Thursday, October 20, 2022

kungabe ukusuza sekukhonga ukunya ngo Shalulile

Emva kwemidlalo emithathu engabonakali esikimini se Mamelodi Sundowns kuqubuke imvunge ngokunyamalala isigubhukane kuka Peter Shalulile. Omunye wesixaxa sabaQeqeshi be Mamelodi Sundowns uthe uShalulile unyamalele ngoba elimele isicubu sethanga. Kodwa oManalaphongikutshele bathi lomgadli wase Namibia udubile kuleliqembu ngoba kunamaqembu amfuna uthuli phesheya kwezilwandle.

Monday, October 17, 2022

Sithi Halala Mkhulandle ngokuphephezelisa uPhongolo ebalazweni

UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yababhali bezincwadi nebizwa nge The Book behind awards. Imcwadi ka Mfundisi u Vilane ethi 'Keeping the sizzle alive in marriage' izibhokle zonkee ebiqhudelana nazo kumunxa we Best relationship Analyst . Halala Mkhulandle halala!

Kuphele ukuqagela egixabezwa esikaSihlalo olaxaze i DA

Iqembu le Action SA neliholwa ngu Herman Mashaba limthule ngokusemthethweni uMnumzane Zwakele Mncwango njengelunga laleliqembu nophinde wagixabezwa ngesikhundla sokuba ngu Sihlalo kwaZulu Natal.

Sunday, October 9, 2022

Ube yimpumelelo uMkhuleko wasoPhongolo

Ukhukhulelangoqo womkhuleko wamabandla wonke asoPhongolo uhambe kahle kakhulu nobubanjelwe eNtabeni yasoPhondo esendaweni yakwaShoba. Lomkhuleko bekungowokukhulekela izingozi ezidla lubi ku N2, udlame olubhekisee kwabesifazane nezingane, ubugebengu nokunye okuningi okuhlalise kabi uMphakathi wonkana wasoPhongolo. UShlalo waBafundisi ngaphansi kukaMaspala waso Phongolo uBhishop SE Malinga ubonge wonke amabandla aphume ngothi lwawo kanjalo noMphakathi wonke wasoPhongolo ophumile wazoba yinxenye yalenkonzo

Tuesday, March 22, 2022

Siphose sabondwa sayekwa ku Athletico FC


 Kuphose kwabekwa iphini ngaphezulu kuqembu ke Athletico FC yase Deckville nehlelwe umshophi wokuba sengozini yemoto ibuya kodlala umdlalo wayo weligi yakwashoba nosekungumlando ukuthi ishaywe ngo 3-1 ishaywa ngamajaji angenazwelo nokuyi Black Poison fc.

Lengozi edalwe nowukuphelelwa ngamabhuleki kwemoto ebihamba leliqembu nokudale ukuthi iyokhalakathela emgodini owadalwa inkontileka eyayingawuqedanga umgwaqo wakwashoba. Amadlali ababandakanyeke kulengozi baphuthunyiswe emtholampili wakwashoba nalapha bethole khina ukwelashwa base beyadedelwa.




Wednesday, March 16, 2022

Sekuhlukene inhloko nesixhanti ku Bennie nezikamadlibhantshi

 Obengumqeqeshi weqembu la Mazulu FC uBennie McCarthy usehlukene ngesihle naleliqembu lika Mnumzane Sandile Zungu.

UBennie nosabambe umklomelo womqeqeshi wonyaka uhlukana neqembu losuthu ngemva kokungavunywa yimiphumela kwezikamadlibhantshi nezinkinobho zalo. 

Thursday, March 10, 2022

Ugadla ngabejwalekile kowobungani uBroos

 


Umqeqeshi weBafana Bafana uMnumzane Hugo Broos umemezele iqembu labajwayelekile abazodlala owobungani nezwe lase Drance ne zwe lase Guinea kulenyanga.

uBroos umemezela leliqembu nje iBafana Bafana yaphuma ikhihla esika Nandi emidlalweni yokuhlungela eyomnqamulajuqu wendebe yomhlaba nalapha lakhishwa yiGhana nokwaba wumdlalo owashukumisa umhlaba wonke ngenxa kaNondweba owayewuphethe enza izinqumo ezazikushiya ubambe ikhanda nosekungumlando ukuthi iGhana yaguqisa iBafana Bafana ngomkokotelo wephenathi.

Selilonke iqembu elizodlala kulemidlalo elandelayo limi kanje

Goalkeepers (4): Ronwen Williams (SuperSport United), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs), Veli Mothwa (AmaZulu), Brandon Petersen (Kaizer Chiefs)

Defenders (10): Nyiko Mobbie (Sekhukhune United), Siyanda Xulu (unattached), Terence Mashego (Cape Town City), Nkosinathi Sibisi (Golden Arrows), Sbonelo Cele (Golden Arrows), Veluyeke Zulu (Chippa United), Rivaldo Coetzee (Mamelodi Sundowns), Athenkosi Mcaba (Stellenbosch FC), Rushine de Reuck (Mamelodi Sundowns), Khuliso Mudau (Mamelodi Sundowns),

Midfielders (9): Keagan Dolly (Kaizer Chiefs), Mduduzi Mdantsane (Cape Town City), Ethan Brooks (TS Galaxy), Lyle Lakay (Mamelodi Sundowns), Thabang Monare (Orlando Pirates), Teboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), Goodman Mosele (Orlando Pirates), Bandile Shandu (Orlando Pirates), Pule Mmodi (Golden Arrows)

Strikers (6): Victor Letsoalo (Royal AM), Fagrie Lakay (Pyramids, Egypt), Percy Tau (Al Ahly, Egypt), Bongokuhle Hlongwane (Minnesota, USA), Lyle Forster (Westerlo, Belgium), Evidence Makgopa (Baroka FC)

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...