copenhagen FC), Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United), Victor Letswalo (Royal AM) Percy Tau (Al Ahly), Keagan Dolly (Kaizer Chiefs), Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates), Pule Mmodi (Golden Arrows), Fagrie Lakay (Cape Town City)

Wednesday, October 13, 2021

isahamba ngolayini Ibafana Bafana

 Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo lakuleli iBafana Bafana iqhubekile nokwenza kahle ngaphansi komqeqeshi wayo omusha uHugo Broos emidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba ezoba ngonyaka ozayo eQatar.

IBafana Bafana iguqise iqembu lase Ethopia ngegoli elilodwa eqandeni nokube umkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo luka Gebede nongukapteni waleliqembu nobekungumdlalo wokuqala kuleli udlalwa phambi kwababukeli selokhu kwabhedula igciwane le covid19 ngonyaka odlule lomdlalo
obudlalelwa enkundleni iFNB izolo kusihlwa. ezika Broos zize ekulomdlalo zihambela phezulu kwazise bezibuya kubhubhisa yona i Ethopia ngamagoli amathathu kwelilodwa ekuhambeni ngolwesihlanu ngeviki eledlule nalapha amagoli ashaywa ngu ala no Makgopa kwathi elomthoba nhliziyo ele Topiya lashaywa nguye u Gabede wansondo.

Elakuleli liqhwakele kuqoqo lika G ngamaphuzu ayishumi emidlalweni emini elisayidlalile lilandelwe izwe lase Ghana ngayisishiyagalolunye, lisalelwe imidlalo emibili elakuleli nelizoyidlala ne Ghana ekuhambeni kanye nezwe lase Zimbabwe ekhaya. 




Friday, September 10, 2021

Limenyezelwe iqembu lama Proteas


Inhlangano engamele ikhilikithi kuleli i Cricket South Africa ilimemezele iqembu elizoyomela elakuleli kundebe yomhlaba ye T20 ezobanjwa ngenyanga ka October iziphele ngo November ezweni lase United Arab Emirates (UAE) nelase Oman.

Leliqembu eliqeqes hwa ngu Mark Boucher owayeyi Wicketkeeper yakuleli lizobe liholwa ngu Themba Bavuma nonguKaputeni walo kulindeleke ukuthi lenzekahle kulomqhudelwano.

Selilonke iqembu lime kanje.

Temba Bavuma (captain, Lions), Keshav Maharaj (Dolphins), Quinton de Kock (wicketkeeper, MTitans), Bjorn Fortuin (Lions), Reeza Hendricks (Lions), Heinrich Klaasen (Titans), Aiden Markram (Titans), David Miller (Dolphins), Wiaan Mulder (Lions), Lungi Ngidi (Titans), Anrich Nortje (Warriors), Dwaine Pretorius (North West Dragons), Kagiso Rabada (Lions), Tabraiz Shamsi (Titans), Rassie van der Dussen (Lions)


Okuzochushwa ngabo.

Andile Phehlukwayo (Dolphins), George Linde (Western Province), Lizaad Williams (Titans).

Tuesday, September 7, 2021

Ixoxwa ngezithombe - Umuntubongwesaphila Awards

 Bekusindwe ngobethole emcimbini wokuklomelisa abanqobile kumncintiswano ka Aungust nobizwa ngokuthi Umuntubongwesaphila Awards osungulwe ngu Nqobizitha 'Nqoba' Thabede umcimbi ububanjelwe kwa koppie Allen ( Kwakopela) budebuduze nedolobha oPhongolo








Thursday, September 2, 2021

"ngiyabathanda abantu yikho ngibabongaba besaphila" - Nqoba


Uzibona eyothola isikhathi sokuphumula mhla eselele umlalela wafuthi okwamanje usuku nosuku uzizwa efanelwe ukwenzela uMphakathi wasoPhongolo okuhle nokuqhakambisa abantu bakhona lowo insizwa esencane ewumaphokophelela uNqobizitha 'Nqoba' Thabede.

Uma kukhulunywa ngo Nqoba oPhongolo kuningi akwenzela umphakathi njengokuxhasa imindeni ngokuya ngasethunjini, ukulekelela izingane zesikole ngemifaniswano nangezicathulo, ukuqongelela imali ukuze kusizakale abathile abanokugula kuningi angeke ukuqede njengoba kuyimanje usungule umkhakha wokuklomelisa abenzakahle emphakathini wasoPhongolo.

Umuntubongwesaphila Awards asungulwe yilensizwa echaza kabanzi ngawo uthe " lomklomeliso (Awards) enzelwe ukuqhakambisa iqhaza labo emphakathini nokubabonga besaphila nazokwenzeka inyanga nenyanga njengoba siqalile nje ngo August sizimisele ukuqhubeka siwenze ". 

"Indlela esibaqoka ngayo abanqobayo siyaye sifake umunxa othile bese umphakathi uyasho ukuthi ufuna kube ngubani konke lokhu sikwenza ngo Facebook, lendlela yokwenza nje sizama ukukhombisa abantu ukuthi izinkundla zokuxhumana zingasentshenziswa ukwenza izinto ezinhle " kuqhuba lensizwa enamakhono ayisimanga njengoba ibuye ibengu Thisha wesingisi, uMqondisi wokuphathwa kwezinhlelo, umlingisi kaMabonakude njll.

Kulabo abanqobile kulindeleke beyokwamukela izitifiketi zokubaqhakambisa ngalomgqibelo nalapha umcimbi wabo uzobe utholakala bukhoma enkudleni yokuxhumana uFacebook.





Wednesday, September 1, 2021

Useqome impempe owayenguNozinti we L Golden Arrows


Ngeminyaka yango 2004 abathandi bebhola basoPhongolo ikakhulukazi abakwaShoba uma bexoxa ngabadlali abashaya into ephezulu lalingasali igama lika Melusi  Malinga owayengu Nozinti wabafana abancane be Lamontville Golden Arrows. 

Lensizwa yakwaShoba oPhongolo seliphinde laba sematheni igama layo ngenxa yekhono eliyisimanga lokuba nguNompempe phecelezi u(Referee), elandisa i NPG Online news uthe "Eqinisweni ngiyalithanda kakhulu ibhola ngesikhathi ngiyeka ukudlala ibhola ngase ngizitshelile ukuthi ngizoyoba ngu Nompempe, lokhu kuzongisiza ukuthi ngikwazi ukufundisa intsha ngemithetho yebhola kwazise umdlali noma engaba nekhono elinjani kepha uma engayazi imithetho yebhola ngeke eyendawo kwazise zonke izinqumo ezizothathwa ngaye uzozibona zimcindezela".

" lomkhakha ubiza ukuthi ubewumqemana uphinde ubemehlomane ngokwenzeka enkundleni kanjalo uza nezingqinamba eziningi kepha ngizimisele ukuthi ngikhule ngiyephambili kuwo , ngiyafisa ukuzibona ngolunye usuku ngiphethe imidlalo ezingeni likazwelonke okungu SAFA elase Africa (CAF) nelomhlabawonke(FIFA), ngiyazi akulula kepha ukuzimisele nokuphokophelela ikhona okuyodala impumelelo" kuqhuba lensizwe egabe ngeziqu zobunjiniyela.

Njengoba imiqhudelwano ilokhu ithe chithi saka oPhongolo lonkana ulokhu ebonakala ephakathi nenkundla ephethe imidlalo kepha osagqame kakhulu kube ngowe Pongola Classic ne Pongola Juventus okungamaqembu athathwa njengezinkunzi oPhongolo ngenxa yeqophelo eliphezulu labadlali bawo nezinga eliphezulu lokuhleleka indlela aphethwe ngawo nakuwo lowomdlalo wawuphatha ngobunyoninco nangokukhulu ukuzimisela .

"Ngibukela kakhulu ku Khulekani Thusi onguNompempe we PSL nosuka lapha kusifunda sethu se Zululand, kanti nabantu abafana no Victor Gomez kanjalo no Makadebona waseNtaliyane u Pierluigi Collina" kuphetha uMelusi


Lalela nansi interview nalensizwa 


Wednesday, August 25, 2021

Abafaniswa nangalukhalo abezimnyama kuBafana Bafana

 


Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo brose ubuke eceleni kuqembu le Orlando Pirates ngesikhathi eqoka iqembu lesizwe lakuleli elizolimela kumidlalo emibili yokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba ezoba se Qatar ngonyaka ozayo.

IBafana Bafana izobhekana ne Zimbabwe kanye ne Ghana ngenyanga ebuyayo, uMqeqeshi wakuleli uqome ukungabizi muntu kompetha be Caf Champions League baka 1995 i Orlando kanjalo waphinda wamshaya ngesithende umdlali oqokwe ngengomdlali wasemumva wonyaka uNjabulo 'Roadblock' Ngcobo nokhuhla ibhentshi kuqembu lakhe elisha iKaizef Chiefs. Abadlali abafana no Lebusa we Sundowns no Maela we Pirates



babekwe eceleleni ngenxa yokulima

Selilonke iqembu leBafana Bafana eliqokiwd lime kanje

Onozinti 

Bruce Bvuma, Ronwen Williams no Veli Mothwa

Abasemumva

Nyiko Mmobie, Rushine De Reuck, Thapelo Morena, Siyanda Xulu, Thibang Phete, Thabani Dube no Sibusiso Mabiliso.

Abaseswini

Sipho Mbule, Njabuli Bloem, Teboho Mokoena, Ethan Brooks, Yusuf Maart , Mthobi Mvala

Abaphambili

Thabiso Kutumela, Percy Tau, Gift Links, Evidence Makgopa, Victor Letsoalo no Bongokuhle Hlongwane no Lurther Sighn

Tuesday, August 24, 2021

Igwejiwe iRoyal AM


Iqembu leRoyal AM ligwejiwe yiPSL ngokungalubhadi emidlalweni yokuhlungela phecelezi PSL playoff okuyimidlalo okwakumele liyidlale ne Richards Bay United ne Chippa United.

IRoyal AM nosekungumlando ukuthi isidlala ku PSL emva kokuthenga ubulungu be Bloemfontein Celtic igwetshwe imali engu 1Million ngomdlalo nokwenza u4 Million njengiba imidlalo yabamine, lo 4 Million wehlisiwe waba ngu 2.4 Million nophinde walengiselwa iminyaka emibili kanjalo yaphinda yadonselwa amaphuzu ayishumi nambili (12) nelengiselwe unyaka.


Thursday, July 29, 2021

Lisemizweni yakhe ibhola uPinky

 

Sithunyelwe

Cishe kukancane uma kunemidlalo yebhola oPhongolo ungalizwa igama lika Pinky Mitchell ongumlandeli omkhulu webhola lezinyawo futhi ungamboni enkundleni.

Lentokazi esencane yasendaweni yase Mhlakeni oPhongolo ilandise i NPG Online news ngothando lwayo ngebhola kwazise ivame ukubonakala ezinkundleni zezemidlalo ikakhulukazi eMngomane Stadium eMphafeni.

"Uthando lwami lwebhola lwaqala ngo 2015 ngisaseskoleni Ophongolo High school ngangibuka indlela owayevimba ngayo  u Yaya Tembe nowayevimbela isikole, ngalesosikhathi kanti kuzoba nemidlalo kamasipala ngahamba ngayoyibuka eNsiligwane ngenhlanhla iwadi lethu layinqoba lemidlalo nalapho futhi uYaya engangimlandela indlela adlala ngayo washaya intoyamehlo".

Lentokazi  engumlandeli omkhulu we Kaizer Chiefs ikubeke kwacaca ukuthi lapha oPhongolo ingumlandeni we Pongola Classic ne Juventus kanti kubadlali ezifelayo ngebhola labo abantu abafana no Avbob Xolani avbob we Pongola Clasic ,Serero juventus ..uNhlakanipho Mkhwanazi nowake wadlala ku Polokwane City nosedlala ku juventus, Smanga Xaba we Pongola Classic, Nhlaka we Tiger boys kanye no Thabani uTornado we juventus.

Nakuba iningi lontanga yakhe u Pinky bephupha ngemisebenzi ethintana kakhulu nokuba ngumuntu wesifazane kepha kulentokazi izibona eminyakeni ezayo ingumhlaziyi webhola kumabonakude.

Njengoba amazwe amaningi ezovula imidlalo yeligi akungabazeki ukuthi lentokazi isimagange ukubukela amaligi amakhulu emhlabeni afana ne DSTV Premiership yakuleli, Laliga, EPL, Seria A namanye amaningi. 


  

Sunday, July 4, 2021

Lilokhu liqhubekile nokumboza ifu elimnyama kuleli


 Indima yezokuncebeleka kuleli ilokhu iqhubekile nokugubhezelwa yifu elimnyama njengoba banda osaziwayo abadlulayo emhlabeni.

Ngokusa kwaNgolwesine sivuke nezindaba zokudlula emhlabeni kwenkakha yezomculo uBaba u Steve Kekana woumo lwengoma ethi take you love  emva kokugula isikhashana. UKekana nobeseneminyaka engu 62 nobephila ngokukhubazeka kazise wahlaselwa isifo sokuvaleka amehlo esemncane izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe uMphathi womculo wakhe u Xolani Majozi.




Ngalo futhi ulwesine kuphinde kwavela izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni komlingisi u Mutodi Nesheshe wodumo lokudlala indawo ka Ndalamo kumdlalo owuchungechunge iu Muvhango, uMutodi uke wadlala kweminye imidlalo efana no Generations the legacy, Tshisa neminye eminingi yakuleli neyaphesheya kwezilwandle.



Friday, July 2, 2021

Usethe khumu ebholeni uYeye


Usewagaxe emgibeni amakhokho u Renelwe 'Yeye' Letsholonyane(39) emva kweminyaka engamashumi amabili (20) edlala ibhola elikhokhelwayo.

UYeye nokungesinye seziteketiso zika Letsholonyane waqala ukugqama ebholeni lakuleli egijima ku Jomo Cosmos ngaphambi kokuyodlala ku Kaizer chiefs nalapha ahlala khona isikhathi eside nokuthe ngokuhamba kwesikhathu wafudukela ku Highlands Park negcine isiyi TS Galaxy nokuyilapho ewagaxe emgibeni esedlalela yona.

Lensizwa idlale amahlandka angu 50 washaya amagoli amabili kuBafana Bafana yayikhona kumdlalo we Confederations cup ngo 2009 kanjalo nakundebe yimhlaba eyayikuleli ngo 2010 waphunda wammela elakuleli nakundebe ye CAF Afrucan cup of Nations ngonyaka ka 2013 nangi 2015.

Sekuze kwamlungela uNtshumayelo

 


Lize lamgidela elakubo uThandani 'Bibo' Ntshumayelo idlozi ngesikhathi ecikica isivumelano sonyaka neqembu le Swallows FC, lezindaba ziqinisekiswe ngu Msakazi wezemidlalo uRobert Marawa.

UBibo nowakhulela kuqembu le Supersport United ubesemabhukwini eBaroka FC ngesizini edlule ngaohambi kokumkhulula nokube yiqembu lokuqala elamsayinisa emva kwesigwebo seminyaka emithathu asithola ngenxa yokutholakala kokuthi ubesebenzisa isikhuthazi esingavumelekile egazi esadlala ku Orlando Pirates.

Iqedile ukubhantinta iKaizer Chiefs


 Iqembu leKaizer Chiefs lisiqedile isigwebo salo sokungasayinisi amahlandla amabili nesayinikwa isigungu esiphethibhola emhlabeni iFIFA. Amakhosi azithola ebhekene nalesimo sokungathengi abadlali emva kokuba iqembu lase Madagascar i Malagasy yafaka isikhalazo kuFIFa sokuthi iChiefs iqhwage umdlali wayo u Adriamirado 'Dax' Adrianarimanana ngo 2018.

Amakhosi ayidlale yonke isizini eyedlule ngale kokuthenga umdlali nokufakazelwe ukungena sekuvalwe amehlo kumqhudelwano we MTN8 nalapha abeseqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisane no Dillion Shepard emva kokuxoshwa kuka Gavin Hunt obeyiqeqesha lokhu kuqale lesizini. 

Njengoba AMakhosi esesiqedile isigwebo sawo asevele abathengile abafana abafana no Sfiso Hlanti, Phathudzaye Nange, Njabulo Ngcobo kusalindeleke abanye ezobethula ngokuhamba kwesikhathi kanti ibukeka ingaxhamazeli kwazise isahlalelwe umdlalo onzima wamanqamu e Caf Champions league nazoyidlala ne Al Ahly yaseGibhithe neqeqeshwa ngu Pitso Mosimane emasontweni amabili azayo.




Saturday, June 26, 2021

Abheke kweyamanqamu Amakhosi

 


Kuqopheke umlando enqenjini lape Kaizer Chiefs ngesikhathi engena okokuqala ngqa kumidlalo yamanqamu e CAF Champions league ngomgqibelo ebusuku emva komdlalo wawo ne Wydad Casablanca yase Morocco.

Amakhosi nabeqeqeshwa ngu Arthur '10111' Zwane ebambisene no Dillion Sheppard adlale ngokulingana ngo 0-0  e FNB Stadium nokuwawezele ngaphesheya kwazise igcine inqoba ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa yomibili imidlalo, njengoba yawunqoba ngo 1-0 umlenze wokuqala nowawuse Morocco.

Kulindeleke ezika Shintsha Guluva ziyidlala umdlalo wamanqamu ne Al Ahly ne qeqeshwa ngu Pitso Mosimane wakuleli nokuyoba kungomdlalo ozodlalwa kanye ezweni lase Morocco mhla zingu 17 KuNtulikazi.


Friday, June 25, 2021

Beziwushaya ku Number 5

Sithunyelwe

 Isilomo somdlali we volley ball kumiqhudelwano yo thisha kazwelonke u Sfiso 'Number 5 ' Mathebula zimphelele izinsuku zokuba yimpohlo emva kokubopha ifindo lika sofasilahlane nesinqandamathe sakhe u Zamanyuswa Mathebula uka Meyiwa ngempelasonto edlule eMnambithi.

USfiso nobuye ebe nguThishomkhulu eLindokuhle Primary eNquthu ubengakwazi kuzibamba ngenxa yenjabulo anayo emva kwendumezulu yomshado nebihanjelwe imindeni yomibili, izihlobo  nedlanzana labazalwane akhonza nabo kubandla laMakhatholika ngenxa yemithetho eqinile ye covid.

Lezithandani sezinesikhathi zaba ndawonye njengoba kwazise zike zaba undabamlonyeni mhla kubonakala u Mathebula ecela umshado bukhoma kwenye yezindawo ephambili yokudla, neyabese indulelwa amalobolo ayevela kwelase Mtubatuba lapha kudabuka khona  uNumber 5 nokuyisiteketiso sakhe kubhola le volley ball njengoba abuye egijime kuqembu laso Phongolo elibizwa ngokuthi yi Pongola  Blockbusters.




Wednesday, June 23, 2021

Uzoqhubeka nokuqhoqhobala amadomu uNcane


Umsizi womqeqeshi weBafana Bafana uHelman 'Ncane' Mkhelele uzoqhubeka nokuba umaqhuzu eqembini lesizwe iBafana Bafana emidlalweni elandelayo yomqhudelwano we COSAFA cup nezobanjelwa eMpumalanga Kapa kuleli. UMkhalele nobambele uHugo Broos nosayogomela i covid kwelakubo e Belgium ukucacisile ukuthi nakuba ezimisele ngokunqoba lomqhudekwano keoha uzobadedela abadlali be Kaizer Chiefs kwazise isilunguzile kumdlalo wamanqamu e CAF Champions league njengoba ishaye i Wydad Casablanca yase Morroco ngo 1-0 kweyandulela amanqamu.

Lomqhudelwano we COSAFA cup nokungumqhudelwano wasemazansi ne Afrika uhlekwe ngaloluhlobo 

Kuqoqo lokuqala kuqhathwe i Botswana, Eswatini, Lesotho nomzansi Africa 

Kuqoqo lesibilii Comoros, Madagascar, Zambia ne Malawi

Kuqoqo lesithathu yi Senegal (emenyiwe), iZimbabwe, Namibia ne Mizambuque


Selilonke iqembu leBafana bafana lime kanje 

 Onozinti: Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs) & Sifiso Mlungwana (Golden Arrows)
Abasemumva: Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns), Denwin Farmer (Baroka), Siyabonga Ngezana (Kaizer Chiefs), Njabulo Ngcobo (Swallows FC), Keenan Phillips (Supersport United), Mashweu Mphahlele (Baroka), Sifiso Ngobeni (Bloemfontein Celtic) & Bongani Sam (Orlando Pirates)
Abaseswini: Sphelele Mkhulise (Mamelodi Sundowns), Ethan Brooks (TS Galaxy), Siyethemba Sithebe (AmaZulu), Kgaogelo Sekgota (Swallows FC), Tiklas Thutlwa (Black Leopards), Happy Mashiane (Kaizer Chiefs), Vincent Pule (Orlando Pirates) & Goodman Mosele (Baroka)
Abagadli: Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates) no Bongokuhle Hlongwane ( Maritzburg United)

Uzibona egijima kwelidlala ku PSL noma NFD u Avbob

U Avbob esebangcwaba 

Uzibona elandela ezinyathelweni zabadlali abafana no Eric Buthelezi, Mxolisi Mhlanga, Nhlakanipho Mkhwanazi, Thobani Mmema no Sphesihle Ntshangase basoPhongolo abake badlala kumaqembu ku PSL naku NFD u Xolani 'Avbob' Masuku.

Lensizwa esencane engoyokuzakwa eMadanyini  negijima ku Pongola Classic ikhuluma ne NPG online news ithe "Ngifisa ukuzibona ngiyaphambili ngebhola nami ngivele ku TV, ngenze uMama eziqhenye ngami kwazise uMama u iwa evuka nami futhi naye kuyisifiso sakhe ukungibona ngindlondlobala ngebhola"

Uthando nekhono lebhola lwalensizwa eneminyaka engu 23 lwagqama isafunda emabangeni aphansi Emnyame Primary kanjalo nase Mbhekwa High School nalaphoaphothula khona uMatikuletsheni. Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uma kunemiqhudelwano yebhola oPhongolo yilowo nalowo umuntu usuka ezobuka lensizwa kwazise ilitapeyita kuchwaze inkundla.

Saturday, June 19, 2021

Ubanyakazisa ngamaPiano owasoPhongolo ongumsakazi eLondon


Uma ubuzitshela ukuthi uma use London uzothi uvulela umsakazo wakhona i Groove London Radio Station uzwe iRock, pop music kuphela khohlwa uma kuseno Alex Masango odume ngelika The legendary DJ ongowokuzalwa oPhongolo nosezinze eLondon lapha angumsakazi khona walomsakazo.

Lensizwa eshayela uhlelo olubizwa ngokuthi yi Rhythm Nation nolungena ngolwesibili ngehora lesihlanu kuya kwelesikhombisa ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika isinike inqwaba yo DJ abaphuma oPhongolo ithuba lokuthi bedlale ingxube yomculo ohlanganisiwe phecelezi ama mix ohlelelweni lwayo.

Ekhuluma ne NPG online news uthe "Uhlelo lwami lungolomculo yingakho ngiyaye ngimmeme oDJ umhlaba wonke ukuthi bezodlala ohlelweni,manje nami ngiyaye ngenze isiqiniseko sokungakhohlwa langiphuma khona oPhongolo, yingakho ngiyaye ngibammeme abafowethu basoPhongolo ohlelweni".


Uhlelo lwalensizwa alugcini ngokunika o Dj abakuleli ithuba luphinde lunike nomculo ovutshelwe kuleli ukuthi waziwe umhlaba wonke, umculo ofana ne Gqomu kanye nama Piano.

Ibuye nesikhuni sivutha iKaizer Chiefs e Morroco


 Iqembu leKaizer Chiefs liqhubekile nokushaya into ecokeme emidlalweni ye CAF Champions league ngesikhathi libhaxabulela Wydad Casablanca esibayeni sayo i Mohamed V Stdium eMorroco.

Ezikashintsha guluva okungamakhosi phela adandabule leliqembu ngomude u 1-0 nokube igoli elingene ngesiwombe sokuqala nelishaywe uNirkovic. Amakhosi nosekuyilona lodwa iqembu lase mazansi ne Africa eselisele kumaqembu amane kulemidlalo lisasalelwe umdlalo womlenze wesibili nayo Wydad Casablanca nozoba se FNB Stadium ngempelasonto ezayo, uma lingadlala ngokulinga ngo 0-0 noma ngo1-1 lizoya kodlala umdlalo wamanqama nozonqoba phakathi kwe Al Ahly ne Esperance kanti vele ezikaPitso Mosimane i Al Ahly zinqobile eTunisia ngo 1-0 izolo, nokubukeka kukuncane isekungazivimba ukuqedela umsebenzi kumlenze wesibili nozoba seGibhethe ngempelasonto ezayo

Okuqaphelekile kulemidlayo yombili ebidlalwa izolo ukuthi uCAF ibavumele abalandeli abayizinkulungwane ezinhlanu ukuthi bezobukela umdlalo, akwaziwake noma kusazokwenzeka okufanayo yini ngemilenze yesibili njengoba kuke kwaba nesixakaxaka esikhulu eTunisia abalandeli besusa uthuthuva nouphoqe amaphoyisa ukubahlakaza ngesisi esikhalisa unyembezi.

Kumdlalo we Kaizer Chiefs ubukeke eya ngokundlondlobala u Bruce Bvuma ezintini ngoba uphinde washaya into ecokeme engangenelwa goli nokuthe uma umdlalo uphela wakhihla isililo, lokushaya into ecokeme kuka Bvuma kubukeka kumjabulisa kakhulu uMqeqeshi omusha weBafana Bafana u Hugo Broos nowahluleka ukuzifika ngokuthi uyazifela ngalonozinti obanga ijezi no Itumeleng Khune no Akpei kuMakhosi

Aqalile ama play offs

 

🔆🔆✔

Emva komzukuzuku womdonsiswano phakathi kwe qembu le Royal AM ne PSL lokugijimisana ezinkantolo ngesinqumo sokugixabeza iSekhukhune United ngamaphuzu amathathu igcine iqala imidlalo yokuhlunga namuhla ntambama.

Umdlalo wokuqala ubuphakathi kwe Chippa United eqede endaweni yeshumi nanhlanu ku DSTV premiership kanye ne Richards Bay United, lomdlalo unqotshwe iChippa United ngo 2-1 nokube ngamagoli ashaywe ngu Mthethwa noMdlinzo kwathi ele Rich boys nesiqeqeshwa ngu Allain Freeze lashaywa ngu Celani Vilane.

Umdlalo olandelayo usazomenyezelwa kwazise ebihleliwe iphzamisekile ngesikhathi iRoyal Am ifaka icala nokwaphiqa ukuthi imidlalo ihlehliswe.


✔Sisekuzo ezemidlalo ucikice isivumelwane seminyaka emithathu sokuba ngumsizi womqeqeshi u Mandla 'Mhloli' Ncikazi neqembu le Orlando Pirates, lesisinyathelo sika Ncikazi siza emva kokusula isigubhukane kuqembu le Lamontville Golden Arrows ekusombulukeni kwalelivi.

✔Iqembu le Mamelodi Sundowns seliqalile liqinisa amalungiselelo esizini ezayo njengoba selithenge u Neo Maema ku Bloemfontein Celtic ngezizumbulu zemali nezingadalukwanga nokungangabazeki ukuthi zizolifukula mbijana iqembu le Celtic kwazise lokhu liphefumula ngenxeba cishe amasizini amane manje selokhu laba ngaphansi kuka Max Shabalala.

✔Kuphelile nge TTM emva kokuthi ishintshe igama isizokwaziwa njenge Marumo Gallants lokhu kuza emva kokuthi maohakathi nesizini edlule owayenguMnikazi wayo u Lawrence Mulaudzi ayithengisela u  Abram Sello nokwakungamvumeli ukushintsha igama kwazise umthetho we NSL awukuvumeli ukushintshwa kwegama isiqalile imidlalo.

Thursday, June 17, 2021

Kwakuyiphupho lami ukuzisebenza - Linda wabantu

 


Cishe kuzona zonke izingane ezisuka zisafunda isikole uma uzibuza ngamaphupho azo ezinawo ezinye zifuna ukuba ngothisha, ezinye ngodokotela, ezinye ngamaphoyisa njalonjalo kepha ku Lindani 'Lindawabantu' Mthembu akubanga njalo wayezibona enendawo ethi yena yokugunda izinwele.

ULindani noyisibuko uma kukhulunywa ngentsha esebenzisa ikhono layo ukuziphilisa uthi wayengaziboni enza omunye umsebenzi ngaphandle kwalona wokucwala abantu izinwele nokuyiwona asedume ngawo uPhongolo lonkana.

"Eqinisweni uthando lokugunda izinwele ngaphiwa ujehova njengoba ngisakhula ekhaya umalume wasithengela umshini ukuthi sigundane, manje kwakuvele kube yimi othanda ukugunda abafowethu nokwathi uma omakhelwane bebona ikhona baqala bangicela ukuba ngibagunde" kuchaza lensizwa enesithabathaba somuzi endaweni yase Ncotshane oPhongolo.

Nakuba kungabanga lula ukuqala lelibhizinisi ezimelekwazise wake wasebenza kwezinye izindawo cishe iminyaka emihlanu nalapho ayeqongelela khona imali ukuze ebe nendawo yakhe yokusebenza. Namuhla sekubukeka njengephupho ukuthi usenendawo yakhe eseNcotshane eZitinini nehlezi iphithizela amakhasimende.

" Khona akubanga lula ukuzimela ngoba emqondweni wami nganginakho ukuqala ngizimele kepha amazwi engawatshelwa ngomunye uBaba engangivame ukumgunda nongu Thishomkhulu kwesinye isikole okungubaba uMavimbela angenza ngacabanga ngenye indlela ngoba wafika wangithethisa engibuza ukuthi ngiyosebenzela abantu koze kube nini" kuqhuba uLindani nongumfowabo omncane ka DJ Lucky Boeteng.

Eluqala lo,luhambo lokuzimela uLindawabantu wasizwa kakhulu nguye uBaba uMavimbela ngokumeseka nalapho aqala khona ebambisene nezinye izinsizwa ezimbili nokwathi makuqhubeka isikhathi wazimela yedwa njengoba namanje esazimele.

"Angifuni ukuqamba amanga kuyasebenzeka kakhulu kephake kudinga ukwazi  ukukhula ngomqondo ngoba imali ingakudidisa kakhulu ugcine usuyisebenzisa budlabha, mina nje ngaqongelela imali nenganginomqondo  wokuthi ngizothenge imoto kepha kwathi makuhamba isikhathi ngacabanga ukuthi angifune indawo ngakhe umuzi nengakwenza futhi angizisoli nakancane ngalokho".

Nakuba ebonakala ephumelela usuku nosuku kepha usazibona eya kude futhi elikhulisa leli bhizinisi lakhe. " Ngiyawuthanda kakhulu lomsebenzi futhi kwakuyisifiso sami ukuthi ngibe isibonelo entsheni ngokuthi awukho umsebenzi ongcono kunomunye, kwalona owami ungathatheka njengodelelekile kepha ngaphika nje ukuthi ngizokwenza isiqinisekiso sokuthi ngiphila impilo engingiphupha ngayo" kuphetha lensizwa esencane



Wednesday, June 16, 2021

Ligqashukile igoda ku Arrows no Ncikazi


Iqembu le Lamontville Golden Arrows linqume ukumdedele obengumqeqeshi walo uMandla ' Mhloli' Ncikazi namuhla ntambama.

UNcikazi ube nesizini enhle kakhulu kuleliqembu lika Manto Madlala kwazise liqede endaweni yesithathu nokuyindawo enhle kunazozonke elake laqeda likuyo selokhu laqala ukudlala esigabeni esiphezulu.

Sisekuzo ezithinta ibhola kulindeleke kusasa iqale imidlalo yokuhlungela ozongena ku DSTV Premiership phakathi kwamaqembu amathathu okuyi Royal AM, Chippa United kanye ne Richards Bay United. Akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba lemidlalo ihlehlisiwe ngenxa yokuthi i Royal AM ifake amaphepha enkantolo okuphikisana nesinqumo senkantolo sokuthi kukhushulwe iSekhukhune United ngoba yagixabezwa ngamaphuzu amathathu omdlalo wayo ne Polokwane City eyayiphule umthetho we Gladafrica Championship wokudlalisa abadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu 23.

Ufisa isabalale umhlaba wonke iLAS

 


Umsunguli wezimpahla zokugqoka ezibizwa nge LAS uNkosinathi 'Magane' Mlaba ulwela ukuthi zitholakale kuyoyonke indawo izimpahla zakhe ezithandwa kakhulu yintsha oPongolo njengoba kukancane ukuthi uhambe oPongolo ungadibani nomuntu eyigqokile.

Lensizwa yasoPhongolo kwaShoba yaqhamuka naleligama elithi LAS nelihumusheka ngokuthi Life after School emva kokubona impilo isinomehluko omkhulu emva kukamatikuletsheni.

" Impilo iyashintsha kakhulu uma usuphumile esikoleni kungabe uqeda ibanga leshumi ngoba kusuka kusho ukuthi okuningi usuzozibonela wena ukuthi ukwenza kanjani, impilo inzima emva kwesikole" kuchaza lensizwa ebuye ibe ngumeluleki wezezimali.

"Ngaqala ngazigqokela mina lezikipa ze LAS ngabona abantu bezithanda bacela ukuthi ngibenzele, nangempela ngabenzela baqala abantu banda abazifunayo lezikipa kanjalo abanye bafuna ngibenzele ama jacket nezinye izimpahla" kuqhuba uNkosinathi.

Nakuba engakabinaso isitolo lapha edayisela khona kepha usezinhlelweni zokuthi asivule kanjalo nokuthi abantu bekwazi ukuzithenga naku internet phecelezi i online shop. 


Lalela potcast 





Sunday, June 13, 2021

Bazozitika ngembizo yomculo oPhongolo

 Umphakathi wasoPhongolo namaphethelo uzozitika ngomculo emcimbini obizwa nge Mbizo Maskandi activation nozobe use Nsiligwane endaweni ebizwa nge Sunrise.

Ekhuluma ne NPG online news uMnumzane Nathi Shongwe uthe inhloso yalomcimbi ukugqugquzela intsha ukuthi izibandakanye nezikaqedisizungu ukuze ingezukungena ezidakamizweni kanjalo nasezintweni esingezinhle. Lomcimbi owalonyaka uzobuhanjelwe abaculi abafana no Mzukulu, Isichomane sasoPhongoli, Amazimase, Blaq Venomous, Mdibhozi, Zakaza Mkhweshisi, Nonkenyana, Stability, Ama catapillar,  Pin Code nabanye abaningi nokufaka phakathi oDJ.

Eqhubeka uShongwe mayelana namalungiselelo uthe " amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, nakuba sishaywa ukuthi asinabo abaxhasi konke esikwenzayo sikwenza ngezikhwepha zethu, siyafisa nje ngolunye usuku siluthole uxhaso ukuze sikwazi ukukhuphula izinga lalomcimbi".

Lomcimbi ozoba ngomhlaka 3 kuJuly uzoqala ngi 12 emini, amathikithi ayotholakala emnyango ngo R50 bese awezicubuthwane eba uR150

Saturday, June 12, 2021

Sekumiswe umdlalo we EURO kuquleka uKaptuteni

 


Umdlalo obuphakathi kwe Denmark ne Finland umisiwe emva kokuquleka kuka Kaptein we zwe lase Denmark u Chistien Erikson. 

Lomdlali we Inter Milan ubonakale egoba waquleka nalapha aphuthunywe khona ngabosizo lokuqala. Ngokwamanje imibiko eqondile ngesimo sakhe ibingakaqinisekiswa

Izodlala ku DSTV Premiership iSekhukhune United


 Iqembu le Sekhukhune United livunwe yinkantolo namuhla ecaleni eyayilifakile lokumangalela iPolokwane City ngokuthi ayiwulandelanga umthetho wokudlalisa abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka 23, kwazise onke amaqembu adlala ku Gladafrica Championship abekelwa lomthetho.

Inkantolo yakhipha isinqumo sokuthi iPSL igaxabeza iSekhukhune ngamagoli amathathu kanjalo namaphuzu amathathu, nokwenza iqwakele phezulu ngamaphuzu angu 53 kuthi endaweni yesibili sekuzoba i Royal AM yakwaZulu Natal nelandelwa yi Richards Bay United.

Lomdonsiswano ngalelicala waqala ngenyanga ephelile ngesikhathi inkantolo igixabeza iSekhukhune ngamaphuzu emva kokuthi yayifake lelicala imangalela iPolokwane City nezame ukusiphikisa lesinqumo kepha kwanhlanga zimuka nomoya.

Uphinde wadedela olunye ulozolo - Blaq venomous

 


Inkakha yomculo weHouse nebuye ibe ngu Mdidiyeli womculo uDJ Blaq venomous udedele ulozolo lwengoma esihloko esithi Sebenza nayenze ngokuhlanganyela no Msakazi we Nongoma FM u Cmbero. 

Lengoma Afro House eyenza kahle ezitolo zomculo ezitholakala emoyeni kwazise abantu bayithokozele.

uBlaq Venomous nogama lakhe langempela okungu Sifiso Dlamini waziwa kakhulu ngomculo wakhe we House obizwa ngokuthi iPongola Funk nokusuka kuyilapho ehlanganise khona izingoma zakhe phecelezi iMix.


UBlaq Venomous enza adume ngazo



Friday, June 11, 2021

Izokwetshisa izwi nokuzivocavoca intsha yase SSM

Sithunyelwe

 Izobe isheba izwi lenkosi nemdlalo kaNobhutshuzwayo intsha yebandla lika Bhishobhi uMalinga owengamele ibandla le Stand Still Ministries.

Lelibandla elinokomkhulu endaweni yakwaShoba oPhongolo lizobamba lizoqala ngenkonzo yentsha ngomhlaka 9 kuJuly ,nokuyothi ngomhlaka 10 bese liba nenkonzo yomkhuleko wentsha ebeyithola iziqu zemfundo ephakeme nezobanjwa kwelinye lamagatsha alelisonto esendaweni yakwa Bhembe khona oPhongolo neyiyobese isongwa ngokuzivocavoca phecelezi ama aerobics kanjalo nebhola lezinyawo nezobe isenkundleni yakwaShoba.

Ekhuluma ne NPG newsblog uBishop Malinga uthe " inhloso yenkonzo ukuthi sibungaze inyanga yabantu abasha okuwu June kephake thina njengebandla sanquma ukuyenza uma kuvalwa izikole, siyazi ukuthi uma sekuvalwe izikole bonke abantu abasha bebandla lethu bazokwazi ukuphumelela. Ngalenkonzo sizophinda siyisebenzise ukuhalalisela noma ukukhulekela abantu abasha ebebethola iziqu zabo kwazise bakhona abazitholile ngonyaka ophelile sangakwazi ukuba nabo ngenxa yesimo se covid, ngakhoke sizoba nabo kulenkonzo siphinde sigquqguzele nabanye abasafunda nabafisa ukuyofunda ukuthi lento iyenzeka, sophinda futhi sikhulekele nalaba abazisebenza bona nalaba abasemkhakheni wezemidlalo"


Lenkonzo izoqala ngomhlaka 9 ize iphele ngomhlaka 11kuNtulikazi neyosongwa ngesidlo senkosi.



Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...