Monday, October 31, 2016

Ahoxisiwe amacala abebhekene noNgqongqoshe wezezimali u Pravin Gordhan

Inhloko yophiko olushushisa amacala omphaka uMnu Shaun Abrahams uwahoxisile onke amacala abebekwe uNgqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan kanjalo nezinye izokhulu ayephethe nazo umnyango wezentela kuleli u Sars.

UMnu Gordhan wabekwa amacala okukhwabanisa nokungahambisi ngendlela ngesikhathi esaphethe lomnyango ngaphambi kokuqokelwa kulesisikhundla sokuba ngungqongqoshe.

Sunday, October 30, 2016

Ukudla komphefumulo

IZENZO 13:36
“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

1. U Davide wabe eyinkosi ekhathwe nguNkulunkulu.

2. UDavide wabamba imfihlo njengomholi. Imfihlo yile yokuthi isikhundlu ayekuso akasibukanga njengento yokuzigabisa ngayo. Waqonda ukuthi ubekwe kuso ukufeza icebo likaNkulunkulu. Wakhonza icebo likaNkulunkulu. Icebo kusho i plan kaNkulunkulu.

Sonke silethwe emhlabeni ukuzokwenza into ethile. Akekho umuntu ozalelwe ukungabi yilutho.
Sonke sizalelwe ukuzoshiya umlando othile ngempilo yethu.
Kufanele kube nento enhle abantu abazokukhumbula ngayo.
Into enkulu kuNkulunkulu wukwenza umehluko empilweni yalabo abalahliwe nababukelwa phansi.

Ngiphonsa inselelo kubobonke abafundi balengosi ake siyokwenza imehluko kubantu ngezindlela ezehlukene.

Amen!

Bishop B.M. Buthelezi
Zoe Christian Fellowship International
Cell. 0827546476

Sunday, October 23, 2016

Iqede ishobolo leminyaka iSundowns ithatha iChampions League

Emva kweminyaka engu 22 lagcina iqembu lasemazansi ne Afrika ukuphakamisa indebe ye Champions league kuthe kulalwa izolo iMamelodi Sundowns igeze izinhliziyo zabathandi bebhola bakulamazwe asezansi ne Afrika phecelezi Southern Africa  ngesikhathi ithatha lenkomishi enkulu kunazozonke ezwenikazi lase Afrika.

Abafana bestayela balwe ngandlela zonke kwazise iqembu le Zamalek belisebenzisa yonke inhlobo yobudlova ebeyikwazi ukuyisebenzisa ukuze ikwazi ukushaya amagoli amane kwazise yathola isibhaxu sika 3-0 ngeledlule nakuba abafana be Zamalek benqobile ngo 1-0 kufane nokudlalisa inyosi ngoju ngoba igcine ikhala phansi ngo 3-1 sekuhlanganiswa yomibili imidlalo.

Leliqembu lasePitoli lingelesibili ukunqoba lendebe kuleli kwazise yanqotshwa i Orlando Pirates ngo 1995 ishaya i Asec Arbijan ngo 2-1, ukuphumelela kwe Sundowns kusho ukuthi ngonyaka ozayo webhola amaqembu azomela iNingizimu Afrika azoba mane ku Champions league bese elizobe lilele endaweni yesihlanu liphelezele eliyoba linqobe i Nedbank cup beyodlala kumqhudelwano we Confederations cup neyagcina inqotshwa iKaizer Chiefs ngonyaka ka 2001 kumaqembu alapha eningizimu Africa.

Kulindeleke idowns itheleke kuleli nalapha izobe ilindwe esikhumulweni sezindiza izindimbane zabathandi bebhola kanjalo nezikhulu zebhola, izothi qubasha amaviki ambalwa iphinde ihambe iyodlala kundebe yomhlaba yamaqembu ngoZibandlela.


Tuesday, October 18, 2016

Isinqumo ngobuholi bebandla lakwaShembe sivune iMisebeyelanga

Ufike ekugcineni umbango ngobuholi bebandla laManazaretha emva kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo ngobuholi baleliqembu.

Inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi uMnu Vela Shembe nohola uhlangothi lwaseThengezinye nguyena ovunwe ilesinqumo.  Lombango osuthathe isikhathi esingangeminyaka emihlanu ubuphakathi kuka Mnu Mduduzi Shembe owaziwa ngokuthi uNyazilwezulu nohola uhlangothi lwaseBuhleni.

Lombango waqala ngesikhathi kukhothama umholi walelibandla elinamalungu ayizigidi iNkosi uThingolwenkosazane.

Sunday, October 16, 2016

Sishiye kukhalwa isiphepho oPhongolo

Isikole iMasithokoze 
Umoya obuvunguza ngamandla ezunzulwini zobusuku bangomgqibelo zishiye kumapeketwane emizini eminingi oPhongolo.

Lezindawo okubalwa eyakwashoba kunemizi ephephukelwe uphahla kwathi nasendaweni yaseMagengeni sashiya kukhalwa njengoba isikole sasendaweni iMasithokoze sipheshukelwe uphahla.

Akugcinanga ngokuphephuka kophahla kepha nogesi uphazamisekile njengoba kunezintambo zikagesi ezilimeld.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...