Friday, January 29, 2016

Uvele wathi nya u Erasmus kumabhakaniya

Isikhwishikhwishi somgadli wezimnyama uKermit Erasmus nebesiyintandokazi kubalandeli bezimnyama ngenxa yamandla neminyakazo emihle ebeshiya idide izitobha eziningi umangaze abalandeli kanjalo nomqeqeshi wezimnyama  ngesikhathi ethulwa njengomdlali omusha weqembu eligijima esigabeni esikhulu se ligi yaseFrance I Rennes.

Umqeqeshi wamabhakaniya uEric Tintler uthuke koma namathe ngesikhathi ezwa kuthiwa kunedili likamkhipheni eFrance kwazise kumukelwa umgadli abezitshela ukuthi uzobulala ngaye Amakhosi emdlalweni womkhaya ngomgqibelo/ ngesabatha ntambama e Fnb emdlalweni weligi.

Ebuzwa umfokaTinkler ngokuhamba kuka Erasmus uthe "<mina ngazi ukuthi u Kermit uyolungisa izinto zomndeni eHolland ngiyakweshwama ukuthi usengumdlali we Rennes".

Sisekuzo ezithinta abadlali abayodlala pheshesha lowo obengukaputeni weminyaka we ajax Cape Town uGrandwald Scott usayine eqenjini lase Slovenia elibizwa nge SK Slovan Bratislava

Sunday, January 24, 2016

Bekungamathantala ezinyembezi eSoweto kulempelasonto

Kube impelasonto ebigcwele izinyembezi kubalandeli bamaqembu athathwa njengamakhulu ezweni laseNingizimu Africa okuyi Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates. Izinto ziqale ukuwabhedela lamaqembu ngomgqibelo ngesikhathi iOrlando Pirates ibhendula isitebhisi sokukhuphuka kuJomo Cosmos enqobe ngegoli elilodwa eqandeni nokuyigoli elishaywe ngu Mashumba ngomzuzu ka75.

Njengenjwayelo kuthe kuphela lomdlalo wezimnyama abalandeli bezimpofana bebehleka kuvela elomhlathi kwazise bese zishayiwe izimbangi zabo ezinkulu, kanti ababuzanga elangeni nokuthe ngesonto kwashintsha ukuhleka kwaba ukukhala ngenxa yokuthi iPlutnum Stars ibuye seliyoshona yashaya amagoli amabili okube ngaka eLeazer Rogers abegqiba elika Abraw nobese kuwashiya noduma lwengozi ka2-1 Amakhosi.

Sisekuzo ezithinta imidlalo yePSL iMamelodi Sundowns iqhubekile nokwenza kahle ngesikhathi ishaya omkhaya bayo I super Sport United NGO 2-0 ngomgqibelo ebusuku. Komunye umdlalo womkhaya I free State Stars idlule ngo 1-0 kuBloemfontein Celtic. IChippa United ibhudluze kabuhlungu I Ajax Cape Town ngo 3-1 ngesonto ntambama eBhayi. IBidvest Wits inike impama ka5-0 iPolokwane City mngolwesihlanu ebusuku. Kwase AmaTuks adonsa amatomu kuBlack Aces nebibonakala isigabavula kuLog nokube ngu1-0 kuwina Amatuks

Monday, January 11, 2016

Zisabhula amaphiko izikole ezisedolobheni opongolo

Zisebenze kanje izikole zasophongolo ngonyaka ophelile kumatikuletsheni (2015)     

Pongola akademie-100%
Vusisizwe-100%
Landokwakhe-84.0
Bambanani-79.9
Dingukwazi-79.0
Mpindiso-73.3
Khulumeluzulu-72.3
Langa-71.1
Sibumbene-68.4
Magutshwa-68.1
Vukanimazulu- 66.7
Bonginhlanhla- 65.3
Masiphula-65.3
Dwaleni-63.6
Enhlanhleni- 60.9
Mtshekula-58.8
Mlomokazulu-57.7
Sozama-54.7
Ntonga- 53.8
Sigqamise-53.8
Siqalukubona-52.9
Sebenzakanzima-48.6
Opongolo H-44.9
Pongo LA inter-44.9
Magwegwana-41.2
Kwamzwentsha-36.5
Mbhekwa-35.0
Khoza-32.8
Umgnama-23.3
Somile-22.2

Monday, December 14, 2015

Lisenethini - Kuthakandize"umfana kagogo"

Injini yeqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu23 uSphelele Ntshangase uthi ujabule njengengane ibona amaswidi kwazise amabombho abheke emidlalweni yama Olympics engonyakabozayo edolobheni elibizwa nge Rio de Janeiro kwelase Brazil.

UNtshangase nobuye ayihlikihle kuBafana Bafana naku Black Leopard ubekhuluma me NPG Newsblog eseSenegal nalapha bebeqeda kushaya kabuhlungu yona iSenegal nebingosokhaya balemidlalo nalapha ishaywe NGO 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi nokuthe uFebruary ongunozinti we south Africa waxhakathisa amathathu.

Lomphhumela ubeke iSouth Africa endaweni yesithathu ilandele iAlgeria ne Nigeria kwabaya kuma Olympics

Kuphinde kwashintsha umshovo kwesikangqongqoshe wezezimali

UMnu David van Rooyen Ubesabeke isinqa esisodwa wathi esebeka esesibili kwathiwa engabe esahlala akadedele uMnu Paving Gordhan esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezezimali kukhabinethi kazwelonke.

UMnu van Rooyen ususwa nje kulesikhundla ubesabezinsuku ezine eqokiwe emva kokususwa isigubhukane kukaMnu Nhlanhla Nene obephethe lomnyango nobese egixabezwa ngesinye isikhundla ebhange lamazwe angaphansi kwe Brics.

Inkonyane izobe ingathuki sidings Ku Mnu Pavin Gordhan kwazise uyena obeqhoqhobele lesikhundla ngehlandla lokuqala Lima Mnu Jacob Zuma kwesobungameli bezwe.

Friday, December 11, 2015

Izindaba zomphakathi - ugwetshiwe owabulala wahlinza ingane eNcotshane

Inkantolo yesifunda sasoPhongola igwetshwe udilikajele neminyaka engu 20 ngaphezulu uSbongiseni Magagula ngamacala amane okungelokubulala amabili okuthumba nelilodwa lokuzama ukubulala.

Lendoda ilahlwe ngamacala abandakanya elokulawa komfanyana waseNcotshane uLungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zesidumbu zakhe esontweni laseNcotshane ngonyaka odluke.

Thursday, December 10, 2015

Izindaba zomphakathi - kuzophuma isigwebo ngolahlwe ngamacala ezicubu zamfanyana wasencotshane

Sizokhishwa kusasa isigwebo mayelana nesigameko sokutholakala kwezicubu zomzimba zomfanyana waseNcotshane esenzeka ngonyaka ophelile.

Indoda engu Sbongiseni Magagula nebivele namuhla enkantolo yesifunda oPhongolo izogwetshwa kusasa ngamacala amane ebekwe wona okungawokuthumba amabili elokuzama ukubulala nelokubulala umfanyana ongu Lungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zomzimba wakhe  esontweni elisencotshane kusigceme sakwa B ngo Ntulikazi wangonyaka odlule.

Lesigameko nesazamazamisa izwe nalapho kwaboshwa kwabuya kwadedelwa uMfundisi walelisonto ngenxa yobufakazi obungahlangananga. Umphakathi wavuka umbhejazana washisa isonto wabuya wayothungela amahhovisi kandabazabantu Khona encotshane.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...