Saturday, April 30, 2016
ukudla komphefumulo no Mfu SJ Mhlongo webandla le Apostle Paul Gospel Ministries eNkandla
Ngicela ukubingelela ngosuku olukhulu lokuyodumisa oMdala kunezinsuku umuntu uJesu wase Nazaretha. Ngicela ukuthatha lelithuba ngedlulise ukubonga ekutheni nami ngibe yingxenye yalengosi. Ngiyakholwa ngisindisiwe ngemukela uJesu ebufaneni bami ngakhuliswa ngalenkonzo. Ngicela kesibhekisane lendatshana eseBhayibhelini etholakala kumaHubo kaDavide. AmaHubo 126:5-6"Abahlwayela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza. 6 Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwayela, uyqkubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe". Bahlobo bami ngeqiniso sazi kahle kamhlophe ukuthi uDavide wayengumuntu owaebuthakathaka kanganani kodwa enjalo wayeqiniseka ukuthi usuku nosuku uyazibuyisela kuNkulunkulu muzwe lapho ethi"Amahubo 51:1 Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu 2. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami"Nalana ke simthola ebuka uhambo lwakhe nezinkinga abhekane nazo nasabhekene nazo, ebuka uNkulunkulu esemvunisa intokozo ngemva kwezinyembezi akade ezikhala, sithola ukubaluleka kokuzwa ubuhlungu endleleni yekholwa ukuthi kunenzuzo engakanani yizwa kuvesi 5 ukuthi uthini, ukhuluma ngokuhlwayela, uma umuntu ehlwayela akayazi imbewu ezomila nengezukumila kodwa wethemba ukuthi kukhona ayokuthola mhla esevuna, aqhubeke athi ohamba ekhala izinyembezi ephethe imbewu yokuhlwanyelwa, uyakubuya ngokuthokoza manje ke engasaphethe izinyembezi kodwa izinyanda zakhe. Asiphethe ke Bahlobo emhlabeni wonke abantu bayakhala okholwayo uyakhala nongakholwa naye unokwakhe okummise kabi inkinga isekutheni ukhala nje uphethe nhloboni yembewu ngoba umuntu ozophumelela lana ohlwayela imbewu nophethe imbewu eyizwi lika Nkulunkulu. Kuyahlupha ukuphatha loluhlobo lwembewu ngoba kumele abe Ngozithibayo, ozihloniphayo oqondisisa kahle izwi lika Nkulunkulu. Kumshikashika obhekene nawo qaphela ukuthi nhloboni yembewu ekugcineni iyokuvunisa yini izinyanda zentokozo. UJesu akusize usacabanga ngeleNtshumayelo. UJesu wezela izehluleki ezifana nami nawe noDavide kodwa uzenzela umusa ebuthakathakeni bazo.UJesu akubusise usazoqala iviki.
Friday, April 29, 2016
ingahle ivalwe imayini yase Klipwal
Izikhulu eziphethe imayini esematheni kulezinsuku iKlipwal esoPongolo emva kwesigameko sokugqibeka kwabantu abebemba igolide ngokungemthetho.
Lemayini kubikwa ukuthi abaphathi bayo bafuna ukuyivala ngenxa yokuthi baningi abantu abamba igolide ngokuemthetho kulemayini eyavulwa ngo nyaka ka 1898.
Kuyimanje kusamisiwe ukufunwa kwabantu abathathu abagqitshwa yinhlabathi ngenxa yokuthi kuthiwa ayikho esimeni esikahle lemayini.

ubuyele ebholeni uDumi Mkokstad
Isihlabani somculo wokholo uMdumseni Ndimande nodume ngelika Dumi Mkokstad nesidume ngezingoma zokholo ezivuselelayo sibuyele ebholeni.
UMkokstad ujoyine iqembu likaMabhuti Khanyeza ogijima ku Lamontville Golden Arrows nelibizwa nge Triton FC egijima ku SAB ngaphansi kukasoseshini wase Thekwini.
Lensizwa eneminyaka ewu 25 ayisiye umafundane kwezebhola kwazise ubedlala enkulisa yamaqembu afana no marizburg United ne African Wanderers.
Nakuba ematasa ngomculo kepha uthi akalenzi iphutha lokuphutha ukuyozilolonga neqembu kanjalo nangosuku lomdlalo uyazibandakanya nalo. Usazimisele ngokuthi uma livela ithuba lokuzibonakalisa emaqenjini agijima ku PSL alibambe ngezandla zombili lelothuba.

Wednesday, April 27, 2016
usizwe ukuthi nyawo zami ngibelethe uskhotheni obezama ukubamba inkunzi
Inswelaboya yomgulukudu kaskhotheni isinde ngokulambisa kubantu abebecela ukugitsheliswa izimoto empambanweni yomgwaqo obheke kwanongoma/ Vryheid naseMpangeni uma uphuma edolobheni lasoPhongolo.
Lowesilisa osekhulile ubeyocela ukugitshezwa naye empambanweni yomgwaqo kanti kuzothi esehamba phansi kwezihlahla wasumvukela lomgulukudu wazama ukuhlwitha isikhwama salobaba nalwe naso ebe ememeza ecela ukulekelelwa nokuthe uma abantu bezwa bazama ukuya khona wabaleka waswela isithunzi lomguludu

bekukuhle kudelile inyunyana yabasebenzi bezemfundo imukela amalunga amasha
Inyunyana yabasebenzi bezemfundo iNATU oPhongolo ibiyenze isiphihli somcimbi yamukela amalungu amasha ajoyine lenyunyana eneminyaka ewu 98 yasungulwa.
Abalelwa ku 150 amalunga amasha abezokwemukelwa kulomcimbi obuwenzelwe endaweni ebizwa ngokuthi iDweba lapha okuyindawo enedamu.
Nakuba lomcimbi ubukulendawo ebudebuduze nedolobha lasoPhongolo kuqalwe kwaviliyelwa nokungezinye zezinto leligatsha lalenyunyana oPhongolo elidume ngayo kwazise kuyoyonke imicimbi nemigubho yalenyunyana ibona abahlala beviliyela okwamasotsha.

Saturday, April 23, 2016
ithembise impilo engcono iDA uma inganqoba ukhetho lohulumeni basekhaya.
Iqembu le Democratic alliance nelaziwa ngokuthi iDA izolo lithule umqulu walo wokhetho lwalonyaka njengoba kuwunyaka wokuvotela omasipala, lengqungquthela ibibanjelwe eRand Stadium egoli izolo.
Kulengqungquthela bekugcwele intsha ebingqoke imibala yaleliqembu okuwumbala oluhlaza njengesibhakabhaka, enkulumeni ethulwe umholi waleliqembu u Mmusi Maimane uthembise ukuthi uma abantu bezovotela iqembu le DA kuningi abazokwenza okubala phakathi amathuba omsebenzi, amanzi nogesi nezindlu zangasese kanjalo nezindlu zokuhlala.
Nalaba abagaqele ezikhundla zokuba izimeya komasipala abakhulu okubalwa iTshwane, Mandela bay, Durban nowase Ekurhuleni nabo bakhulumile bathembisa abantu abazobenzela khona uma bengabavotela.

anqobe engasaphelele amabhakaniya kowe Nedbank cup ePitoli
Iqembu le Orlando Pirates lilingisi ibhubesi elilimele elilwela ukufa nokuphila, kanjalo namabhakaniya aphendule amatafula emdlalweni weNedbank cup ngesikhathi lishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-0 esikhathini esengeziwe phecelezi extra time.
Nakuba amabhakaniya kuthe ngomzuzu ka 70 asithola eseshoda emva kokuthi u Edwirn Gymah ethola ikhadi elibomvu nelidalwe ukuthola amakhadi amabili aphuzo.
Umdlalo uphele ngo 0-0 esikhathi esejwayelekile nokubese kuphoqa umdlalo ukuthi uye ku extra time nakhona isiwombe sokuqala siphele ngawo u0-0 nokuthe ngesiwombe sesibili se extra time wonke umuntu ubesebona ukuthi kuzoyiwa kumaphenathi kanti kuzongena uThabo Qalinga nongene neminyakazo emihle ehambisana nemijiko okunguyena ofake elihle ibhola nelithole uTendai Ndoro wangananaza uNdoro walibeka ezintanjeni nokuthe kungakapheli sikhathi esingakanani wabuya uMpho Makola washaya elesibili wacwila kanjalo ke umkhumbi ka Pitso Mosimane noqeda kuphuma futhi emidlalweni ye Caf Champions league ngolweaithathu.
Kweminye imidlalo ngolwesihlanu iBlack aces ishaywe iSupersport united ngo 2-1 kwathi khonĂ izolo iFree State Stars ishaye i Bidvest wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0 ku extra time.
Namuhla kulindeleke umdlalo ophakathi kwe Polokwane City ne Baroka FC okuyilona qembu eselisele elingadlali ku PSL.

Subscribe to:
Posts (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...